IziPhrofetho zayizolo nakuthangi sizilahle ezaleni, sayinsini



UDkt uMkhize ngumelaphi wendabuko, umbhali nongoti ezindabeni ezithinta isintu.
Kuyisibusiso esingananekile kumuntu owazalwa wakhula ngesikhathi nangaphansi kobandlululo. Isibusiso ukuthi imihlaba uyazi yomibili noma kuthiwa akaqhathanise ngokweqiniso nakangcono nguyena kuphela ongakwazi ukukwenza lokho. Kodwa ukuze ukwazi ukukwenza kufanele ukhumule ibheshu lepolitiki usale nomqhele weqiniso layizolo nakuthangi ngenamhlanje ngekusasa esalithenjiswa esingakaliboni kuze kube lokhu. Lokhu kwenzeka kuphela engqondwemi egeleza amanzi empophoma nesiphethu kunawomfula wona oselithombonkala.
Sizalelwe emindenini, ebinengcebo, kuphekwa ngomhluzi wenye, kunanelwana, engekho obelambile, ihlazo kuyihlazo likawonke uwonke esigodini, uma kukhalwa kukhale wonke umuntu. Besabelwe ngamagagu namaciko okuhaya izingoma, izimbongi zokuhaya, imihayo yeziphrofetho ngolimi lwethu obeluqukete amasiko nemikhuba yethu yokuphila. Ukhuliswa ngokuthi intombi ayidlulwa endleni, ubeka amabili amathathu ukuze uyikhombise nayo ingumuntu. Ihlo eliqaphelayo beliwumkhonto oyoshaya ubethelele uvule inxeba eliyojula ungunaphakade.
Silisebenzisile ulimi lwethu silwa nesikhathi sobandlululo ngezingoma nangobuciko bomlomo, izimbongi zihaya, ezinye zezihayo nezinkondlo ziziphrofetho zokuqwashisa neso lakusasa esasinikezwa lona size silisebenzise. Kukhona izinkondlo ezihaywe zinsizwa zakithi, engizokuthi abaqali bendlela. Uma ngikhuluma kanjena ngikhumbula izinkondlo zezinsiwa ezifana noGili KaNobantu, embongoza kalusizi ethi: “Laba bantu Bayahlupheka”. Inkondlo lena namhlanje okunzima ungayitholaphi, lapho ayehaya khona ethi:
“Laba bantu bayahluphela,
kwasho iJaji Liqul’icala.
Laba Bantu bayahlupheka
Kusho mina uqobo lwami
Kuyokuze kube nini benje?”
Isibikezelo senkondlo ngowoHlanga ngaleso sikhathi ngokulahla amasiko nemikhuba yakhe ngokwamukela okungekhona okwakhe kodwa ezifucele yena inkanankana yabamhlophe nanamhlanje angayiqondi nakuthi umbele wayo umi kanjani. Khona lapho kwaqhamuka umfo kaNdelu u“Nonkamfela” kwezinye zezinkondlo zakhe: “Thina Dangabane Lomhlaba”
“ Amathon’eqed’akuphambanisele waphambana”
Khona lapho eyiqhuba indaba:
Ngiyaziqhenya ngonqamlezo lwakithi eNingizimu
Okwath’esembulele uMntwana womqhele waphakade
Angininda ngazingazi zeNdlalifa yaphakade
Ukuthi ngithe NgiseNingizimu ngikhuluma nabaphansi
Ngabe futhi nginabo eNyakatho simbulala eGologota”
Ukhononda ebikezela usizi oluzoza nokwamukela inkolo okwakungeyona eyethu. Namhlanje isiwumbulalazwe. Babelandela ezinyathelweni zeqhawe elalihambe phambi kwabo uMfo kaVilakazi uMdali namathongo akubo basheshe basephuca yena kodwa esishiye nesiphrofetho esasithi: “Ngitshele Mlungu”
Ebuza ngemfihlakalo yakhe, enkondlweni “Ngephasika”, esebethelele konke enkondlweni eyavalwa eyayisihloko sithi: “Umkhuleko Wesiphoxi” la ayayekhononda khona ethi:
“Akungoba sibabi ngokudlula
Nkosi waze wasidala saba Yinsini.
Ingenxa yezephambaniso zabadala
Nkosi hawukela thina zilima ndini”
Kulapho kuqhamuke khona ingwazi inkondlo yayo ebekunzima ukuthi itholakale, ngigxume ngahlala ngakikiza uma ngibona ishicilelwe kuleli phephandaba emasontweni edlule, inkondlo kaBaba u-E.H.A Made, owaqhamuka ngazo lezo zikhathi zoVilakazi lapho ethi: “Awumazi uMlungu”
Uvula inkondlo yakhe uthi:
“Akubuke udabuke acabange,
Ahlengezele izinyembezi,
Ngikubona ungaphelele,
Ngokubona isidalwa esiyisimanga
Ngakho konke esingaphelele….”
Ube yisifiki kuleli emva kweminyaka siphila sinomlando omunhle wobaba nobabamkhulu. Kwaba nguyena osiphuzisa ubisi esingasalusenganga, kodwa esesisengelwe nguyena. Osekunguyena osekwazi ukulawula ukuthi obabamkhulu ngikhulume ngithini nabo, ngingaqali kuMdali angifice nginaye. Sekunguyena manje othi uma engibuka, ungibuka ahlengezele izinyembezi ngobuze abubona kimina ngehlo lanamhlanje, izolo nekuthangi eselibulele. Kuyena ukhiye nesihluthulelo ulimi nesiko lakhe, okwethu asilahlise khona. Uyamuzwa okaMade eyibeka ethi:
“Uthando lwakhe lusemazwini,
Uthando lwakho lusemagameni”
Lokhu kwakhelwe ulimi, olwethu esilulahlile, namhlanje awufundile uma usakhuluma isiZulu ulimi oluncele ebeleni likanyoko, okwenza kungabazeke noyihlo ngabe unguluphi uHlanga. Kwakubikezeleka ukulahleka kwesithunzi solimi lwethu kuyofika isikhathi lapho lungayoba lutho khona. Kuyokuthi noma sesibanga sesixabana kusebenze lona olwakhe ulimi, ngoba kuyokuthi:
“ Uma exola uyaxol’axolise
Kodwa Kungathelelwan’ amanzi”
Olwakh’uxol’ oluqoshw’emqingweni
Yamabhuku alondolozwa ngokuqashelwa”
Kunjani namhlanje? Kuthe noma esephuma ejele okaMadiba elazi isiko lesintu lokuhlambulekelana kokuthelelana amanzi wangaliphatha ngoba azi kamhlophe ngeke baze balemukele. Ukuphindile lokhu umfo kaDe Klerk ukuthi, akakuboni yena ukubandlulula kulicala lobugebengu, ngakho ngokungaboni isidingo sokuthi kuthelelwane amanzi. Namhlanje sifana nesizwe esingazi sizuzeni ngoba uyena futhi osehleka insinini ayibikezela umfo kaMade:
“Ahleke ngolimi lwenduduzo kwababubulayo
Ahleke, ngokutatazel’ akulethele izithobo
Qingqo, bongiyane. Mangaliyane, sanganiyane,”
Namhlanje uyena futhi umlungu:
“Anikin’ikhanda ekudabukela”
Ulahle okwakho.
Le nkondlo kunokuthi sibukele ukujula kwayo, sishaqwa isibikezelo nesiphrofetho esiyiqukethe, sokuwungeka, nguyena, isiphrofetho sokuduba nokulahla okwethu sithi kuyanuka, ngaye nje eyedwa. Siyisizwe thina esilahleke esiphethwini semvelaphi yethu yena:
“ Akanandaba nesiphethu
Samagama namazwi,
Akanandaba nempilo
Akanandaba noMoya
Ozala amagama namazwi
Ukunqumela esithebeni
Samagama namazwi
UMLUNGU-KE LOWO”
Nanamhlanje lokhu sikubonile, asikunakanga kuyokwenzeka ngoba asizange sazihlupha ngabaprofethi bakithi okwakufanele sikubheke ababekusho ngokuhamba phambili. Kulapho kuze kwavela noBulima Ngiyeke, umfo kaDlamini ezincwadini iNzululwane, neMfihlo Yokunyamalala, lapho eqhamuka nenkondlo yakhe “Khumbula!… Bengakafiki Abelungu”
Aqhubeke futhi nenkondlo “Khumbula sebefikile abelungu”
Kulapho-ke kugqama khona amazwi enkondlo yakhe: “Hleka Sidwedwe”
“Hleka Sidwedwe ngiyinsini emhlabeni,
Okwakungihleka kusangihleka, Okwakungihleka kusazongihleka,
Kodwa naliya lijamile iqiniso…..”
Ngithathwa njengesidwedwe ngoba ngingesona.
Osula ngami uyafunga athi sengigcolile
Athi ngiyisilima sokudalakaxwa laphaya.”
Kunjalo kimina nawe namhlanje mfowethu nawe dadewethu.
UMvelinqangi wasabela izimbongi ukuba zisiqwashise ngosiba nangolimi lwethu, kodwa kuze kube namhlanje asicabangi ukuzinaka. NoKhongolose uthe uma ethatha izwe akazange alishumayeze ivangeli lobukhona nokwedlula kwabo. Konke bazephulela iqatha ebhodweni baziqobela ogqokweni lwabo. Ngisho ezikoleni imbala ayiphathwa eyalezi zinsizwa ezazingagiyi ngoba zigiya kodwa zazifana noHezekia, noSolomon baseBhayibhelini ukuthi niyohamba lapho kwahluleka khona uMoses.
Kuze kube namhlanje UMLUNGU USABUSA, USAKHULUMA KUKHULUMEKE, ngisamesaba, ngisamcoma, abekhona ongidabukelayo, naye engeke enze lutho. Kazi isizukulwane uma lokhu sikufihlele thina emqubeni, kuyovundululwa ngubani.
“Anginanzondo engumqansa,
Anginanzondo engutebetebe lwemvubu
Shu, EMQUBENI Awuhlabe inhlali
….abuke, ahleke inhlinini.”
NGIYAKUBONGELA KHONGOLOSE, NGIYAKUBONGELA MLUNGU
NGOKUBONA KWENU NGASO LINYE LENKOHLISO
KULUNGILE BONKE SEBABA KWANJABULO NJALO
SEBEYABUKELA.
- UBhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize. Uhlanya Esigodlweni saseMlambomunye.