ISILO sethule ibutho emphakathini nakuHulumeni



INgonyama kaZulu esesihlalweni ingowolibo lweLembe.
Inkulumo yeSILO ngoMkhosi WoSelwa, eNyokeni kwaNongoma ngoLwezi wezi-2020
Kuleso naleso sizwe siyafika isikhathi sokubheka emuva ngenhloso yokubuyekeza. Lo msebenzi wanamuhla uyilokho, ukubuyekeza ngenhloso yokuqala kabusha. Ngalo Mkhosi isizwe siyebuza, kusala okudala kuchume okusha. NjengeNkosi yenu lesi yisikhathi esimqoka njengoba kuyisikhathi sokukhuphukela entabeni. Yebo, engikwenzayo uma ngilungisela lo Mkhosi kanye nangalolu suku lwanamuhla kusuke kuwukukhuphuka nemithwalo engisuke ngiyiphathiswe yisizwe. Kulokhu engikuphathisiwe kukhona izikhalo kanjalo nokubonga.
Ngamafuphi, ngalo Mkhosi sisuke sikhuleka ngokujulile esigabeni sesizwe. Sibonga imvelo uSomandla asiphe yona, yikho seshwama nje. Sibonga ukuvikeleka nokuphila kwesizwe. Sibonga ukuvikeleka kweSihlalo noseSihlwaleni. Sibonga ukungaqheli kweZinyandezulu zesizwe kithi ngezikhathi ezimqoka. Kimi akukho ukungabaza ekutheni uMkhosi walo nyaka uyoqoshwa emlandweni nowehluke kakhulu. Ngaphandle nje kokwehluka kwawo ngenxa yemigomo yokhuvethe ezweni, size kuwo simanxebanxeba. Imindeni eminingi ngalesi sikhathi njengeNdlunkulu kaZulu ize kulo Mkhosi yephukile. Sigubha nje amanye amalungu emindeni asezibhedlela noma asokhukhwini lokufa. Amanye adlulile emhlabeni. Uzothi omunye zonke izinsuku abantu bayafa noma bagule pho nonyaka kwehluke ngani?
Umehluko kulo nyaka wukuthi iningi lihambe ngodosi lwesitha esingenalo uzwelo, ukhuvethe. Lesi sitha ngisifanisa nesiqhwaga esinonya ngoba asilandeli ngisho imithetho yempi, udosi lwaso silufaka emfazini silufake endodeni, silufake kubabusi, osopolitiki, abefundisi, amaphoyisa, izifundiswa, odokotela nabahlengikazi, othisha ngisho nabantu nje jikelele. Asigcini ngokudlakaza umzimba waloyo esimphetheyo simephuce okumqoka okungumoya kepha sidlakaza ngisho izinkumbulo ngaloyo esesimthathile. Nkumbuloni umuntu angaba nayo uma isihlobo sakhe asesazi iminyaka, indoda noma umfazi womuzi noma umholi womphakathi nesizwe ngosuku lokulondolozwa kwakhe engeke asangena ekhaya kwabo? Afike umkhumbi wakhe ususongwe ngocwazi engeke asabonwa kwenziwe imikhuba namasiko kwalapha ekhaya? Yikho ngithi lo nyaka ungohlukile.
Lezi zimo ziphoqe ukuthi nami njengeNkosi yesizwe esikhulu eNingizimu Afrika ngihole ngokucophelela ngalesi sikhathi ikakhulukazi uma kuqhutshwa imikhosi yesizwe. Nizokhumbula ukuthi nonyaka uMkhosi WoMhlanga ohanjelwa zinkulungwane zezintombi siwenze ngendlela eyehlukile nehloniphekileyo. Nakulo Mkhosi WoSelwa sizokwenza okufanayo, sizokwehluka kepha futhi ngeke silehlesi izinga lokuhlonishwa kwaloMkhosi.
Akuyona imfihlo ukuthi kungani senze lokhu. Ukuphuma nokukhula kwezibalo zokhuvethe kwenzinye izingxenye zesifundazwe ezifana; neLembe, iTheku, Amajuba neNkosi uCesthwayo kwenze ngasibona isidingo sokucophelela. Lezi zinguquko njengaseMkhosini WoMhlanga zizoqinisekisa ukuthi silandela imigomo eyelusa ukusabalala kokhuvethe.
Ngiselapho Zulu
Ngiyafisa ukugcizelela ukuthi izihlangu zokuvika lesi sitha zilapha kithi, zincane nje kepha ziyasebenza. Izimfonyo lezi yisihlangu ongasethemba. Kanjalo nokuzithiba, ungabi luvanzi, ugweme izixuku ngenye yezindlela ongadida ngayo lesi sitha nesifo. Kuvamile ukuthi uma kunesifo futhi esigadla siphindelela bese kutshaleka umoya wokungabaza kulokho okuyizimiso zomndeni nesizwe. Angeke nje ngimangale uma abanye ngenxa yalesi sifo nalezi zifo ezivele emindenini yethu bese besola.
Kulokho ngiyakhuza ngoba nginobufakazi ukuthi uSomandla akasifulathele, iZinyandezulu azisifulathele kunalokho ziyasisondeza. Yebo, umndeni nesizwe kokunye basondezwa ngezigameko ezibuhlungu kulokhu okuyinsika yabo. Nathi lokhu kuyizindlela zokusisondeza.
Silapha manje njengesizwe. Singangaba zinkumbi njengoba sifisa kepha silapha. Kulo Mkhosi nokungumkhuleko ngamunye ngamunye simele imindeni yethu, izigodi zethu nesizwe. Ngakolunye uhlangothi mina ngembathe konke okuvela kini njengesizwe.
Umkhuleko wami nonyaka ngothi uSomandla kasembule amehlo sibone ngale kwesifo. Owembulwe amehlo namuhla uzoqonda ukuthi isikhathi somuntu emhlabeni singumusa. Uzosifuna isizathu sokuba abe lapha emhlabeni nokuthi ahlengwe kulolu laka lokhuvethe. Oyoba nenhlanhla ngoyothola lezi zimpendulo ngoba ngiqinisise ngiqinisile owambulelwe lokhu uyoba yisidalwa esisha.
Okunye okwehlukile ngoMkhosi WoSelwa nonyaka wukuthi wenzeka ngosuku lapho umhlaba wonke ukhumbula inxeba elikithi sonke. Namuhla mhla lulu-1 kuZibandlela umhlaba ugubha usuku olwaziwa ngolwengculazi. Lolu akulona usuku lwabathile abahlatshwa yiva kepha kukhunjulwa nemindeni yabo.
Akekho-ke ongaqamba amanga athi emndenini wakhe noma kubangani nasezihlotsheni akekho owake wahlatshwa yiva ingculaza. Sonke leli liva lasihlaba ngezindlela ezahlukene kepha ngoMusa nakhu sisekhona. Akwenzekanga iphutha ukuthi kuqondane lo Mkhosi kanye noSuku Lwengculaza. Kimi lokhu kuwumlayezo othi impendulo nokungabangula leli liva kusemlotheni, futhi angingabazi ukuthi kungekudala lizovela ikhambi.
Kube yishwa ukuthi sihlaselwe wukhuvethe ngoba ukufika kwalo kwenze zadonda izinhlelo zokubhekana nengculaza. Ngiyagqugquzela ukuthi labo abathatha imishanguzo bangayeki ngoba lokhu okulukhuvethe kulisela, ungayeka kuzongena ngenxeba. Nasemitholampilo ngiyanxusa ukuba abantu bakababa basizwe ngenhlonipho. Kanti nakumalungu omphakathi nginxusa ukuba kuvikelwe onompilo abasebenza ngaphansi kwezimo ezinzima, bevika ukhuvethe negculaza okuyinto ewukhandlayo umzimba nomphefumulo.
Sengibuya kosingaye
Izinsizwa zami lezi ezincane, ngiyafisa ukuqala ngokunibongela ekutheni umlando uqoke nina ukuba nibe kulesi sibaya namuhla. Lokhu kunesizathu. Ibutho lenu liyoxoxela izizukulwane ngalo nyaka esikuwo. Liyoba ngofakazi ukuthi ngalesi sikhathi uZulu ngesikhathi esimqoka nesokulingwa wasondela esiqwini sawo.
Nimi enkundleni yomlamdo lapho kwake kwama khona aMakhosi kaZulu. Lapho kwake kwama khona okhokho benu endulo. Namuhla niyingxenye yebutho lona ngokomlando eliyingxenye yoMkhumbi Wempi kaZulu. Ngokuba lapha umele okhokho bakho nabazali bakho. Ukuba khona kwakho lapha wukuthatha umkhonto.
Zingane zami ngabe anginitshele iqiniso uma ngingasho inkinga enibhekene nayo njengoba nimi lapha namuhla. Ngiyazi ukuthi niphuma emakhaya nasemiphakathini esobishili olungakanani. Abanye benu bavela emindenini engenabo abazali besilisa. Emindeni lapho kungasebenzi noyedwa nasemindeni lapho izifo zidla wonke amalungu omndeni. Abanye benu sebephenduke izinhloko zemizi ngoba akusekho muntu.
Emiphakathini yenu nizungezwe wububha obumangalisayo. Nivika ubugebengu imihla namalanga. Lesi yisimo okungamele noma yiyiphi ingane iphile noma ikhule ngaphansi kwaso. Yize ukuba lana kungeke kwaqeda zonke izinkinga zenu kepha kuzonakha ukuba nibe ngamadoda angcono kusasa. Isikhathi esikuso nesizayo sidinga amadoda aqotho, azobuyisa isithunzi sikaZulu. Izingane zami lezi eziyingxenye yoMkhosi WoMhlanga zifanelwe ngabesilisa abaqotho. Labo bantu besilisa kungaba yini uma nani njengazo niziphathe kahle. UHulumeni udinga izakhamuzi eziqotho ezihlonipha umthetho lezo zakhamuzi kungaba yini. Leli butho lenu ngilinquma ngesikhathi ngingena ekhasini elimqoka emlandweni weSihlalo. Nonyaka ezinsukwini ezimbili ngomhla zi-3 kuZibandlela ngiqala iminyaka engama-49 ngiseSihlalweni sikaZulu. Ngonyaka ozayo kuzoqopheka engama-50. Lokhu kimi kuyisibusiso hhayi kuphela seminyaka emide kangaka kepha kuyisibusiso esikhulu kimi ukuba ngimile phakathi kwenu. Asikho esinye isizwe engifisa ukuba yingxenye yaso ngaphandle kukaZulu.
Lesi sizwe bantabami kule minyaka sibe yikho konke kimi. Sibe yingubo lapho ngigodola, saba yisiphephelo sami lapho izimo ziphakama. Kulesi sizwe ngifunde ukuzihlonipha nokuhlonipha wonke umuntu. Engizama ukukusho lapha zingane zami wukuthi nizalwe esizweni okungathi uma nilandela wonke amasiko nenqubo yaso ningakhula nibe ngamadoda aqotho.
Zulu okhona lapho
Nosemakhaya ukuphumelela kwale zingane zami zabafana kulele kini. Lezi njengoba kuyizingane zami nje yizingane zenu. Ziyadinga ukukhuliswa futhi ziyadinga ukuba nezibonelo ezinhle. NgesiZulu izingane zikhuliswa wumphakathi, nina-ke ningabazali bazo, ningamehlo ami okumele aqinisekise ukukhula kwazo kahle. Abazali bayisibuko sayinoma yiyiphi ingane. Okwenziwa ngumzali kuyahlala emqondweni wezingane. Uma zibona oyise nonina behlale bethukana nazo zokhula zenze njalo. Uma lapha ekhaya kukwampunzi edla emini nakweyawo imizi kuyoba kanjalo. Uma bebuka izenzo zokuhlukumeza nazo ziba ngabahlukumezi.
Ngikusho lokhu ngoba kuvamile ukuthi sisole izingane zethu nabazukulu bethu bese singabuki njengabazali izifundiso esazifaka kuzo mhla senza okuthile phambi kwazo. Kuhle-ke Zulu niguqule ukwenza ukuze nezingane lezi kakhulu zabafana nazo zenze okufanayo.
KuHulumeni Lapha nginakhela izakhamuzi eziqotho. Zamukeleni zisebenziseni ukuze sakhe isizwe nezwe eliphilayo. Laba engibethula manje yingxenye yokuqala yezakhamuzi, ingxenye yesibili ngizoyethula ngomhla zi-3 kuZibandlela. Labo ngabanye abafana bami, ibutho lami engilijube ukuba liyoqeqeshwa ngokubambisana noMbutho wamaPhoyisa kuleli. Ngeke ngenabe namuhla kepha ngoLwesithathu ngizokwenaba ngoba lokhu okwenzeka namuhla nokuzokwenzeka ngoLwesithathu yingxenye yohlelo lweminyaka eli-12 engaluqala ngowezi-2012. Le minyaka eli-12 ilingana naleyo iLembe elakha ngayo isizwe esisha, laqeda izinhlanga lakha uhlanga, laqeda izizwe lakha isizwe.
Kwabe kungumbono wami ukuthi nathi njengeLembe sidinga ukwakha isizwe esisha ngoba lesi esikhona sesidukile. Abaholi baso badukile, intsha yaso idukile, abesifazane baso badukile. Ngalezi zinhlelo ngithi isizwe asebuze, okudala nokusibuyisela emuva akuphele kuqale okusha. Ngaleli butho sakha okusha, ngemikhosi kaZulu sakha okusha. Uma sisuka ngowezi-2012 sesiseminyakeni eyisi-8. Kuningi esingakwenza futhi sizuze kuthi kule minyaka emine ezayo, inqobo nje uma sibambisene.
Lokhu kwanamuhla wumnikelo wami esizweni esisha esizayo nokumqoka ukuba sehluke ngoba ngaso singalungisa amaphutha ayizolo.
Ngala magama ngiyabonga kini nonke eniphumelele ukuza. Ngiyaninxusa ukuba niqaphele emigwaqeni yakuleli esiyaphenduka amathuna. Nizithibe ophuzweni, nivikele abesifazane. Nilekelele ekweluseni ukusabalala kokhuvethe nengculazi. Ngiyabonga