Umkhokha ngezinhlaka zamabhizinisi
Ukuklwebhana nemibango yezikhundla idonsela emuva izinhlangano ezizimele zabamnyama
ENINGIZIMU Afrika kunezinhlaka ezakhelwe ukumela abamnyama emikhakheni eyahlukene. Lezi zinhlaka zibandakanya abameli, ezokuthutha kanye nosomabhizinisi.
Uma ubuka umlando wokubunjwa kwazo akungabazeki isidingo sazo kwazise iningi lazo labunjwa ngesikhathi abamnyama babesemaketangeni obandlululo.
Kwezamabhizinisi kukhona izinhlangano ezifana no-National African Federated Chamber of Commerce and Industry (NAFCOC) ezabunjwa ngaphansi kwezinhloso ezinhle zokuqinisekisa ukuvikeleka nokubandakanyeka kwabamnyama emnothweni wezwe. Nonyaka i-NAFCOC ineminyaka engamashumi amahlanu (50).
Ngesonto eledlule inkantolo yokudlulisa amacala e Bloemfontein ikhiphe isinqumo esithi uMnuz Lawrence Mavundla nguye onguMengameli wale nhlangano ngokusemthethweni. Kuleli cala bekududulana uMnuz Mavundla noMfundisi Joe Hlongwane.
Amajaji amahlanu ahlala kule Nkantolo avumelane ngazwi linye ukuthi ukukhethwa kukaMfu Hlongwane okwaba khona ngomhla ziyi-6 kuZibandlela 2012 kwakungekho emthethweni kanjalo nezinqumo ezathathwa kuloyo mhlangano owamqokayo.
Akukho ukungabaza ukuthi lo mbango oku-NAFCOC awugcinanga nje ngokuthela udaka umlando omuhle wale nhlangano kepha uyenze yangakwazi ukukhuluma ngazwi linye ezindabeni ezimqoka zezamabhizinisi kuleli.
Akuyona i-NAFCOC enale nkinga kepha nasembonini yezamatekisi, okungelona ihaba ukusho ukuthi yiyo eyaqala into namuhla esiyaziwa ngokuthi yi-BEE. Yize ukuqhuma kwezibhamu kusathule kepha le mboni ayinakho ukuthula. Ukunukana nokumonelana kusadla lubi kuyo nosekudale iningi labafelokazi nezintandane.
Kumanje akukho ukuvumelana ukuthi konje umnotho wale mboni obalelwa ezigidini ungavikelwa noma wandiswe kanjani, kunalokho kukhona ukukhombana ngeminwe.
Okwenzeka eThekwini naseMgungundlovu, lapho kukhona uhlangothi oluthile embonini yamatekisi engayiboni kahle indaba yohlelo lokuthuthukiswa kwezokuthutha okwenziwa omasipala, iveza khona ukuthi kuselukhuni ukukhuluma ngezwi elilodwa kule mboni.
Lokhu kushiya imibuzo ukuthi ngabe lo mkhokha wokugqubuzana kosomabhizinisi abamnyama uyoshabalala nxa kwenzenjani.
Okubi wukuthi ngesikhathi abamnyama belwa abezinye izizizwe bayangena bathathele kuwo ibhizinisi.
Isibonelo yiyo imboni yamatekisi ede incozuka kancane, nokungemangaze ukuthi imiqondo eminingi esikhona akuseyona eyalabo abaliqalayo kepha sekukhona abanye abakhela ngamaqubu ezinsizwa ezaqala le mboni.