Izakhamuzi zisungule amakomiti okukhokhela uMasipala uMsunduzi



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Izakhamuzi ezakhele uMasipala uMsunduzi sezizibophezele ukwelekelela lo Mkhandlu ukulwa nezingqinamba obhekana nazo ezithinta ukuqoqwa kwemali yokuhlinzekwa kwezidingo.
Lokhu izakhamuzi zikuveze ngesikhathi uMphathiswa Womnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu KwaZulu-Natal, uSipho Hlomuka, ehambele kulo Masipala muva nje ukuyozwa izikhalo zomphakathi kanye nezingqinamba uMkhandlu obhekene nazo ikakhulukazi indlela yokukhokhelwa kwezidingo.
Izakhamuzi ziveze ukuthi sezisungule amakomiti abakhokhi bamareythi okuyiGreater Edendale Residents Association (GERA) neWoodlands Rates Payers Association (WRPA).
Ezikhale ngakho uhlelo olusetshenziswayo ezikholwa ukuthi izisebenzi zikaMasipala azisayi emizini yezakhamuzi ukuyobheka izinombolo emamitheni amanzi kepha seziyaqagula. IWRPA ithe ifuna ukungenelela ibe ingxenye yokuqhamuka nezixazululo.
UMnu uGart Rampaul weWRPA uthe bafisa ukubamba iqhaza banikele ngesikhathi sabo ukuba balekelele uMasipala kepha izisebenzi zikaMasipala ziyabamba zithi kunemigudu okumele ziyilandele uma ziya emphakathini.
“Izakhamuzi zicasukile, sikhulumile neMeya neMeneja uMnu uKhathide kanye noMlawuli uMnu uDuma. Sinamaqembu ali-14 wonke azimisele ukwelekelela uMasipala,” kusho uRampaul.
UNkk uJeanette Molefe weGERA obephethe iphephandaba langowezi-2011 iMeya kusenguChris Ndlela uthe uMasipala wabela iGreater Edendale imali engangezigidi ezingama-R57, 7.
“Sithola ukuthi sikweleta imali ephezulu kakhulu, sicela Mphathiswa ungenelele ngoba kuze kube yimanje ayikho into eyenzekayo,” kusho uNkk uMolefe.
UHlomuka wazise izakhamuzi ukuthi kumele zilandele imigudu bese ziya eHhovisi leMeya ngoba unomgomo weHhovisi elivuliwe lapho izakhamuzi zivumelekile ukuba zikhulume naye futhi zibe ingxenye yezixazululo ezinkingeni ezibhekene noMsunduzi.
“Kumele singaxabani kepha sisebenzisane noHulumeni, ingakho nathi size lapha ngoba uHulumeni ngowabantu. Okuyingxenye yala maphepha eniwaphethe sizokusebenzisa ukuthi kuqhanyukwe nesisombululo,”kusho uHlomuka.
IMeneja yedolobha uMadoda Khathide ecacisa kokwenzekayo kulo Masipala uthe: “Besisavinjwe imigudu okumele ilandelwe lapho kumele sibandakanye ikhansela. Sivumile ukuthi sizozihambisa izisebenzi zethu kodwa ikhansela lewadi lathi alithintwanga ngendlela. Sazithola sesiphakathi kodweshu lwepolitiki okuyinto esingafuni ukuzithola kuyona njengezisebenzi.”
UHlomuka egcizelela kulokhu okushiwo uKhathide uthe: “Kumqoka ukuba kulandelwe imgudu ikakhulukazi leyo yepolitiki ngoba uma kungenazinzo lwezepolitiki kuzothikameza ukusebenza kukaMasipala. Kumele kuqinisekiswe ukuthi amakhansela aba ingxenye yazo zonke izinto ezenzakayo ngoba kusasa zingalwa nezisebenzi ukuthi kungani zibhekana nento angakaphenduli kuyona.”
UHlomuka uthe okubalethe eMsunduzi balawula iSigaba 54 soMthethosikelo ukuba beseke omasipala.
“Izinkinga eziphakanyiswe ezindaweni eziningi ezihlasele lo Masipala imali ekhokhwayo okudalwa izakhamuzi ezingakhokhi. Uma sikhuluma nazo zithi ingoba azihambisani nalokhu okufika nezincwadi zemali okufanele ziyikhokhe. Siyaqinisekisa ukuthi zikhona izinguquko uma siqhathanisa nesikhathi sigcina ukuxhumana noMasipala,” kusho uHlomuka.
Uthe okunye abebekuhlola ukuthi izisebenzi zikaMasipala zikhuluma kanjani nezakhamuzi ngoba uma umphakathi ungaphatheki kahle ngeke ukhokhe.
“NjengoMnyango izisebenzi zethu ziyawulekelela uMasipala zihlangene noMlawuli njengoba bengaphansi kweSigaba 139 (1b). UMlawuli uyaqinisekisa ukuthi okwenziwa uMasipala kuhambisana nomthetho,” usho kanje.
Unxuse izakhamuzi ukuba zikhokhele uMasipala ngoba uma zingakwenzi lokho kuzodala ukuthi uwe uphinde ungakwazi ukuhlinzeka umphakathi ngezinsiza kanye nokwenza imsebenzi ehambisana nentuthuko emphakathini.
Sekuphele unyaka uMasipala wamemezela ukuthi banenkinga yokusebenza kohlelo iSAP System olwaluzosiza kube lula ukuthi uMkhandlu alawule izimali.
UMasipala ubungayithatheli izinyathelo zomthetho inkampani eyafaka lolu hlelo iDOH njengoba kwakhokhelwa umsebenzi ongenziwanga njengoba kunezinto ezishodayo kulo okwenza kube nzima ukuthi lusebenze.
IMeya kaMasipala uMzimkhulu Thebolla ephendula ukuthi ngabe uMkhandlu uzoyithathela yini le nkampani izinyathelo uthe: “Kufanele sizithathe izinyathelo ngoba kumele sikhumbule ukuthi le nkampani yasayina inkontileka. Ukushoda komsebenzi kusho ukuthi kunento abangayilandelanga enkontilekeni ngoba ukwehluleka ukuhlinzeka okwakuvunyelwenwe ngakho kuwukwephala inkontileka.”