Now Reading
UNdayishimiye uzibona njengowehlukile eBurundi
Dark Light

UNdayishimiye uzibona njengowehlukile eBurundi

Leli yizwe elincanyana kodwa elaziwa ngezidubedube, izimpi zemibango, ukubulawa kwabantu ngokulalelwa unyendle nokungabi khona kozinzo. Libe sezindabeni kakhulu ngesikhathi izintambo zombuso zithathwa uMengameli uPierre Nkurunziza. 

Kwasuka umsindo eguqula uMthethosisekelo ukuze aqhubeke aphathe ihlandla lesithathu okuyinto eyayiphambana nenqubo kanye noMthethosisekelo waleli lizwe. UNkurunziza washona isigubhukane ngonyaka wezi-2020 emuva kokuhlaselwa ukhuvethe. 

UMengameli osesihlalweni njengamanje u-Evariste Ndayishimiye ongene ngoNhlangulana wezi-2020. UNdayishimiye wenza konke okusemandleni ukuba ngohlukile kuNkurunziza noma bobabili bephuma eqenjini elilodwa futhi babesekhaleni lempi yomkhaya kuleli lizwe eminyakeni edlule. 

UNdayishimiye wayengumkhuzi wezempi isabambene ngezihluthu kweyomkhaya. Uphinde waphatha isikhundla sokuba unobhala jikelele wenhlangano ebusayo iConseil National pour la Defense de la Democratie-Forces de Defense de la Democratie (CNDD-FDD). Uthathwa njengomele ushintsho noguquko kuleli lizwe. 

Ngokwenqubomgomo yezokuxhumana namazwe, iBurundi isendleleni yokubuyela esigabeni sokuqinisa ubuhlobo. Sekuphele iminyaka emihlanu leli lizwe likhishwe inyumbazane, kodwa muva nje liqale izingxoxo zokulungisa isimo ne-European Union. 

Ngenxa yokuqonda ukuthi ukunswinywa kwaleli lizwe kunamthelela muni kwezomnotho nasekuthathweni kwezwe, i-European Union isebenzisa leli thuba ukuvalela ekhoneni uNdayishimiye ukuba akubone ukubaluleka kokuxoxisana.  

I-EU izimisele ukusebenzisana neBurundi ukuze kubhonculwe izikhonkwane zonswinyo ezafakwa ngowezi-2016. Lesi sigaba esibalulekile eBurundi bekulindeleke ukuthi senzeke ngasekupheleni kowezi-2021, kepha sekubhekwe ukuthi kwenzeke maphakathi nowezi-2022.

Inhlangano Yezizwe iyathambisa

Ngenxa yokushintsha kwendlela yokubuswa kweBurundi akusensuku zatshwala leli lizwe lisuswe ohlwini lwepolitiki yenhlangano yezizwe. NgoMfumfu wezi-2021 iNhlangano Yezizwe yathatha isinqumo sokungakuvuseleli ukweseka ikhomishini yayo eyayiphenya eBurundi. Le khomishini yasungulwa ngowezi-2016 ukuphenya izehlakalo zokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu. 

Usihlalo wayo uDoudon Diene, ongowokuzalwa eSenegal wayelwela ukuthi ikhomishini iqhubeke nomsebenzi wayo, kodwa wagcina engaphumelelanga ngoba kwathathwa isinqumo sokuthi indawo yayo ithathwe umphenyi ozimele.  

UNdayishimile useqalile ukuqinisa amaxhama okuxhumana namazwe angomakhelwane. Muva nje uvakashele e-Uganda lapho ehlangane khona nozakwabo uYoweri Museveni, wabe esedlulela eDemocratic Republic of Congo (DRC) wahlangana noFelix Tshisekedi. Ubheke kakhulu ukuqinisa ubudlelwano bezokuphepha neDRC. 

Kukhona konke akwenzayo emizamweni yokubuyisela leli lizwe kulokhu elaliyikho, unomthwalo wokwehlela ngezansi alungise isithombe esakheka ngelinye izwe elingumakhelwane iRwanda. 

UNkurunziza wayengabhekani noMengameli waseRwanda uPaul Kagame okungangokuba kwezinye zezinkulumo zakhe wayebiza iRwanda njengesitha seBurundi. 

Useqalile ukucubuza amagabade ngoba ngoMandulo wezi-2021 kwaba nochungechunge lwemihlangano yongqongqoshe bamazwe womabili enhlokodolobha yaseRwanda, iKigali. Osekusele manje ukuthi kuhlangane izinhloko zamazwe. 

Okungase kulimaze lezi zingxoxo kungaba yisicelo esimqoka seBurundi efuna ukuba kubuyiswe abasolwa ngokuzama ukuketula umbuso okuthiwa bahlala njengababaleki eRwanda. Ngokulandela isimo sezepolitiki kulesi sifunda, akukho osekuke kwakhulunywa okuthinta lesi sicelo. 

Iqembu elibusayo iCNDD-FDD kuseyilona elikhulu futhi elithenjwayo eBurundi. Iqembu eliphikisayo eliholwa u-Agathon Rwasa kule minyaka edlule selihluleke lancama ukuzibonakalisa. 

See Also

Nakuba iqembu elibusayo  kuyilo elikhombisa ukudlondlobala, kepha nalo lihlaselwe izinkinga zangaphakathi. Kukhona ukungaboni ngasolinye phakathi kukaMengameli uNdayishimiye noNdunankulu u-Alain -Guillaume Bunyoni othathwa njengomholi onamandla. 

Phambilini wayeyinhloko yombutho wamaphoyisa kuleliya lizwe , kanti usephathe isikhundla sikaNdunankulu kusuka ngesikhathi sikaNkurunziza

UNdayishimile uzibona njengohlukile

Wenza konke ukuqinisekisa ukuthi iqembu aliholayo nombuso ayinhloko yawo kunezinhlelo ezingashayisani. Selokhu angena emandleni uthembele kakhulu ezikhulwini zombuso wezokuvikela eziyizethenjwa zakhe. 

Ukwazile ukubhekana nezinto abaholi bangaphambili abebezisaba, bengafuni nokukhuluma ngazo njengalo udaba olungobuhlobo neRwanda. Izingqapheli zimbona njengomholi ozama ukuvuleleka okuyinto ababona izoba nomphumela omuhle kwezomnotho wezwe. 

Umnotho waseBurundi uguqe ngamadolo, kanti muva nje neGross Domestic Product yehlile. Isibalo sentsha engasebenzi sikhulile. Ukubusa ngendlela evulelekile kukaMengameli uNdayishimile sekuqalile ukuthela izithelo ngoba i-International Monetary Fund (IMF) yelule isandla ngokunikela ngosizo lwemali eyizi-$78 million. 

Le mali kuthiwa ayanele uma iqhathaniswa nezingqinamba ezibhekene naleli lizwe. Phakathi kokunye ingxenye yayo iBurundi ifuna ukuyisebenzisela ukuqinisa izinhlelo zayo zokufaka umbutho wezokuvikela ku-United Nations Peacekeeping Missions.


  • UMengameli: u-Evarite Ndayishimile 
  • Inhlokodolobha: iBujumbura 
  • Isibalo sabantu: izigidi ezili-11.9
  • Imfundo yabadala: ama-68% 
  • Ukukhula kwabantu: ama-61.6
  • Inkoma Yokuthuthuka Kwabantu: 185
  • Utshalomali ngqo Lwamazwe: izigidi eziyisi-$6
  • Izinga Lokwehla Kwamandla Emali: ama-7.3%
  • Ukugcina ukushintsha umholi: ngowezi-2020
Scroll To Top