Ulwandle olungumaminzela lumbizele kulo uKhumalo
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Enye yezinsika zelaboHlanga iwile kepha ihambe seyanelisekile ukuthi ibambe ngakho
Ngingaka nje sengakwamukela ukuthi abantu abamane nje bahlangane kungenasizathu. Cishe yile nkolelo eqoqa nengachaza ukuxhumana kukamufi uMnu uSbusiso Dez Khumalo nelaboHlanga. Umlando wobudlelwano phakathi kukaMtungwa ucishe ulingane nalo iphephandaba ngoba uqale ukusebenzisana nephephandaba seliqede unyaka lasungulwa. Ufike uMhleli kunguMnu uThulani Mbatha nowaba nguMhleli wokuqala welaboHlanga. Omunye amfica nguMnu uNhlanhla Xala wayenguMhluzi Omkhulu.
Njalo uma ngithola ithuba lokuchaza ngomlando waleli phephandaba ngike ngingalilahli ithuba lokuchaza ukuthi wuhlobo olunjani lwabantu abasenza saba lapho sikhona.
Uma amalungiselelo okwethula iphephandaba kwaba nomsebenzi onzima wokuba siqhamuke nethimba elizoqinisekisa ukuthi olwethunga alulahleki. Lokhu kwakumqoka ngoba sasingeke lowo mthwalo siwubeke ezintathelini. Lokhu kwaphoqa ukuba ngibe nomhlangano ophuthumayo noDkt uMpumelelo Mbatha nongungoti wolimi. Lapha ngabe ngiyonxusa uMthiya ukuba aphakamise amagama abantu abangasilekelela ekutheni ulimi lungalahleki. Lapha ngama ekutheni labo bantu kumele kube ngabantu asebethathe umhlalaphansi ukuze bangaphazamiseki emsebenzini wabo. UMthiya wakhipha amagama amabili; elikaMnu uXala nelikaMnu u-Essau Ndlela. Sekuwumlando ukuthi la madoda womabili alandwa awenza umsebezi omkhulu.
Ngalesi sikhathi igama likaKhumalo lalingakaze liphathwe. Lokhu kuguquke ngesikhathi uMtungwa ezifikela mathupha emahhovisini emuva kokungithumela umyalezo ecela ukuba sibe nomhlangano. Umhlangano wethu wathatha amahora amathathu nokwaguqula impilo yethu sobabili. Inhloso kaKhumalo ngalo mhlangano kwabe ukuzongazisa ukuthi akasekho emsakazweni Ukhozi FM angakufihlanga ukuthi yinto eyabe imphethe kabi ikakhulukazi indlela athi wahamba ngayo. Okwabuye kwamkhuba uKhumalo yize ayeziqinisa yindlela okwathi noma esehambile abanye kulo msakazo, abanye abafunda kuye umsebenzi abase bemphatha ngayo. Esinye nje isigameko ngizosichaza lapha ngezansi.
Okwesibili okwavela engxoxweni yethu wabe esengibangela amahloni ngesikhathi eveza ukuthi umsebenzi engabe ngiwenza emsakazweni wokuhlaziya wabe umhlaba umxhwele futhi iphephandaba elabe lilisha iBAYEDE limenze wabona ukuthi ukwesaba kwakhe ngekusasa lobuntatheli kanye nezinga lokubika nokubhala ngesiZulu ngeke kusefana, inqobo nje uma elaboHlanga lingaguquki endleleni eliyithathile yokwenza izinto. Wakusho kwasobala ukuthi kuye sinomfundi olilanda ePinetown iphephandaba kwazise ngalapho “ehlala khona alibonwa”.
Sabe sesikhuluma ukuthi zithini izinhlelo ngale ngane entsha (elaboHlanga) nokuthi kambe yena angalekelela kuphi. Akuthathanga mizuzu mingaki ukuthi sobabili sivumelane ngento angayenza uma siqala nazo yenza eminyakeni emine kuya kweyisithupha ezayo njengokumchazela kwami iphupho ngelaboHlanga. Washo eqala ukuthi yena akayona intatheli kepha angalekelela ekuhluzeni okubhaliwe.
Onyakeni wesibili kuya kowesine uKhumalo ube yingxenye yokwakha isikompilo nesiko lokubhala elehlukile nelenza nathi sehluke. Kube yimi kancane kancane engamcenga ukuba abhale naye masonto onke ngoba wayengenankinga yokubhala into enomqondo umehluko wukuthi ayesezokubhala kuzoba sephephandabeni. Wavuma inqobo uma ngizomlekelela ngoba wayesacathula. Ngikhumbula udaba lokuqala alubhala yedwa okwami kuwukubheka nje ukuhleleka nolwabe luthinta iciko ubaba uPaul Sibisi.
Sahamba noKhumalo sahlala noSibisi kwakhe kwaD eMlaza usuku lonke. Okwaphuma lapho ngesonto elilandelayo kwenza kwanendlela entsha yokubika ngamaciko nobuciko emaphephandabeni aboHlanga. Kunokuba kubikwe ngemicimbi kuphindaphindwa into eyodwa nebhalwe kuwo wonke amaphephandaba nehunyushiwe noma ngamahlazo amaciko kwaqala indlela yokubika ngobuciko njengebhizinisi. Akugcinanga lapho ngoba uKhumalo lo namuhla okungavumi ngamukele ukuthi ngimbize ngomufi waqinisekisa ukuthi kwelaboHlanga uma sikhuluma ngamaciko nobuciko asikhulumi ngemidushuzo kepha siyadepha sifake yonke iminxa. Umbiko nge-Art House kaMnu uThami Jali wabhalwa wuKhumalo. Akagcinanga lapho kepha wabika ngezinga eliphezulu ngomhlangano wamaciko iThupelo. Lapha kwakuhlangene amaciko izinsuku ezilishumi
Engxoxweni ekhethekile uNks uWitty Nyide omunye wabagqugquzeli abe nayo neBAYEDE wabeka kanje: “IThupelo ibuyisa ukuhloniphana emacikweni ngoba awukho umsebenzi obukelwa phansi kunomunye. Wonke umuntu ukhombisa ikhono lalokho akwazi ukukwenza kahle ngaphandle kwengcindezi yokuthi umsebenzi wakhe wobuciko uqhathaniswe nowabanye. Isibonelo esokuthi ngokwejwayelekile umsebenzi wezandla onjengokutshutsha ubuhlalu, ukubumba izinkamba nokunye uvame ukunganikwa inhlonipho esezingeni elifanayo nokudweba, kodwa lapha kuThupelo singamaciko siyalingana futhi sibaluleke sonke. Akubhekwa zinga lemfundo nabukhazikhazi bendawo umuntu aphuma kuyo,” kubeka yena uNks uNyide. La magama amenza uKhumalo wandizela phezulu ngoba ngokwakhe elaboHlanga libike ngento “amaphephandaba aboHlanga angeke abike ngayo”.
Usomabhuku nosomlando
Ngosuku lwami lokuqala nangolokugcina ngibonana noKhumalo wabe ephethe ibhuku ayethi uphezu kwalo. Ngokusuku lokuqala wabe ephethe ibhuku likaSobukwe elisihloko esithi: Robert Sobukwe: How Can the Man Die Better, nelibhalwe nguBenjamin Pogrund. Kanti ngosuku lokugcina esabonana ngalo eKloof mhla zingama-24 kuZibandlela ngowezi-2020, uKhumalo wayephethe ibhuku elisihloko sithi: Nothing Left to Steal, elibhalwe nguMzilikazi wa-Afrika. Ngenxa yothando lwakhe lokufunda amabhuku elaboHlanga engosini yezobuciko iMbiza ngaphansi kukaKhumalo yahluza amabhuku, yalanda ababhali abadala nemisebenzi yabo, yaqhakambisa umlando weshashalazi laboHlanga ekhuluma ngoThami Cele, uMbongeni Ngema, uBheki Mqadi nabanye abaningi. Wayekuthatha njengomsebenzi wakhe ukulwela amaciko nemisebenzi yawo.
Impi nje engayibona eyiqala neyamqhatha nabo Ukhozi neyabe ithinta ukungahlonihswa kwemisebenzi kaSolwazi uNyembezi. Namanje ngisasho ukuthi ukube lo owayekhuluma noKhumalo kulo msakazo kabanga nokuzenyeza ngabe namuhla iningi labantu liyazi kabanzi ngoNyembezi. Le ndlakadla ayephathwa ngayo ngabathile uKhulmalo kulo msakazo ngisho asahamba yabe ingaqali.
Eminyakeni emibili eyedlule noKhumalo sabhala ngokuhlanganyela ngomlando wo-Ukhozi FM lokhu kwashicilelwa kwelaboHlanga kuwuZibandlela nokwalandelwa wumlando womunye babasakazi besifazane umama uVicky Masuku nowayevaleliswa nesabe sikuthatha njengomnikelo emlandweni walesi sikhondlakhondla somsakazo. Asingcinanga lapho ngawo lowo nyaka sahlanganisela abafundi boKhozi umlando nge-Afrika sibungaza inyanga ye-Afrika. Indaba yonakala uma sekumele lokhu phela esikubhalile kuyoqoshwa emsakazweni ukuze kudlalelwe umphakathi ngaphansi kwesihloko: Iphupho le-Afrika.
Izikhulu zomsakazo zaqale zala zaphetha ukuba “umuntu ongasasebenzi emsakazweni” kube nguye oqopha lolu hlelo, bakusho lokhu nje konke lokhu noKhumalo sikwenza ngaphandle kwenzuzo, njengoba isifiso sethu kwabe kuwukufundisa abalaleli. Ngenhlanhla njengephephandaba sanquma ugwayi katiki ukuthi uma uKhumalo engekho kungelona izwi lakhe elizoqopha sekungamane kuyekwe. Sekuwumlando ukuthi kwaqoshwa nokho ngoba ohlabe eyakhe kalelwa, uhlelo lolu alubange lusadlalwa njengesivumelwano kwabe sekwenziwa nje.
Namanje ngisasho ukuthi ukube lo owanqinda uKhumalo ngesikhathi ethi akuhlonishwe uNyembezi nokungumuntu ofanayo nowayefaka unyawo lwedada ekuqoshweni kohlelo lwe-Afrika, waba nonya kuKhumalo futhi walahlekelwa yithuba lokufunda njengoba nentwala le ayethi uyayichoba ingasekho.
Umsebenzi nomnewethu
Ngabe ngiqamba aluhlaza uma ngithi asikaze singaboni ngasolinye noKhumalo. Sasiba nazo iziqubu lapho sasingaboni ngasolinye kepha uma sengibheka emuva ngiyaqaphela ukuthi saba nendlela eyehlukile yokubhekana nalokho.
Sobabili sasiqhelelana uma sisaphakanyelwe wumoya. Kepha kukho konke lokho asikaze singahloniphani, wayengihlonipha njengomphathi nami ngimhlonipha njengomnewethu. Sasiwahlonipha amakhono esabe sinawo ngokwahlukana sikholwa futhi ukuthi uma siwahlanganisile kuvutha ihlathi! Lokhu kuhloniphana kwethu phezu kokungaboni ngasolinye kufakazelekile ngesikhathi sihlangene okokugcina mhla zingama-24 kuZibandlela nyakenye. Lapha emuva kwamahora amabili sihlangene savumelana ukukhwezela ukusebenzisana kwethu. Savumelana ukuhlangana ngesonto lokuqala onyakeni omusha. Umlayezo engamthumela wona ngoKhisimuzi othi: “Khumalo, kube yisipho sikaKhisimuzi esihle ukuba sihlangane izolo. Ngiyethemba sizohlangana maduze njengokukhuluma kwethu. Okwanamuhla nithokoze nomndeni niphephile” .
Akudlulanga nemizuzu emingaki wangiphendula uKhumalo: “Nakini kube njalo Mtaka. Kube wusuku oluhle kakhulu. Sizobonana maduze makudlula iziphithiphithi”, kusho uMtungwa enginika isiqinisekiso
Ngithe uma sengishaya ucingo ngilandelela ngamangazwa ukungaphenduli kwakhe kanti nezincingo engabe nginazo zingakhali. Sekuwumalndo ukuthi ngingqogqoza nje akasekho uKhumalo. Zimbili nje izinto engikhala ngazo ngokudlula kwakhe, okokuqala ukuthi akabange esakwazi ukuzobona izindlu zokusakaza esabe siyenze sinaye emqondweni. Okwesibili yikuthi akabange esakwazi ukuqedela ukuhumusha incwadi kaSobukwe ayefunge wagomela ukuthi uzokwenza.
Egameni labafundi, izisebenzi zelaboHlanga ezindala nezintsha: “Siyabonga Khumalo nomndeni wakho owakutshalayo kuzochuma”.