Umbutho ungenelela ngamandla empini yesifunda iTigray e-Ethiopia



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ezombutho zase-Ethiopia zibike ukuthi sezibulale amalungu ali-15 eqembu ebelibusa esifundeni iTigray futhi zabopha abanye abayisishiyagalombili, ngokusho kwethelevishini kaHulumeni waleli lizwe.
Kuvezwa uBrigadier omkhulu wezombutho wakuleli lizwe, inhlangano yezokusakaza ephethwe uHulumeni ithe abanye ababoshiwe kubalwa lowo owayenguMengameli walesi sifunda u-Abay Weldu, owake waba nguSihlalo weqembu ebelibusa lesi sifunda. Kulaba ababulewe kubalwa nalowo obengusekela khomishana wamaphoyisa.
UNdunankulu waleli lizwe u-Abiy Ahmed kanye noHulumeni wakhe bamemezele ukunqoba empini yabo kanye neqembu iTigray People’s Liberation Front (TPLF), okuyiqembu lepolitiki ebelilawula lesi sifunda ngenyanga uLwezi ngemuva kwenyanga kunempi.
Abaholi ababalekile beTPLF bafunga ukuthi bazoqhubeka nokulwa ezintabeni kepha ababange besatholakala ukuthi baphawule ngalolu daba. Lesi simemezelo sakamuva ngababoshiwe kanye nababulewe siqhamuka ngemuva kokuthi ezombutho ngesonto eledlule zithe zibophe uMnu uSebhat Nega ongumsunguli weqembu iTPLF.
U-Weldu wayenguMengameli walesi sifunda kusukela ngowezi-2010 kuya kowezi-2018. Isikhundla sakhe sathathwa yilowo osengumholi waleli qembu uDebretsion Gebremichael.
U-Weldu wayenguSihlalo waleli qembu kusuka ngowezi-2012 kuya kowezi-2017, waphinde lesi khundla wasidlulisela kuDebretsion
OwayeyiSekela Mengameli walesi sifunda u-Abraham Tekeste, naye kuvela ukuthi uboshiwe. UTekeste wayenguNgqongqoshe wezimali kuHulumeni omkhulu kusuka ngowezi-2016 kuya kowezi-2018.
UDebretsion yena akaziwa ukuthi ukuphi kanye namanye amalungu eqembu nalabo ababesezikhundleni eziphezulu zombutho kuleli lizwe.
Ukuhlasela ngezomoya kanye nezimpi kusukela kuqala uLwezi ngonyaka odlule kulesi sifunda kukholakala ukuthi sekubulale izinkulungwane zabantu. Impi kuleli lizwe isaqhubeka kwezinye izindawo kanti ngokwe-United Nations, abantu abangaphezu kwezigidi ezimbili badinga usizo.