Now Reading
Ukhuvethe luphambamise izinhlelo kubangcwabi
Dark Light

Ukhuvethe luphambamise izinhlelo kubangcwabi

Kuyiphupho likasomabhizinisi ukuba kwande abathengi. Ubuningi babathengi buvamise ukusho ukungena kwemali eningi ebhizinisini nokufezeka kwezinhloso zokusungulwa kwebhizinisi. Okwenzeka embonini yabangcwabi kulezi zinsuku kudida umqondo, ngoba bazithola begajwe yisimo esingalawulwa yibo, futhi esingabathokozisi nabo ngoba singase sedlule nabo uma bengazibhekeli.

Ukhuvethe lugadle ngezindlela ezingefani emabhizinisini ahlukene. Amanye azithole encishelwa ngabathengi ngenxa yokhuvethe kanti amanye avaliswe uHulumeni isikhathi esithile, kanti amanye agcina eyivale thaqa iminyango yokuhweba ngenxa zezinselelo ezifike nokhuvethe. Kunamabhizinisi azithole engaphansi kwengcindezi kwadingeka asebenze ngokuphindiwe. Enye yezimboni ezithole isebenza ngokuphindiwe yileyo edayisa imithi eyelapha umkhuhlane nezinye izifo ezifuze umkhuhlane. 

Namuhla ngithanda kesibuke imboni yabangcwabi naleyo yomshuwalense wokungcwaba. Osomabhizinisi bale mboni bazithole bekhandleka ngokwedlulele, kwadingeka bavule iminyango yokuhweba basebenze cishe ubusuku nemini. Uma ngibheka nje, kuqale ukhuvethe kwaba sengathi bazophila kangcono abangcwabi ngoba siqale sakhula isibalo sabantu abendela koyisemkhulu. 

Njengoba ukhuvethe selubuye okwesibili, sikhule saphindwa kaningi isibalo sabantu abadlulayo emhlabeni. Isibalo sabantu abadinga ukungcwatshwa senyuke seqa kumaphesenti angamashumi ayisishiyagalombili. Omunye osenkampanini yabangcwabi uthe ngosuku olulodwa inkampani yakhe izithola kumele ingcwabe abantu abangaphezu kweshumi. Manje sekungcwatshwa kusukela ngoMsombuluko kuye kube yiSonto. Alukho olweze. Uma ukubheka ngamehlo ebhizinisi ungajuli ngomqondo lokhu okwenzekayo ungase ukuthathe njengezehla ebhizinisini labangcwabi, kanti yinkulu inselelo ababhekene nayo. 

Eyokuqala inselelo ngeyokuphela kwamabhokisi okungcwaba. Lokhu kufaka ingcindezi kulabo abakha amabhokisi. Abakhiqiza amabhokisi bazithola besenkingeni yokuthi ingqalasizinda yabo ilinganisele ukukhiqiza amabhokisi ayisibalo esithile ngosuku. 

Akusiyo into engenzeka kalula, ikakhulukazi ngaphansi kwesimo sokhuvethe lwesibili ukuguqula izinhlelo zokusebenza kwebhizinisi. Lokhu kubamise kabi abangcwabi ngoba abanye basebenzela phezu kwezethembiso abazenzile namakhasimende abo, kwashicilelwa phansi uhlobo lomngcwabo abawukhokhelayo. Uma-ke sekutholakala ukuthi amabhokisi asezingeni elithi awasekho, kumshiya nengcindezi umngcwabi ngoba impahla beseyikhokhelwe kusukela kudala. 

Ngenxa yobuningi babantu abashonile, okufanele bangcwatshwe ngosuku olulodwa, kudingeka izimoto zokubathwala eziyishumi uma abantu beyishumi. Wenza kanjani uma ungumngcwabi osafufusa, kodwa ube unamalungu amaningi ashonile. Ngesikhathi sakudala, futhi ingekho le nhlekelele yokhuvethe bekwenzeka ukuba imoto yokungcwaba ithuthe imindeni emibili ngosuku olulodwa. Ngenxa yokugqagqana kwezindawo, kanye nesikhathi esinqunyelwe inkonzo yomngcwabo akuselula ukuthutha uphelezela. 

Yilelo nalelo bhizinisi lakhelwa phezu kohlelo oluthile olujwayelekile kuleyo naleyo mboni. Abanikazi bezinkampani zomshuwalense basebenzela phezu kwesibalo esithile, sezimoto ezizokuba sengozini, kumbe imizi ezodinga ukulungiswa. Akukaze kwenzeke ukuba izimoto ezishayisile nezigingqikile zeqe isibalo esithile, zidinge ukukhokhelwa kanyekanye. Uma zingase zificwe yisimo esinjalo ezinye izinkampani zingavala ngoba zisebenzisa imali ekhokhwa ngabantu. 

See Also

Ngokunjalo abanye babangcwabi bakhokhisa imali kamasingcwabisane, okufunze umshuwalense, wokuthi uma umuntu okhokhayo efa noma kufa ilungu lomndeni inkampani yabangcwabi iyozithwala izindleko zokungcwaba. Isibonelo salokhu engikushoyo ngukuthi; uma umuntu ekhokha imali engamakhulu amathathu ngenyanga, athi esekhokhe isikhathi esingangonyaka ashone, uzokube esakhokhe imali eyizi-R3 600 kuphela. Awukho umngcwabo ongathwala ngemali engaka. 

Abakade bekhokha nyangazonke balindele ukuba inkampani iwuthwale lo msebenzi wokungcwaba ilungu lomndeni ngemali engekho ngaphansi kwamashumi amabili ezinkulungwane. Okufice abangcwabi abanomasingcwabisane yingwadla engakaze ibonwe ngoba kweminye imizi kushona amalungu ngamabili, kodwa umndeni ulindele ukukhokhelwa njengokwesivumelwano. Uma isivumelwano sikhomba ukuthi umngcwabi uyokhokha R20 000 ngomuntu, sekumele iphume ngokuphindiwe leyo mali ngangokwesibalo samalung ashonile kulowo mndeni.  

Kungethusile ukuzwa ukuthi enye yezinkampani zabangcwabi ificwe yisimo sokuphela kwezimali ‘bengakafi’ bonke abantu abebengamalungu bekhokha nyanga zonke. Le nkampani ikhiphe isimemezelo sokuthi seyiyawavala amahhovisi. Lokhu kungase kusho ukuphela komsebenzi kulabo abayizisebenzi. Okunye kusho ukuthi labo abebekhokha nyanga zonke sekumele bazame eminye imizamo yokungcwaba. 

Imboni yezokungcwaba ebeyibukeka ilula iguquke yaba ngaphansi kwengcindezi, okwenza kungabi lula kulabo abebesanda kungena kule mboni. Kudingeka usomabhizinisi enze izibalo ezigculisayo ukuze azihlolisise ukuthi usayenza yini inzuzo ebhizinisini akulo. Kungebe wukuhlakanipha ukuthenga izimoto eziningi ngoba amukho owaziyo ukuthi isibalo sabafayo sizokwehla emva kwesikhathi esingakanani. Kudingeka usomabhizinisi ame ngamanzonzwane, azibambele mathupha lapho kuvuma khona.

Scroll To Top