Now Reading
I-EU ifuna kuqiniswe ukungena nokuphuma e-Europe
Dark Light

I-EU ifuna kuqiniswe ukungena nokuphuma e-Europe

Amazwe iFrance neGermany ngesonto eledlule aphakamise ukuthi kuqiniswe imingcele ye-European Union (EU) ukuze ikhiphe lokho uMengameli waseFrance u-Emmanuel Macron akubize ngokuthi “usongo lobushokobezi” ngemuva ngokuthi amasosha asolwa ngokuthi ngawenkolo yobuSulumane ebulale abantu abayisi-8 emadolobheni iParis, iNice neVienna kungakapheli nenyanga.  

Lokhu kuhlasela kuphoqe ukuthi i-EU ibuyekeze ubushokobezi bezenkolo okuke kwangaba yinto ephezulu ohlelweni lwezepolitiki ku-EU ngemuva kokunqotshwa kwamabutho emibuso yobuSulumane eMiddle East ngowezi-2017.  

Ngaphansi kwengcindezi yokuqinisa ezokuphepha nokuqinisekisa amavoti, kulandela ukuhlaselwa kwabantu kwakamuva uMacron noNdunankulu wase Germany, u-Angela Merkel, bathe le nkinga idalwe uhlelo olubizwa  ngeSchengen lapho kuhambeka khona ngaphandle kokulawulwa emingceleni phakathi kwamazwe, kudinga ukuthi kulungiswe ngokushesha. Ukuhlasela bekubandakanya abahlaseli ababehamba ngokukhululeka phakathi kwamazwe akuSchengen.

“Izinsongo zobuphekula zibhekene ngqo ne-Europe. Kumele siphendule,” kusho uMengameli uMacron ngemuva kokudingida lolu daba noNdunankulu uMerkel, uNdunankulu wase-Austria uSebastian Kurz, uNdunankulu waseNetherlands uMark Rutte nezikhulu eziphezulu eBrussels, lapho okuzinze khona i-EU. “Ukuguqula uhlelo lweSchengen kusho ukuvumela ukunyakaza ngokukhululeka okuphepile.”

UNdunankulu uMerkel usekele uMacron ekuphakamiseni ukuthi kube nokulawulwa okuqinile ngaphesheya komngcele osohlwini oluphansi kohlelo iSchengen ehlanganisa amazwe angama-26 okufaka phakathi iningi lawo elingamalungu e-EU  ne-Iceland, iNorway, iSwitzerland, neLiechtenstein.

“Kubaluleke kakhulu ukuba kwaziwe ukuthi ubani ongenayo futhi ophumayo kule ndawo yeSchengen,” kusho uNdunankulu uMerkel.

See Also

Ukukhathazeka ngezokuphepha kuzwelonke, ukufuduka emazweni aku-EU kwabaphuma eMiddle East nase-Afrika eminyakeni edlule kanye nobhubhane lokhuvethe sekuholele ekubuyisweni kabusha kokulawulwa kwemingcele endaweni engaphansi kohlelo lweSchengen, okuzobe kususa lokhu obekuqhakanjiswa njengokufezeka kwenqophamlando ekuhlanganisweni kwakamuva kweMpi Yomhlaba Yesibili ezwenikazi i-Europe. UKurz ufuna kube nohlelo oludidiyelwe lokusingatha izishoshovu zamazwe angaphandle, kanti uRutte ugcizelele ukumiswa koxhaso lwemali oluya kwamanye amazwe  “olungathandeki” njengenye yezindlela zokubhekana nobushokobezi.  

Eminye imibono ifaka phakathi ukufaka izimfuno eziqinile ezingxenyeni ze-inthanethi ukulwa nobushokobezi, ukusungula isikhungo esikhethekile sase-Europe esizoqeqesha ama-Imams amaSulumane, kanye nokukwazi ukudingisa ngempumelelo abantu abangenaso isimangalo sokubhaciswa e-Europe kanye nezigebengu ezaziwayo kanye nabasolwa ngokuba ngabashokobezi. Ongqongqoshe bezobulungiswa nabezangaphakathi be-EU bahlangane ngeledlule badingida impendulo ebambisene yokuphepha kulezi zigameko zakamuva.

Lokhu kuhlangana bekuzobenza babelane ngolwazi lwezokuphepha nokuqiniswa kweqembu elivikela imingcele iFrontex okusohlwini lwezinto i-EU okumele izenze. Okubaluleke kakhulu kuMacron, isinqumo songqongqoshe esifaka phakathi ulimi oluzoqinisa amazwe angaphansi kwe-EU namalungelo awo okumisa okwesikhashana ukunyakaza okukhululekile kuyona yonke imingcele engaphansi kohlelo lweSchengen.  

Scroll To Top