Yinhlambani ukuthi sikhonza amadlozi?



UNgqondobukhali yisithunywa seZinyandezulu
Enye yezinto abacindezeli bethu abaphumelela ukuyenza ukusibhixa ngawo wonke amabibi ngenhloso yokusifenyisa. Ngaphandle kokusinika ibala bathi simnyama kubo elabe lisho ububi. Basixovela amasiko ethu bawabiza ngezinto eziwubusathane nobumnyama. Shiya nje ukuthi nasathane lowo waziwa yibo, thina kasimazi. Baphumelela-ke abacindezeli bethu ukugcina sebesithwese umthwalo wokuzenyeza nokuzingabaza. Elinye nje ibhaxa esisele nalo bona bakude le yileli lokuthi thina sikhonza amadlozi.
Asiqale sikuqonde ukuthi leli ‘lokukhonza’ ngokwabo abadeshi lisho into embi ephambene nokulunga. Yikho ngokwabo uma sebekuninde ngelokuthi ukhonza amadlozi usuke usumubi impela. Usuke usufana nalaba okuthiwa bakhonza into okuthiwa usathane.
Iqiniso lithi aboHlanga abakaze bakhonze okungale kukaMvelingqangi noma oWavelakuqala. Naye abangamfanisi namuntu noma abangamniki bulili ngoba kabamazi, yikho bethi oNgabonwayo. Kubo lo Mvelinqangi unjengelanga lona ongeke uthi uyalibona kepha imisebe yalo iyakufudumeza. Yebo kasimazi uMvelingqangi kepha ukwenza kwakhe siyakwazi. Ingani nansi imvelo phambi kwethu ewubufakazi bobukhona bakhe oWavelakuqala. Lonke njalo lolu lwazi njalo akufikanga namdeshi wasifundisa ngalo. Bafika nje sinalo.
Kithi amadlonzi kalingani noMvelingqangi kepha siyakholwa wukuthi asendaweni engcono ukuba abe ngamanxusa ethu kuye. Sike sizwe abanye bethi abanjalo zingelosi noma ngabangcwele, cha lapha kwethu ngamadlozi. Sekungawumhlola ukuba sithi sixhumana namanxusa ethu bese sithi linguMicheal noma nguDawood singasasho umfo kaMathangetshitshi noma uNjengele laba abebehamba lapha emagcekeni.
Kulishwa nje ukuthi abacindezeli bethu baphumelela ukusifaka imfundisoze ethi kukhona into okuthiwa wukukhonza amadlozi. Sesike sizwe nabathi abawona amaKhrestu noma amaSulumane bathi bona bakhonza amadlozi.
Asiyazi thina leyo nkolo. Abenza njalo kubukeka bephendula engcindezini engathi shu ethi uyilokhu okuhle noma yilokhuya okubi. AbangamaKhrestu abone lutho inqobo uma bazi ukuthi lokho kusho ukuthini, kanjalo nabangamaJuda nabanye ngokunjalo. NaboHlanga-ke abathi ekusondeleni kongaBonwayo bakhonga ngabakwabo abone lutho. Nginesifiso ngelinye ilanga ukuthi laba abakhonza amadlozi ke banikwe ithuba lokwenaba ukuthi lokhu kwenzeka kanjani.