Now Reading
Idlala ingqathu yayo yepolitiki yezomnotho i-USA eMiddle East
Dark Light

Idlala ingqathu yayo yepolitiki yezomnotho i-USA eMiddle East

Ngokomlando, ipolitiki yaseMiddle East ilawulwa kakhulu ukhetho lwase-USA. NgoLwezi wanyakenye i-USA iphinde yaba nokhetho lokukhetha ubuholi obusha lapho bekubhekene khona uMnu uDonald Trump weqembu lamaRepublican noMnu uJoseph Biden weqembu lamaDemocrat. Ukhetho lwase-USA kalufani nolwamanye amazwe ngoba ukuthola amavoti amaningi akusho ukunqoba ukhetho. Lokhu akunciki kulowo osuke efuna esobumengameli kodwa nakozakwabo abagaqele ubulungu eSishayamthetho. Kulolu khetho kwenzeke ebesekunesikhathi kwagcina ukwenzeka lapho khona iqembu elilodwa likwazile ukuba noMengameli liphinde libe namandla eSishayamthetho. UBiden neqembu lakhe baphume phambili kulolu khetho bathola esobumengameli namandla okuthatha izinqumo eSishayamthetho. Lokhu kuyithinta kakhulu ipolitiki yaseMiddle East. Ngokomlando zimbili izizathu ezafaka i-USA eMiddle East. Esimqoka esangowezi-1979 lapho khona i-USA ivimba ukugaselwa kwe-Afghanistan igaselwa umfelandawonye wamazwe asempumalanga ne-Europe i-Union of Soviet Socialist Republics (USSR) ngenhloso yokuyigwinya iphinde ilandele inqubomnotho yayo.

Lena kwaba yimpi i-USA eyayinqoba kodwa imithelela yayo okuyiyo osayihlalise eMiddle East namanje. Umthelela wokuqala ngothinta ukuvumbuka kwamavukelambuso ayesola i-USA ngokunyonyobisa inqubomgomo yeDemokhrasi ebukela phansi inqubompilo yamaSulumane. Owesibili ngothinta eyafike yakubona i-USA eMiddle East. Eyakubona kwaba ukuthi ingakwazi ukuzuza umcebo weMiddle East. Lo mcebo uthinta uwoyela kanye nokuthengisa izikhali zempi. Yafike yakuhlonza i-USA ukuthi kuningi ukungahoshelani eMiddle East kanti kuningi nokulangazelela izikhali zase-USA okuyinto eyaletha umcebo omkhulu e-USA.

Esinye isizathu esaletha i-USA eMiddle East kwaba ukuba khona kwe-Israel. NgoNhlangulana we-1967, i-Egypt, iSyria neJordan batholana phezulu ne-Israel eyayilekelelwa i-USA kubangwa ukugwinywa komhlaba wasePalestine ugwinywa i-Israel ongakabuyi okuze kube namuhla. Ukunqoba kukaBiden neDemocratic Party kuzoyididiyela kabusha ipolitiki yase-USA njengoba kwenzeka naphambilini. Ukubusa kukaMnu uRichard Nixon kwaphuca abantu basePalestine umhlaba, kwaphendula i-Egypt neSyria imigodi enganukwa nja kwezohwebo. Ukubusa kukaMnu uJimmy Carter kwaphendula i-Iran isitha somhlaba yahlaselwa i-Iraq. OkukaMnu uGeorge Bush kwakhipha inyumbazane i-Iraq okwaphetha ngokufa kukaMnu uSaddam Hussein, kwadala ukungezwani phakathi kweSyria neLebanon. OkukaMnu uBarack Obama kwavuna amavukelambuso eSyria, eLibya naseYemen okuze kube namuhla kusaliwa. Kwaphinda kwadala ukungahoshelani kahle phakathi kwe-USA ne-Israel okwafika nokudideka emazweni afana neSaudi Arabia ne-Azerbaijan ayayethi azwana ne-Israel ngoba encenge ukuzwana ne-USA. Ngalesi sikhathi uBiden wayeyiSekela Mengameli lika-Obama.

Ukubusa kukaMnu uDonald Trump kuphinde kwaletha ukudideka eMiddle East ngoba ezama ukuhliphiza wonke umsebenzi ka-Obama, wayiqala kabusha impi yesinyenyela ye-Iran ne-USA, waphinda wabopha amaxhama okusebenzisana nawo wonke amazwe anobudlelwano obuhle ne-Israel kwakhipha iTurkey inyumbazane. Baphinde baketula uHulumeni ovotelwe ngabantu e-Afghanistan ngoba uthi awubuthandi. Nokubusa kukaBiden kulindeleke ukuthi kulethe ukudideka okukhulu eMiddle East ngoba kungaqondakali ukuthi uzohamba ezinyathelweni zika-Obama yini noma uzofuna ukuzicabela eyakhe indlela. Okucacile ukuthi uzama ngawo wonke ukuqala kabusha umsebenzi kaTrump osaphika namanje ukuthi wamguqisa okhethweni. Okukuqala okubhekekile ngoBiden ukuthi uzoyimisa kanjani inkinga yeJordan. Ngokomlando i-USA inobudlelwano obuhle naleli lizwe elinganambithisiswa kahle eMiddle East ngezinsolo zokuthi iqoma ukufumbathiswa izizumbulu yi-USA ithwale ijoka lokufukamela abantu basePalestine kunokuthi iqinisekise ukubuya komhlaba wasePalestine. Lokhu sekuyiqhathe nabantu bayo iNkosi yaleli lizwe u-Abdullah bin Hussein Al Hashim abayisola ngokuzicabangela yona nomundeni wayo kuphela ngalesi senzo. Le Nkosi inobudlelwano obuhle ne-USA kodwa inkinga lobu budlelwano buyihlehlisela ngezikhuni ekhaya. Inkinga enkulu kuba iqhamuka nokuthi leli lizwe linomnotho ongakwazi ukuthwala umthamo wabantu baseJordan kanjalo nabasePalestine. Sekukhona abathi iNkosi ayibakhombe indlela abantu basePalestine ngoba ivele ayizimisele ukubaxazululela inkinga yabo. Le Nkosi isiphila ngokukhombana ngeminwe nosopolitiki baseJordan nokuyinto eholela ekutheni ihlale isebenzise amandla ayo okuhlakaza iPhalamende uma selinomsindo akesabi ukuthi ungase umketule.

See Also

Enye ebhekwe ngabomvu ngethinta u-Israel. UNdunankulu waleli lizwe uBenjamin Netanyahu akanabo ubudlelwano obuhle noBiden neDemocratic Party oyisola ngokuzonda amaJuda njengoba liqhubeka nokufuna ukusebenzisana ne-Iran liphinde liphuce i-Israel iJerusalem kanye neWest Bank.

Kulindelekile ukuthi kucace ukuthi i-USA isazoqhubeka yini nokusebenzisana namazwe asolwa ngokushaya indiva inqubo yedemokhrasi afana ne-Uganda, i-Egypt kanye neSaudi Arabia. Kanti, ubudlelwano be-USA neSaudi Arabia yibo obudunga kakhulu umlando ka-Obama. Kunokukhala ukuthi kungani i-USA iqhubeka nokuhlinzeka iSaudi Arabia empini yayo neYemen ekubeni zonke izinhlangano zomhlaba zithi lempi ishiya abantu bengenamakhaya yakhe nezintandane. Okungeke kungatshazwe ukuthi ukungena kukaBiden kuzosho okuthize kupolitiki yaseMiddle East lapho kukhona abayojikelwa, abazofukanyelwa nabazokhishwa inyumbazane.

Scroll To Top