Now Reading
Ulobizela ithuba kwawesizwe umfo kaThabizolo kunobhutshuzwayo
Dark Light

Ulobizela ithuba kwawesizwe umfo kaThabizolo kunobhutshuzwayo

Usezikhombisile ukuthi usevuthiwe  kunobhutshuzwayo  njengoba engukaputeni weqembu lakhe  


Iminyaka yakhe yobudala mincane, unekhono eliyisimanga nekusasa lakhe libukeka liqhakazile.

Lowo nguSphiwe Given Msimango olibamba kuthule umoya emumva eqenjini likaTim Sukazi iTS Galaxy egijima kuDStv Premiership.

Lo mdlali owazalelwa eBenoni eminyakeni engama-23 eyedlule ubenengxoxo ekhethekile nelaboHanga lapho echaze ngezimo ezinhle nezimbi abhekene nazo njengoba ehola iqembu esigabeni esikhulu. UMsimango ungukaputeni omncane kunabo bonke emaqenjini adlala kuDStv Premiership.

Iqiniso lithi ukuba ngumholi weqembu kudinga umdlali onamava okanye onokhakhayi oluqinile noma osemudala eqenjini.

Yize kunjalo lokho umfo kaMsimango akumenzi ahluleke ukuhola iTS Galaxy eteketiswa ngokuthi iThe Rockets.

“Uma ungukaputeni usuke ungeyena umdlali ofana nabanye. Okwenza ngisho lokho ukuthi indlela iqembu elenza ngayo kubhekwa wena ngaphambi kokubhekwa abadlali ngabodwana. Kumele uhlezi ukhombisa ukuba umholi ngaphakathi nangaphandle kwenkundla. Izinto eziningi zidlula kuwena. Okunzima ukuthi kumele ngenze isiqiniseko sokuthi iqembu lenza kakhe, ngiphinde ngizibheke mina uqobo indlela engidlala ngayo,” kusho uMsimango.

IThe Rockets ingomakoti kuDStv Premiership emva kokuthenga igunya lokudlala kule ligi kuHighlands Park. Isidlale imidlalo emihlanu kule sizini.

Kule midlalo esidlalwe ileli qembu laseKameelrivier eMpumalanga, alikaze lehlulwe. Linqobe owodwa ladlala ngokulingana kwemine. Lihlule AmaZulu FC ngegoli elilodwa eqandeni, ladlala ngokulingana neKaizer Chiefs, iSwallows FC, iLamontville Golden Arrows neTshakhuma Tsha Madzivhandila FC nayo engomakoti. Kuyimanje iThe Rockets ihlezi endaweni yesi-8 kulogi.

Ephawula ngokuhle ekubeni ngukaputeni uMsimango uthe: “Inhlanhla engandele bani ukuba ngukaputeni ikakhulukazi eqenjini elidlala kuligi enkulu. Kungifundisa ukuthi ngiziphathe kahle ngaso sonke isikhathi. Ngiyafisa ukufunda okuningi ekutheni ngibe ngukaputeni isikhathi eside. Kuyangijabulisa ngoba imiphumela isasivuna kakhulu.”

Ngaphambi kokujoyina iTS Galaxy ubedlalela iHighlands Park ayijoyina ngonyaka wezi-2018. Kwenzeka okungejwayelekile njengoba wadlala ibhola elikhokhelayo esuka eqenjini elaligijima kuSAB League i-University of Johannesburg (UJ). Kuyimanje isizini yakhe yesithathu edlala esigabeni esikhokhelayo.

Uqhube wathi: “Kuyangijabulisa kakhulu ukuthi asikadliwa kodwa futhi kungiphatha kabi ukuthi emidlalweni esiyidlalile sinqobe owodwa. Ibhola lethu liyagculisa kakhulu kodwa kumele sisebenzise amathuba ngoba uma kungabhekwa imidlalo yethu sidala amaningi amathuba kuneqembu esisuke sidlala nalo kodwa sigcine sidlala ngokulinga.”

IThe Rockets iqeqeshwa uDan Malesela ngokubambisana noZipho Dlangalala. Laba baqeqeshi bayaziwa ngebhola elidla utshani.

ElaboHlanga limbuza uMsimango ngokufiswa abadlali noma abaqeqeshi ekupheleni kwesizini uthe: “Asinayo ingcindezi ekutheni sifuna ukubalwa namqembu ayisi-8 aphezulu, cha akunjalo. Okufunwa iqembu ukudlala sinqobe imidlalo konke kuzobonakala uma kuphela isizini. Engingakusho nje ukuthi ekupheleni kwesizini sizobe sisendaweni egculisayo.”

Ekuholeni kwakhe iqembu uthe ubukela ku-Itumeleng Khune ongukaputeni weChiefs noThulani Hlatshwayo yena ongukaputeni we-Orlando Pirates neBafana Bafana.

See Also

Uthe isifiso sakhe ukuba yingxenye yeqembu labaneminyaka yobudala engaphansi kwengama-23 elizomela iNingizimu Afrika emdlalweni ye-Olympics ngonyaka ozayo eJapan. Ngelinye ilanga komjabulisa ukudlalela iBafana Bafana adlale naphesheya kwezilwandle.

IThe Rockets kule mpelasonto izotholana phezulu neStellenbosch FC emdlalweni ozokuba ngeSonto ngele-15:30 eMbombela Stadium.

“Kuncane okuhlukile kwesifuna kwenzeke kulo mdlalo okuwukuthola amagoli, siqhubeke nokudlala ibhola lethu elihle. Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu,” kusonga uMsimamgo.

Lo mdlali wenza unyaka wesithathu e-University of South Africa (UNISA) wezifundo zeBusiness Management.

Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership ithakwe kanje: 

Kusasa

  • ICape Town City ne-Orlando Pirates, eCape Town Stadium ngele-15:30.
  • ILamonville Golden Arrows neSwallows FC, eSugar Ray Xulu Stadium ngele-15:30.
  • ITshakhuma Tsha Madzivhandila na-AmaZulu FC eThohoyandou Stadium, ngele-18:00.
  • IMaritzburg United neMamelodi Sundowns eHarry Gwala Stadium, ngele-20:15.

NgeSonto

  • ITS Galaxy neStellenbosch eMbombela Stadium, ngele-15:30. 
  • IBaroka FC neChippa United ePeter Mokaba Stadium, ngele-15:30.
Scroll To Top