Izintokazi zekhilikithi zibuyela enkundleni zibhekene nePakistan
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Liphume nobomvu kukhilikithi yabesifazane kuleli njengoba lo mdlalo usunikezwe igunya lokubuyela enkundleni.
Ikhilikithi yabesifazane nayo ayisalanga ngaphandle ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa ememezela imvalelwakhaya kuleli ngoNdasa nyakenye ngenxa yokuhlasela kokhuvethe.
Iqembu lakuleli selihlale isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezili-10 lingadlali kodwa konke lokho kuzoshintsha ngoLwesithathu mhla zingama-20 kwephezulu lapho lizotholana phezulu nePakistan Women emdlalweni wokuqala we-One Day International (ODI) ozobanjelwa eHollywoodbets Kingsmead Cricket Ground, eThekwini.
La maqembu azobhekana emidlalweni emithathu ye-ODI nemithathu yeT20i.
Umqeqeshi weMomentum Proteas, uHilton Moreeng, ujabulise okwengane encane ngokunikwa igunya lokubuyela enkundleni emva kokuhlala cishe unyaka wonke bengadlali.
“Ukuhlolwa komzimba kuhambe kahle futhi sihlabeke umxhwele ngesimo sabadlali emva kwesikhathi eside singekho ndawonye. Sifuna ukubonga kakhulu kuzo zonke izisebenzi zokwelapha ezisebenze ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi abadlali bethu bakulungele futhi bajwayelene neBio Bubble. Lolu chungechunge lwemidlalo yethu nePakistan luzosisiza ekutheni sibuye esigabeni ebesikade sikuso ngaphambi kokumiswa”
“Abadlali kuyimanje njengoba besekhempini basembangweni wokuthi bathole ithuba lokuyobhekana nePakistan, yize kunjalo kodwa umoya uwodwa. Sijabule ukubuya sinikezwe ithuba lokwenza into esiyithandayo okuwukudlala ikhilikithi. Sizoqinisekisa ukuthi abadlali bakulungele ukudlala uma kuqala imidlalo,” kusho lo mqeqeshi.
Ohlangothini lwezokwelapha lwenhlangano ephethe ikhilikithi kuleli iCricket South Africa (CSA), bakuqinisekisile ukuthi bonke abadlali abasekhempini bahlolelwe ukhuvethe kanti ukuhlolwa kokugcina ngaphambi kokuqala kwemidlalo ye-ODI kuzokuba ngoMsombuluko.
Umdlalo wokugcina phakathi kwala maqembu uzoba mhla zintathu kuNhlolanja okobe kungoweT20I.
Ikhempu yeProteas iqale mhla ziyisi-8 kwephezulu kanti isikwati esizobhekana nePakistan sizomenyezelwa namuhla ngoLwesihlanu. Kubadlali abangama-25 abasekhempini, kubalwa nabaqalayo ukubizwa kumaProteas okunguNobulumko Baneti, u-Evodia Yekile, uJenay Winster noKhayakazi Mathe, abadlale kahle kakhulu ngoZibandlela nyakenye emqhudelwaneni weWomen Super League T20 obubanjelwe eCape Town.
EzikaMoreeng ziya kulo mdlalo ngaphandle kwabadlali abamqoka okunguDane van Niekerk ongukaputeni noChloe Tryon abalimele.
UNonkululeko Mlaba ongomunye wabadlali abasekhempini uthe kumjabulisile ukuba yingxenye yale khempu.
“Emva kwesikhathi eside singazilolongi ndawonye indlela abadlali abakhombisa ngayo ukuzinikela ingijabulisa kakhulu. Le midlalo ifike ngesikhathi esihle lapho sikulambele ukudlala. Sikulungele kakhulu ukubhekana nePakistan,” kusho uNonkululeko.
Selilonke iqembu elisekhempini eseThekwini lithakwe kanje:
ULizelle Lee, uMaria Klaas, u-Evodia Yekile noTumi Sekhukhune (beNorth West), uTrisha Chetty, uShabnim Ismail, uNonkululeko Mlaba noNondumiso Shangase (beKZN Coastal), uMignon du Preez noSune Luus (beNortherns), u-Ayabonga Khaka, uRobyn Searle noKirstie Thompson (beGauteng), uSinalo Jafta, uLara Goodall u-Andrie Steyn, uNadine de Klerk noLaura Wolvaardt noFaye Tunnicliffe (beWestern Province), uTazmin Brits no-Anneke Bosch (beNorth West), uNobulumko Baneti noKhayakazi Mathe (beBorder), uMarizanne Kapp (we-Eastern Province) noJenay Winster (weSWD).