Now Reading
I-AU ikhuthaza intando yeningi ezwenikazi i-Afrika
Dark Light

I-AU ikhuthaza intando yeningi ezwenikazi i-Afrika

USihlalo we-African Union (AU) osephuma esikhundleni, uMnu uCyril Ramaphosa, usekugxekile ukuphulwa nokucindezelwa kwamalungelo abantu ezwenikazi i-Afrika. 

URamaphosa ophinde abe nguMengameli waseNingizimu Afrika uthe i-AU ifuna ukubona intando yeningi ikhula kuleli zwekazi. Unezelele ngokuthi ithimba lakhe (elihola iNingizimu Afrika) liyalugxeka noma yiluphi uhlelo lokunyathelwa noma lokucindezelwa kwamalungelo abantu, okufaka phakathi inkululeko yokukhuluma, kanye nelungelo lokuhamba okungamagugu entando yeningi ezweni lakhe.

 “Uma kukhulunywa nge-AU kusobala ukuthi sifuna ukubona intando yeningi yanda ezwenikazi. Amalungelo abantu abalulekile kakhulu njengoba eyinqubomgomo yethu yezobudlelwano namazwe omhlaba. Siyakugxeka noma yikuphi ukucindezelwa kwamalungelo abantu okufaka phakathi ilungelo lezintatheli, ilungelo lokuhamba, ilungelo lokukhuluma. Sikugxeka lokhu ngakho konke esinakho kuzo zonke izindawo lapho okwenzeka khona ezwenikazi. Yilokho iNingizimu Afrika ekumele.”  

Izinsolo zeZanu-PF 

URamaphosa uphinde waphawula ngodaba lokhulumela iZanu-PF, uMnu uTafadzwa Mugwadi (osesithombeni), osonge ngokuthi uzodedela ibhomu ngokuthi empeleni kwakuyini inhloso yokuhambela kwe-African National Congress (ANC) eZimbabwe ngesikhathi yona yayisengaphansi kwemvalelwakhaya eqinile.

See Also

Ngokusho kukaRamaphosa, ngokwazi kwakhe ithimba le-ANC elahambela iZimbabwe laliyohlangana nenhlangano ewuzakwabo. Uthe uyafisa ukuthi uMugwadi acacise kabanzi ngalokho akushilo noma asonge ukukusho.

“Nginesiqiniseko sokuthi uMugwadi uzovuma ukwabelana ngolwazi lwakhe ne-ANC kanye nathi sonke. Sathumela ithimba njenge-African National Congress  ukuthi liye eZimbabwe ngenxa yokuthi iZanu-PF iwuzakwethu. Sinobudlelwane obujulile futhi obuqinile neZanu-PF. Lolu hambo bekungolokuzwakalisa ukukhathazeka nokuthola ukuthi kwenzekani, ukubona ukuthi singasekela kangakanani futhi sikuqonde kahle ukuthi kwenzekani, sinokuxhumana okujulile neZanu-PF. Ngokwazi kwethu akukho okubi okukhona esikwenzile,” kuphetha uRamaphosa.

Scroll To Top