Usazibona ephethe ihlandla lesibili ekubuseni i-USA uTrump
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Izinkulungwane zabalandeli bakaMengameli uDonald Trump (osesithombeni) bamashele eWashington ngesonto eledlule okwakhe isithombe sokuxhasa izimangalo zikaTrump ezingenabo ubufakazi bokukhwabanisa okhethweni lwakamuva njengoba eqhubeka nenqwaba yezinselelo zomthetho azama ngazo ukuguqula imiphumela yalolu khetho.
Akukahambi kahle kuTrump ezinkantolo kanti okokuqala ngqa ngesonto eledlule uzwakale engabaza ngamathemba akhe ngesikhathi etshela izintatheli ukuthi; “Isikhathi esiyositshela ukuthi ngubani ozobe ephethe iWhite House ngosuku lokugcotshwa ngoMasingana.”
Bephethe amafulegi, abaseka uTrump abanye bememza bethi “Misani ukweba” nokuthi “Yithi abanqobi”, bathuthelana endaweni yokuhlanganyela iFreedom Plaza eseduzane kweWhite House enkabeni yedolobha iWashington lapho bebezoqhubeka balibhekise emabhilidini eNkantolo Enkulu yakuleli lizwe.
Kubabhikishi edolobheni iWashington nakwamanye amadolobha bekunenhlanganisela obekufaka phakathi abantu abasadla ngoludala kanye namalungu eProud Boys kanye nabezimpi i-Oath Keepers abebezokhombisa ukweseka kwabo esidlangalaleni ukuba uTrump abuse leli lizwe elinye ihlandla.
Izimoto ezihamba uMengameli uTrump zidlule zihamba kancane phakathi kwesixuku sabasekeli bakhe zisendleleni ephuma eWhite House ziya enkundleni yakhe yokudlala igalofu eSterling. Abeseki bakhe abebephethe amafulegi becula bethi “USA!” baphinde bamemeza bathi “Eminye iminyaka emine” ngesikhathi zidlula izimoto. Ngaphandle kwenkundla yegalofu abagxeki nabangameseki uTrump babhikishe ngaphandle bephethe iziqwembe ezibhalwe ukuthi “Sivotile-Usuxoshiwe”.
Njengoba bekunale mibhikisho, onqobe ukhetho uMnu uJoe Biden ngesikhathi eseDelaware utshele abezindaba ukuthi sekuseduze ukuthi aqede ngokukhetha iKhabhinethi yakhe.
Abagqugquzeli banikeze imibuthano yabaseki bakaTrump amagama ahlukeni okufaka phakathi elithi Million MAGA March, the March for Trump kanye neStop the Steal. Igama iMAGA yisinciphiso sesiqubulo somkhankaso kaTrump esithi Make America Great Again”.