Now Reading
Owezi-2021: Akwaziwa uyozala nkomoni unyaka ozayo
Dark Light

Owezi-2021: Akwaziwa uyozala nkomoni unyaka ozayo

Ukhuvethe aluyindawo ngozayo. Alikho ithemba ngomnotho nokungazinzi enhlalweni 


Umhlaba nokuyindawo esikhule sazi ukuthi iyikhaya lethu uyaguquguquka. Awusefani njengoba sabe sichazelwa ngawo ngesikhathi sikhula. Lokhu kuquguquka bunobuhle nobubi bakho. Eminyakeni engamashumi amabili eyedlule kubikezelwe ngobuchwepheshe obuzayo nokwahlonzwa njengempedulo esizukulwaneni esizayo. Emhlabeni babekhona ababuka isikhathi esizayo njengesikhathi lapho amazwe omhlaba nohulumeni kanye nababusi bawo bezobe sebenomqondo ophusile nobeka abantu phambili. Ezinhlakeni ezifana ne-United Nations (UN) kanye ne-African Union (AU) kwamenyezelwa izinhlelo ezamukelwa njengesixazululo ezimpini, ububha nokuthuthuka komnotho.

Khona lapho ayekhona amazwi ayexwayisa kakhulu ngalokho namuhla osekubizwa ngokuguquguquka kwesimokade sezulu. Abanye baxwayisa ngesimo okungathi uma kungekho izinhlelo sidale inhlekelele. Lesi simo wukwanda kwabantu emhlabeni. Kulindeleke ukuthi abantu emhlabeni babe yizigidigidi ezilishumi ngonyaka wezi-2050. Lesi sibalo siyodala ingcindezi kokuningi, kusuka kwezomnotho, ingqalasizinda, ukuhlaliswa kwabantu, indawo yokulondoloza asebedlulile emhlabeni, amanzi ahlanzekile nokudla okwanele.

Amadolobha amakhulu emazwekazini ahlukene kulindeleke ukuba abe nesibalo esiphindaphindiwe. ENew York City kulindeleke ukuba abantu babe yizigidi ezingama-24.8, eMexico City izigidi ezingama-24.3,  eTokyo ezingama-32.6, eMumbai ezingama-42.4, eNew Delhi ezingama-36.2 kuthi eLagos kube ezingama-32.6.

Yize amanye amazwe abesenazo izinhlelo zokubhekana nalesi simo esizayo, ukufika nokusabalala kokhuvethe kuphazamise okuningi. Ukhuvethe lunyakazise ezomnotho wehla ngokuphindwe kathathu kulokho kunyakaziseka kwezezimali kwangowezi-2008. Ngokombiko we-UN, ububha emhlabeni jikelele buyakhula okungokokuqala ngqa kusukela ngokunyakaziseka kwezezimali kwase-Asia ngowe-1998. Ngowe-1990 izinga lobubha emhlabeni jikelele lalingama-35%. Kwathi ngowezi-2018 labe selehlile selingama-8.6% kodwa selithe ukuphakama laba ngama-8.8% nonyaka futhi kungenzeka lilokhu likhula unyaka wonke wezi-2021.

See Also

Lesi simo senze izinhlangano eziningi kanye nohulumeni kakhulu ohlangothini lwezinhloli babuka okungaba wumphumela wokhuvethe kwezokuthula ezweni. Esethulweni esenziwe ngabe International Monitory Fund (IMF) ngaphansi kwesihloko esithi: Vicious Cycle: How Pamdemics Lead to Economic Despair and Social Unrest, ababhali baphawule bathi: “Ubhubhane ukhuvethe lubhubhise umnotho womhlaba futhi kungenzeka ukhulise nokungalingani eminyakeni eminingi ezayo. Sesitholile ukuthi ubhubhane lwezikhathi ezedlule yize lwabe luluncane kunokhuvethe kodwa lwaba nomthelela ekungazinzini kwemiphakathi ngenxa yomthelela walo ekukhuleni komnotho nasekungalinganini. Ubhubhane lunomkhutshana wokucindezela ezomnotho futhi lwandise ukungalingani, kokubili ukungakhuli komnotho nokwanda kokungalingani kusemqoka ekuqhubeni ukungazinzi ngokwenhlalo. Ngaphezu kwalokho, ukungazinzi ngokwenhlalo kubuye kuqondaniswe nokulahleka kokukhiqiza  kanye nokungalingani, okuyisiyalu esilimazayo. Imiphumela yethu isho ingcuphe enkulu yokungazinzi ngokwenhlalo ngale kokhuvethe ngaphandle uma kunenqubomgomo esheshayo nenohlonze isetshenziswa ukuvikela labo abasengcupheni emphakathini.”

INingizimu Afrika yize inengqalasizinda engcono kunamanye amazwe amaningi e-Afrika ayisindanga olakeni lokhuvethe kanti futhi kubukeka kusazoba nzima njengoba kuleli sonto kuvele izindaba zokuthi igagasi lesibili lokhuvethe selingene. Lokhu kuzosho izinto eziningi; okokuqala izibhedlela zizosindwa, amabhizinisi amaningi yize ezobe esevaliwe njengoba kuwuZibandlela kepha umkhiqizo ungahle uphazamiseke ngoMasingana uma abantu sebebuyela enkomeni. Okunye okungaphazimseka ngezemfundo njengoba izibalo zakamuva zikhomba ukuthi iva selihlaba abaneminyaka eli-15 kuya kweli-19.

Scroll To Top