Ubunzima babantu abangenabuzwe buyinkinga emazweni
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Inhlangano engaphansi kwe-United Nations (UN) i-United Nations High Commissioner for Refugees (UNHCR) inxusa ukuba amazwe aqinise imizamo yawo yokuqeda ukuthi kube khona abantu abangenabo ubuzwe emhlabeni jikelele. Ngokwezibalo kuvela ukuthi abantu abangaphezu kwezigidi ezine emazweni angama-76 abanabo ubuzwe.
Umkhankaso we-UNHCR obizwa nge-I Belong, uzibekele ukuthi unyaka wezi-2024 kube ngowokuqedwa kwabantu abangenabo ubuzwe emhlabeni.
Le nkinga yobuzwe iza nenqwaba yezinkinga njengoba abantu abangenabo ubuzwe bamazwe abahlala kuwona bevame ukwehluleka ukuzuza emisebenzini eyenzelwa imiphakathi. Ngaphandle kobuzwe ukufaka isicelo salokhu okubizwa ngezinto eziyisisekelo njengesikole samabanga aphansi noma ukuthola imali yesibonelelo sikaHulumeni kuba nzima kakhulu.
UMnu u-Emmanuelle Mitte, oyiSikhulu Esiphezulu kule nhlangano uthe ukungabi nabo ubuzwe kuholela ekutheni umuntu angakwazi ukuphila impilo ejwayelekile yesakhamuzi ngenxa yokuthi ngokomthetho yena akekho nokubakhona kulelo lizwe.
“Ukuze uqonde ukungabi nabuzwe, kufanele ukuqonde ukuthi ubuzwe bucatshangwa njengelungelo elikhona lokuthola amalungelo akho. Ngenxa yesizathu sokuthi umuntu akanabo ubuzwe, kuchaza ukuthi uphucwa uhlu olubanzi lwamalungelo abantu ayisisekelo. Okuyilungelo lemfundo, ilungelo lokuba namaphepha, ilungelo lokusayina izinkontileka kanye nelungelo lokuba nomsebenzi osemthethweni” kusho uMitte.
UMitte uthe ukungabi nabuzwe kwabantu kudalwa izinto eziningi okufana nezimpi emazweni okuphoqa abantu ukuthi izakhamuzi zibaleke kulelo lizwe baye kwelinye lapho ngokomthetho bengaziwa khona. Kuphindwe kudalwe yimibuso ebandlululayo engalihloniphi iqembu elithize labantu nganoma yisiphi isizathu kwesinye isikhathi kuwukulawula okungahambi kahle, ukwehluleka ukubhalisa izingane noma abantu abadala emininingwaneni yabantu bezwe.
Ngonyaka wezi-2019, isifunda esisemanzansi e-Afrika saba ngesesibili esasinesibalo esiphezulu sezethembiso zokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu unikezwa ubunikazi bobuzwe.
UMitte uthe amazwe angaphansi kweSouth African Development Community (SADC) asibonile isimo esibi sabantu abangenabo ubuzwe futhi manje ayazama ukubhekana nakho.
“Kunezinguquko emthethweni zokuzama ukuvala igebe emithethweni emiqoka eholela ekutheni abantu bangabi nabo ubuzwe. Ukuqinisa imithetho yokubhaliswa kwezingane ezizalwayo, ngenxa yalokhu, kuqinisekiswa ukuthi izingane eziningi ziyabhaliswa uma zizalwa, ngakho-ke ziba ncane izingane ezingena engcupheni yokungabi nabuzwe. Amanye amazwe enza izethembiso zokuqoqa imininingwane yabantu ngakho-ke lokhu kuzokhomba ukuthi ngubani umuntu ongenabo ubuzwe emazweni abo, ngalokho futhi aphinde akhombe noma athole izimbangela zokuthi abantu bangabi nabo ubuzwe bese kuphuma isinyathelo sokuvala leso sikhala esidala le nkinga.”
UMitte uphinde wathi ukhuvethe selwenze lesi simo sabucayi kakhulu kunakuqala.