Now Reading
Nawe Shikishela awumncinyane ugadle kwezwakala
Dark Light

Nawe Shikishela awumncinyane ugadle kwezwakala

Ikhule ibukela kwabanohlonze kwelomnqakiswano intokazi kaMngomezulu yagcina ngokuzuza ukuqokelwa kwelesizwe


Inezifiso zokuqhubeka nezifundo zayo iphinde izinze eqenjini lesizwe lomnqakiswano intokazi esencane igama okunguNomfundo Mngomezulu.

Le ntokazi eyazalelwa KwaShikishela, eMtubatuba, ibiyingxenye yabadlali abebedlala kuSpar Proteas okuyiqembu lesizwe ebelibhekene neMalawi emdlalweni yeSpar Netball Challenge emithathu ebibanjelwe lapha eNingizimu Afrika, eSun City, esifundazweni iNorth West.

Ikhuluma nelaboHlanga le ntokazi eneminyaka yobudala engama-23, ithe yaqala ukudlala ibhola lomnqakiswayo isafunda isikole kodwa yagxila kakhulu kuwo ngonyaka wezi-2012 nalapho yadlala imidlalo yeKwanaloga. Ifunde amabanga aphansi eShikishela Primary School,  yadlulela eMzabalazo Primary School yaze yaqedela umatikuletsheni eSilethukukhanya High School. Manje yenza izifundo zeComputer Secretary e-Avuxeni Computer Academy.

“Ukubizelwa kwami eqenjini lesizwe ebelitholene phezulu neMalawi ngeledlule kube yinto engijabulise kakhulu. Ukujabula kwami kwaqala ngesikhathi ngisabizelwa ekhempini kwaba okunye sengiqokwa eqenjini labadlali abazodlala neMalawi. Lokho kungivezela ukuthi indlela eyaphambili iyakhanya,” kusho uNomfundo.

Ebuzwa ngakufunde ekhempini yeqembu lesizwe uthe: “Ngifunde lukhulu kakhulu, ngiyafisa ukuthi ngiphinde ngibizwe futhi emidlalweni ezolandela. Ngizoqhubeka nokuzimisela ukuze igama lami lizoqhubeka ukubizwa ngabaqeqeshi.” 

Le ntokazi ithi ubukela kuBongiwe Msomi ongukaputeni weSpar Proteas ophinde abe ngumqeqeshi we-University of Johhanesburg (UJ).

Amaqembu aseke adlala kuwona iKwaMsane Central, iZipho Zonke, iKingdom Stars neKingdom Queens okuyiqembu elinezinyanga lisunguliwe lidlala umqhudelwano omkhulu kuleli iTelkom Netball League (TNL). Imiqhudelwano emikhulu ayidlalile obizwa ngeKwaZulu-Natal Super League noweTNL okuyiwo omenze wabizwa kwelesizwe.

Uthe umuntu okunguye ohlezi emkhuthaza uNompumelelo Mthembu adlala naye kuZipho Zonke ngaphansi kweKZN Super nophinde abe isekela mqeqeshi weKingdom Queens.

ISpar Proteas iyinqonbe yonke imidlalo emithathu eyidlale neMalawi Queens. 

Omunye umdlali obeqokelwe eqenjini iSpar Proteas kule midlalo odabuka esifundazweni iKwaZulu-Natal nguFezeka Sondzaba, ongukaputeni weKingdom Queens.

See Also

Ekhuluma nelaboHlanga uFezeka uthe kumjabulise kakhulu ukubizelwa kwelesizwe.

“Ngifunde lukhulu kakhulu eqenjini lesizwe njengoba ngidlala emumva ngifunde indlela elula yokuvimba izitha. Ukudlalela iSpar Proteas kungitshengisile ukuthi ukhona umehluko phakathi kokudlala eqenjini lesizwe kunaseqenjini lakho” kusho uFezeka.

Ekhuluma ngoNomfundo  uthe: “Ungumdlali omncane onekhono eliyisimanga. Engingamululeka ngakho ukuthi aqhubeke azimisele, iminyaka isamuvumela usengahamba uhambo olukhulu kakhulu kulo mdlalo.”

UDumisani Chauke oyisekela mqeqeshi weSpar Proteas uthe imjabulise kakhulu indlela iqembu lesizwe elidlale ngayo kule midlalo.

“Bekubalulekile ukuthi kube khona umdlalo esiwudlalayo siyiqembu lesizwe kwazise besekunesikhathi sagcina ngenxa yokhuvethe. IMalawi akulona iqembu elilula nje ukubhekana nalo njengoba ikleliswe endaweni yesibili lapha e-Afrika. Kujabulise kakhulu ukuthi kunikezwe abadlali abasebancane ithuba, badlale kakhulu ukunqoba le midlalo,” kusho uChauke.

UChauke uthe abadlali bazonikezwa ithuba lokudla amaholidi kaNcibijane bese beyabizwa ukuyodlala imidlalo lapho bezobhekana khona ne-Uganda nayo okuyiqembu okunzima ukudlala nalo.

Scroll To Top