Now Reading
Kuningi esingakufunda ezimweni esedlula kuzona
Dark Light

Kuningi esingakufunda ezimweni esedlula kuzona

Ukufika kokhuvethe kwenze abantu baqala phansi bafuna izindlela zokuziphephisa. Njengoba selubuye isibili luza kabi, kangangokuba emakhemisi ubona ngemigqa emide abantu befuna ukuthenga, eminye yale mithi igcina iphelile ngenxa yokuthi kwakungekho ngcindezi ngenkathi kukhiqizwa. 

Kufundise abaningi boHlanga ukubheka emuva bafundisise imibhalo ekule mithi ethengwa ubuthaphuthaphu ngalesi sikhathi sokhuvethe. Kuqale phansi wezwa abantu bebuzana ukuthi kanti le mikhiqizo edayiswa emakhemisi, eminye yayo iphuma emasimini nje, kanti eminye iyazimilela nje endle. Ngizwe abaningi bekhuluma ngomhlonyane, okuthe kungakabiphi ngawubona kwelinye lamakhemisi esilungu ubizwa ngewormwood. Ngaleso sikhathi aboHlanga bewubezwa bewuchaza umhlonyane futhi besho nokuthi utholakala kuphi ezindaweni ezisemakhaya.

Ngizibuze umbuzo wokuthi kungabe yini eyenza lo mkhiqizo engiwubone ekhemisi lesilungu nalona otholwa emakhaya ingefani. Isithako esisemqoka emkhiqizweni kuvamise ukuba yisitshalo esizimilela endle, njengawo nje umhlonyane.  

Isithombe esingifikele emqondweni ngesendawo yokwelapha yaboHlanga, evamise ukutholakala ezindaweni ezisemakhaya. Isithombe esisemqondweni yileso engake ngasibona, kugcwele izinhlobonhlobo zemithi endlini ebukeka ingahlelekile, kodwa umelaphi uyazi njengoba ezazi ukuthi kulelo nalelo khosombe kukhonani. Uma eseyithaka uya ngapha nangapha agcine esihlanganisile isithako asifunayo. Uma eseqedile uthatha iphepha ayigoqe anike lowo abemthakela. Eminye yale mithi isampuphu kanti eminye ingamanzi kuthi eminye ibe ngamahlamvu nezimpande namagxolo. Uma esemnika lowo owelashwayo uchaza ngomlomo imigomo okumele ilandelwe uma seyisetshenziswa, noma abhale ngaphandle kwephepha eligoqile ukuthi uyaphuzwa noma kugezwa ngawo lowo muthi. 

Uma ungena endlini engizoyibiza ngendlela yasentshonalanga yokwelapha ucacile umehluko ngendlela okuhlelwa ngayo. Konke okukule ndlu kusuke sekugaywe kwahlanganiswa, kwafakwa esitsheni esithile kwabekwa ngononina ekhabetheni elibukeka kahle. Le mithi ekula makhabethe isuke seyinemibhalo echaza izithako ezihlanganisiwe, kanye nezilinganiso zokuyisebenzisa uma kwenzeka uyinikwa. 

Uma ngibheka ukwehlukana kokwenza phakathi kwekhemisi lesilungu nalelo laboHlanga, ngicabanga ukuthi kukhona abathaki nabadayisi bemithi yokwelapha yesintu abangakufunda kulesi sikhathi. Ngithe uma ngicabanga amaphilisi kwafika kimi ukuthi iphilisi liwumphumela wemithi egaywe ngononina yaba yimpuphu yabe seyibunjwa ngokwesilinganiso esithile. Iphilisi ngalinye linesilinganiso esifanayo nelinye. Lokhu kwenza kube lula ukuba umuntu azi ukuthi uthatha abe mangaki ukuze asizakale kulokho kugula. Liwumuthi owodwa noma ingxube yemithi esebenzelanayo ukwelapha isifo esithile. Ngiyazi ukuthi abanye babathaki boHlanga bayayigaya imithi ibe yimpuphu, kodwa abayikhiphi ibunjwe njengephilisi. Kungasiletha isithunzi sokwelapha kwesintu ukusebenzisa izindlela ezifuze lezi ukuthaka imithi. 

Uma sibuka imithi ephuzwayo, ngokunjalo nayo yenziwa ngobuciko obuthile, bese ifakwa ebhodleleni elithile eliyenza ibukeke kahle, futhi wethembeke umkhiqizo. Kuyasehlisa isithunzi somkhiqizo noma umuthi wokwelapha ukuwufaka ebhodleleni lesiphuzo esithile. Ngike ngibuke laba bantu abathi belapha isifo sikashukela bedayisa umuthi ogcwaliswe igabha lesiphuzo esibandayo, kwesinye isikhathi kusetshenziswe igabha likagologo. Umsebenzi omkhulu ngowokuhamba uqoqa amagabha ezinye iziphuzo ukuze ufake owakho umkhiqizo wokwelapha. Le mithi efakwe kuleli gabha ayivamisile ukuba negama. Incazelo ngalesi siphuzo yenziwa ngomlomo, kulindeleke ukuthi owuthengayo uyowukhumbula ukuthi ngowani futhi kuphuzwa isilinganiso esingakanani. 

Abanye baze bakhe izimonyo nokunye okugcotshwa ngabanye ukuzenzela isithunzi. Zonke lezo zinhlobo zemithi zifakwa ezitsheni ezingefani futhi engayichazi ukuze nabanye bayibone bayithenge.

See Also

Engifisa sikuqaphele ukuthi abelaphi boHlanga banalo ulwazi, futhi bakhona abakwaziyo ukwenza izilinganiso ezifanelekile zezinhlobo ezahlukene zezithako. Kodwa sebejwayele ukucaphuna ngesandla balinganise ngamehlo, bese bewedlulisela kulowo owuthengayo. 

Kulesi sikhathi esiphila kuso sekunemishini namathuluzi asetshenziswayo ukulungisa imithi enhlobonhlobo. Kungabasiza abelaphi nabathaki bemithi yesintu ukubuyekeza izindlela zokulungiswa kwemikhiqizo yabo ibe sezingeni elihehayo nakulabo abalingabazayo ikhono labo. 

Ezinye izindlela ezingasiza aboHlanga wukuhlangana bathenge imishini abazoyisebenzisa ukwenza imikhiqizo yabo. Ukuhlanganyela ekuthengeni imishini kungenza bakhule kanyekanye, bakwazi ukugasela izimakethe bebumbene. Kunezindawo ezidayisa izinhlobonhlobo zamabhodlela asetshenziswa ukufaka imithi yokwelapha. Amabhodlela afaka iziphuzo ezidliwayo ehlukile kulawo akhelwe ukufaka imithi yokwelapha. Ngalesi sikhathi sokhuvethe kungakuhle aboHlanga baphuthume bafunde izindlela eziya ngokuvela obala zokwenza ibhizinisi lichume. 

Scroll To Top