Ayivumi ukucima imililo komasipala nakulokhu



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Ukungaphathi kahle nokungathembeki kwezinye izisebenzi zomasipala kuholele ekutheni baqashwe ngolokhozi
Kubo bonke ohulumeni abakhona kuleli kusuka kokazwelonke, owesifundazwe nowendawo okuyiwona osondelene kakhulu nabantu, intuthuko ehlale ifunwa ngabantu kayikho kulaba abanye kepha itholakala kuHulumeni Wendawo.
Amakhansela okuyiwo ashaya imithetho kulesi sigaba sikaHulumeni ahlale ehleli ngesinqe esisodwa ngoba uma kuke kwanesikhalo umphakathi ubhodlela kuwo. Nokho kokunye nawo awekho msulwa njengoba abuye atholakale eseqe imigomo yawo nemithetho yezwe amanye aze aboshelwe inkohlakalo, okulichilo.
Lokhu kuyefana nasezisebenzini komasipala nakulo nyaka nazo ezizithole sezibhekene nengalo yomthetho. Ezinye zihamba amacala kanti ezinye zikhonjwe ezeza ngayo. Esifundazweni iKwaZulu-Natal kube nomasipala abayisi-9 abafakwe ngaphansi komlawuli. Labo masipala uMsunduzi, iRichmond, iMpofana, i-Inkosi Langalibalele, uMzinyathi, AbaQulusi, i-Emadlangeni noMtubatuba.
UMsunduzi
Iselichilo iNhlokodolobha yaKwaZulu-Natal, uMsunduzi njengoba nakulo nyaka uqhubekile ngokuba ngaphansi komlawuli ojutshwe uMnyango. Futhi ngokuvela kwezimo ezithile kuyacaca ukuthi umlawuli usazoqhubeka agobe amadlangala eNhlokodolobha.
UMasipala lona usuwaphenduka uteku kwabanye. Isiqubulo saseMsunduzi sithi; City of Choice, kodwa izakhamuzi sezithi ‘iCity of Potholes’. Le migodigodi kuthiwa ukuze ilungiswe kudingeka imali elinganiselwa ezigidini ezingama-R650, kumgwaqo olubhuqu kudingeka imali engangezigidi ezingama-R230.
Isimo asisihle nakwezinye izidingo njengamanzi kanye nokuthuthwa kwendle lapho kuthiwa ukuze konke kuhambe ngononina kudingeka imali elinganiselwa ezigidini ezingama-R350.
Namasela kawazibekile phansi kule ndawo njengoba ngenyanga nje eyedlule kubanjwe umlisa entshontsha uphahla lwehholo ledolobha. Lolu phahla lwakhiwe ngekhopha, kuyimanje njengoba kuyisikhathi sezimvula luyavuza uphahla lwehholo lweNhlokodolobha. Ukululungisa lokhu kuthiwa kungadla imali elinganiselwa ezigidini ezingama-R75.
Izinkinga zokuqoqwa kwemali zisami ngenhla bheka ngoba sekuze kwangenelela noMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu ukuxazulula inkinga izakhamuzi ezikhala ngayo ukusebenzisa uhlelo iSAP ezikhala ngokuthi lubuye luqagele uma lwenza izikweletu.
Izigigaba zokusha kweNew England Landfill Site lapho idolobha lasibekelwa intuthu amasonto amabili. Lokhu kwawuthukuthelisa umphakathi. Umbiko obusuthathe iminyaka uhlanganiswa uveze amahlazo okumele uMasipala ubhekane nawo. Umhlahlo ulahle iMeneja yeHhovisi leMeneja yedolobha, uNks uMedelien Jackson kanye neNhloko yabacwaningimabhuku uMnu uPetrois Mahlaba ngenkohlakalo, nokugodla ulwazi lwezisebenzi ezithenteka enkohlakalweni. Kabayishiyanga neMeneja endala nesiyashiya, uMnu uNkosi kulokhu.
Ukuqokwa kweMeneja entsha ngoMbasa nonyaka, uMnu uMadoda Khathide kulethe ithemba. IMeneja ifikele phezu kwemililo namanje esabukeka yehluleka ukuyibhula. Omunye umlilo osasha ubuhanguhangu wudaba lwezimali. Mhla zingama-25 kuLwezi uKubheka ucele ukuba amakhansela amnike imvume ukuba ayokhothama kuHulumeni wesifundazwe ukuba ubalekelele ngemali yokulungisa umgwaqo, ugesi, izakhiwo zikaMasipala okubalwa nehholo ledolobha ngoba iNhlokodolobha ayinamali.
Kulo Masipala kudingeka imali elinganiselwa ezigidigidini ezi-R2,8 ekutheni kulungiswe ingqalasizinda. Njengamanje uMasipala ubhekene nengwadla yobumnyama ezindaweni lapho ugesi uphethwe khona uMasipala. Kulo Masipala kunezingxenye lapho ugesi uphethwe khona u-Eskom bese kube nezingxenye lapho uphethwe uMsunduzi. Ezethulweni iMeneja ezenzile kuMkhandlu ngenkathi inxusa imvumo yokuyokhothama komkhulu babo (UMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu) iveze ukuthi iziphehlimandla ezincane zizodinga imali elinganiselwa ezigidini ezingama-R370. Iziguqulimandla zidinge izigidi ezingama-R290. Izintambo ezidicilelwe phansi izigidi ezi-R169. Amalambu emigwaqo izigidi ezingama-R56. Amalambu amade izigidi ezi-R4,5.
EThekwini
ITheku laziwa ngolwandle olucwebile kanye nobukhazikhazi. Nokho okunye eselaziwa ngako muva nje wubugebengu obubandakanya izikhulu zikaMasipala nosopolitiki abaphezulu. Ukuboshwa kweMeneja kaMasipala, uMnu uSipho Nzuza, ngezinsolo zenkohlakalo okuhlanganisa ithenda lemfucuza ebiza izigidi ezingama-R430 kushayelele isipikili sokugcina. Uboshwa nje uMshazi nowayeyiMeya yedolobha uNkk uZandile kaMajola Gumede, bobabili kanye nohide lwamakhansela nabasolwa ngokusebenzisana nabo bangaphandle ngebheyili. KuNzuza eminye imigomo yebheyili yakhe ithi akumele azibandakanye nokuqhubeka emkhakheni iSupply Chain, okulitshe uma uyiMeneja yedolobha ngoba kumele wazi futhi uzibandakanye nakho konke okwenzeka kuMasipala okusho ukuthi kukho konke okwenzakalayo nguye okumele aphendule lokhu okusho ukuthi uncishwe amandla akhe.
Okunye okuhambe phambili kulo nyaka ukuboshwa kwezisebenzi ezimbili ngamacala ahlukene esinye ukweba uphethroli, esinye saboshwa ngenxa yokuhlela itulo lokwenza engathi sidunwe imoto yomsebenzi. Okwashaqisa abaningi umbiko wekomiti labacwaningimabhuku lapho lethula ukuthi iTheku likhokhe imali engaphezu kwesigidigidi esabelwenimali esedlule ekukhokheleni izisebenzi isikhathi sokusebenza eseqile.
Leli dolobha lakhokhela izisebenzi imali elinganiselwa esigidigidini esi-R1,8 ngesikhathi eseqile.
Kuphinde kuphenywe inkohlakalo eqhubeka ezisebenzini zomkhakha wezamanzi nenhlanzeko enkohlakalweni ebalelwa ezigidini ezingama-R700. Ngenyanga eyedlule Umbilo Business Forum uphoqe uMasipala ukuba usayinde incwadi yesivumelwano ukuba ulungise ukuvuza kwamanzi, uma lo Masipala uhluleka ukwenza lokho izobafaka enkantolo ukubaphoqa ukuthi bakulungise.
EMtubatuba
Izigemegeme zaseMtubatuba kubikwe kakhulu ngazo kwelaboHlanga nokugcine kunenge iMeneja yawo nesabise ngokuthi izobopha iphephandaba. Ngokwemibiko elaboHlanga lethule ubufakazi obungaphikiswanga bokuthi kube ngenxa yomdlalo weMeneja uMnu uSiyabonga Ntuli ukuze uKhongolose ukwazi ukuginga indlovu (Inkatha).
Okunye okwabikwa ngakho kwabezindaba kwakuthinta izisebenzi ezithile okusolakala ukungalandelwa kwemigudu efanele ngesikhathi ziqashwa, okusolakala ukuthi izisebenzi ayesuka nazo eNdumeni. Akwaziwa ukuthi kuyogcinaphi kulo Masipala onerekhodi lokususa izimeya kane esikhathini esingangezinyanga eziyisi-6.
AbaQulusi
IMeneja uBonga Ntanzi ungumafa avuke isibili. Kulokhu uFakazi ubhekene nongafuni nakuzwa ngaye nomfuna ehambile. Ukuqinisekisa lokho kuthe kusaxoxwa esigcawini uMnyango wajuba uMnu uSipho Nkosi osuka eZululand ukuba ayodla esikaNtanzi. Nokho uFakazi wenze adume ngazo wayidudula, uhlezi nje siloba. Khona kulo Masipala awunayo iMeya ngokugcwele selokhu kwasula uJerry Sibiya, okhona ngobambile. Kukhona ukwesaba kubantu nasezibenzini ukuthi lo mbango wesobumeneja ungahle ungabe usalawuleka kuze kulimale nabantu.
INelson Mandela Bay
Lo Masipala obalwa nemikhulu ezweni ube sematheni ngezikhathi zokhuvethe. Muva nje ulahlekelwe obeyiMeya iKhansela uMongameli Bobani we-United Democratic Movement (UDM). Umkhuhlane uphinde wadla uSotswebhu we-African National Congress (ANC) iKhansela, uNcediso Captain obekunguyena lungu loMkhandlu elidala elilokhu laqala kusuka ngowe-1980.
Ngenxa yokubhebhetheka kokhuvethe uMengameli ube esenza unswinyo ukunqanda ukubhebhetheka kwalesi sifo. Ngaso lesi sikhathi sokhuvethe kuboshwe iKhansela u-Abraham Isaacs ngokusayinda imvume yokuthi usomabhizinisi akwazi ukuthenga izimpahla ngesikhathi somvalelwakhaya. Obebambe njengeMeya ngaphambi kokhetho lokuqoka uMeya omusha iKhansela uThsonono Buyeye ukhiphe ulwazi oluthi sekushone izisebenzi ezili-100 ngenxa yokhuvethe.
Kamumva sekusuke umsindo phakathi kukaMphathiswa woMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu uMhlonishwa uXolile Nqatha naloyo oqokelwe ukuba nguMeya uNqaba Bhanga ngoba uMhlonishwa ethi ukhetho lokuqokwa kweMeya alubanga nobulungiswa. IMeya uBhanga uthe lokho uMhlonishwa kuzomele akulwe enkantolo. Izizathu zikaNqatha zithi akulandelwanga imigudu efanele ngenkathi kuqokwa iMeya.
Uthi kuphoqwe ukuba kusuke uSomlomo uBuyelwa Mafaya ezindlini zoMkhandlu ngenkathi kuqokwa iMeya, kwaphinda kwangaba bikho iMeneja yedolobha kanye nesisebenzi soMnyango wakhe. Le Meya ibiqokwe mhla zizine kwephezulu, uMhlonishwa wabhala incwadi ziyisi-8 kwephezulu.
UMzinyathi
UMzinyathi uwuMasipala wesifunda. Yiwona Masipala owangena kuqala kunabo bonke omasipala esifundazweni ngaphansi kuka mlawuli. Lo Masipala wangena ngoNtulikazi ngowezi-2017 kuze kube imanje awukaphumi. Izizathu ezazenza lo Masipala ungene ngaphansi koMlawuli ngamafuphi ukuhluleka ukusebenzisa imali ngaphansi kwezinhlelo zengqalasizinda okwakuholela ekutheni noMnyango Wezezimali kazwelonke uhoxise izimali zawo ozinika lo Masipala ukuba uhambise intuthuko emphakathini.
Ezinye izizathu ukuhluleka ukulawula imali, izingqinamba ezihlangene nokulawula umkhakha Wezokuhlinzeka Ngempahla. Imibiko kamcwaningimabhuku engemihle kanye nokuhluleka ukugcwalisa izikhundla ezimqoka kuMasipala. Kulo Masipala ngoMandulo kwethulwe uMlawuli omusha uMnu uThemba Mavundla obeyiNhloko yoMnyango Wezokuxhumana Nokuphepha Komphakathi kwakhishwa u-Ayanda Makhanya.
INewcastle
Nokho akukubi konke komasipala. UMasipala iNewcastle kulo nyaka embikweni woMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu uhlonzwe njengomunye womasipala abahambe phambili kulo nyaka ku-IDP Indaba. Lo Masipala ngowedlule yiwo owawuphansi kunabo bonke omasipala ngama-59.63% kodwa kulo nyaka wezimali wezi-2020/21 uthole ama-77.63%
Ukwenza kahle kwalo Masipala kulandela ukubuyela eHhovisi kukaMeya uDkt uNtuthuko Mahlaba, owayekade emisiwe ukuba aqhube umsebenzi wakhe ngenxa yamacala ayethweswe wona. Lo Masipala ucishe wamnyama ngenxa yesikweletu esiphezulu sika-Eskom okwakuyizigidi ezingama-R270. IMeya ixoxisana neBAYEDE yathi benze uhlelo lokukhokhelana no-Eskom uMasipala awuzange wahluleka ukuhlangabezana nesivumelwano.