Kubonakala lusakude ukuvaleka uqhekeko phakathi kweChina kanye ne-USA



UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
IChina kuleli sonto ithumele umyalezo wokuthi izimisele ukusebenzisana ne-USA kodwa ngeke idansele isiginci sayo emva komhlangano obuse-Anchorage, e-Alaska.
Nokho i-USA yona kubonakele ukuthi ezayo izinhloso kube ukukhombisa ukuthi isazolandela umgomo oqinile uma ibhekene neBeijing iphinde iqhubeke nokuhlangana nalabo edlelana nabo ukunqinda amandla eChina.
Ekuqaleni kwesonto, iChina ithathe isinyathelo sokuqinisa amaxhama okuxhumana neRussia, okuyisitha esidala se-USA, ngesikhathi i-USA yona iqinise ubudlelwano bayo neNATO.
UNgqongqoshe Wezangaphandle e-USA uTony Blinken, uhlangane nozakwabo abavela emazweni aphansi kweNATO nabaholi be-European Union (EU) eBrussels kuleli sonto.
Kulolu hambo lwakhe, uBlinken ugqugquzele iNATO ukuthi ibhekane nezinselelo ezidalwa iChina emhlabeni.
Ngakolunye uhlangothi, uNgqongqoshe Wezangaphandle eChina uWang Yi, yena uhlangane nozakwabo waseRussia uSergei Lavrov obevakashele leli lizwe ngoLwesibili, nalapho bevumelene ngokuthi bazosebenzisana ezigabeni ezahlukene, okubalwa kuzo ukuqinisa ukuphepha kohulumeni bawo womabili lamazwe.
“Zombili izinhlangothi kumele ziqinise ukusebenzisana, ziqinise ukulwisana nezindaba ezingamanga ezithinta iChina neRussia, kuqiniswe ukuvikeleka kolwazi, ziphinde zesekelane ukugcina ohulumeni bala mazwe bevikelekile,” kusho uWang. Uqhube wathi iChina neRussia kumele bavikele amalungelo abo baphinde bagcine uzinzo lwezindawo ezizungeze la mazwe.
Esitatimendeni esikhishwe ngokubambisana, uWang noLavrov baphinde bathi wonke amazwe omhlaba kumele aphikisane nokuthi udaba lwamalungelo esintu lujikwe lube olwepolitiki, nokuthi lusetshenziselwe ukugxambukela ezindabeni zakwamanye amazwe.
UWang uthe iChina izimisele ukuqinisa ukusebenzisana kwayo neRussia ngaphansi kohlaka lokubandakanya amazwe ahlukene, ngesikhathi la mazwe ephinde egcizelela ukuphikisana nonswinyo lwamazwe azinqumele wodwa kanye nokugxambukela ezindabeni zamanye amazwe.
Konke lokhu kwenzeke emva kokuthi ngoMsombuluko i-United States, iCanada, i-United Kingdom ne-European Union befake unswinyo abantu abathile baseChina kanye nezinkampani, nokuyisinyathelo abathe basithathe ngenxa yezinsolo zokuhlukunyezwa kwamalungelo esintu esifundeni iXinjiang.
IBeijing ayizange isijabulele neze lesi sinyathelo, nokwenze ukuthi ingapholisi maseko ngokuphendula ngolwayo unswinyo. Esitatimendeni esikhishwe iBeijing, uMnyango Wezangaphandle uthe lezi zinsolo zingamampunge wodwa futhi zishaya indiva ziphinde ziphambanise imininingwane eyiqiniso.
IChina ibe isifaka unswinyo kubantu abayishumi base-Europe, okubalwa kubo amalungu e-European Parliament, ngoba ithi basabalalisa amanga ngeChina, ngokunjalo baphinde bacekele phansi ukuzimela kwaleli zwe.
Leli lizwe lithi lokhu okwenziwe i-EU, i-UK ne-USA kuwukugxambukela ezindabeni zangaphakathi eChina futhi kuwukwephula umthetho wamazwe omhlaba, kanti kuphinde kucekele phansi ubudlelwano obuphakathi kweChina ne-EU.
Owabe elilungu le-European Parliament nongumhlaziyi wezindaba zamazwe omhlaba, uJonathan Arnott uthe ukufaka abantu unswinyo kuvame ukungenzi mehluko ongakanani.
“Unswinyo luvame ukuba isinyathelo sokuthumela umyalezo. Ukuziphendulela kweChina ngokufaka unswinyo izikhulu ze-European Union, into ebilindelekile,” kusho u-Arnott ngesikhathi ebhalela iCGTN.
U-Arnott uqhube wathi uHulumeni waseChina usukhombisile ukuthi uzimisele ukuveza amandla onawo njengoba kubonakele nasemhlanganweni obuse-Alaska ngempelasonto.
Ukuvikela ukuzimela kwezwe nesithunzi salo kanye nokunqanda ukugxambukela kwalabo abangaphandle izinto iChina esizwakalise kaningana ukuthi ayizimisele ukuguquka kuzo.
Kanti kubonakele lokho ngesikhathi ithimba laseBeijing lijikijelana ngamazwi nozakwabo base-USA emhlanganweni obuse-Alaska.
UNgqongqoshe Wezangaphandle e-USA uBlinken uzamile ukugcizelela ukukhathazeka kweWashington ngalokho abathi indlela iBeijing ephethe ngayo udaba oluthinta iXinjiang, iHong Kong neTaiwan.
“Lezi zenzo zibeka engcupheni indlela yokulandela umthetho neqinisekisa uzinzo emhlabeni, ingakho zingezona izindaba zangaphakathi (eChina) nokwenza sizizwe siphoqeleka ukuthi siziphakamisa,” kusho uBlinken.
Nokho lokhu akuzange kwehle kahle ethimbeni laseBeijing nelingazange linanaze ukuphendula kulezi zinsolo kanye nezenzo ze-USA.
Lokhu kubekwe kwacaca iSikhulu Esiphezulu esengamele ezangaphandle eqenjini elibusayo iChinese Communist Party uYang Jiechi kanye noNgqongqoshe Wezangaphandle uWang Yi abebehola ithimba laseChina emhlanganweni wase-Alaska.
UYang usole i-USA ngokusebenzisa umnotho wayo ukuheha amazwe ukuze ahlanganyele iChina. Uthe i-USA ayikho esimweni sokuthi ingathi ikhuluma neChina njengezwe elinamandla njengamanje.
Yize umhlangano wase-Alaska uvulwe kabi, ekupheleni kwezinsuku ezimbili kube khona lapho iChina ne-USA bevumelane khona. La mazwe avumelane ngokuthi azokwakha ithimba elizobhekana nesimo sokuguquka kwezulu ukuze kuqiniswe izingxoxo kanye nokubambisana kulolu daba.
Ngaphansi kukaMengameli uJoe Biden, i-USA kamumva nje ibonakala ithatha izinyathelo zokuzama ukubuyela esikhundleni sokuhola izingxoxo eziphathelene nokuguquka kwesimo sezulu ezingeni lomhlaba. I-USA isanda kubuyela ezithangamini ezisezingeni lomhlaba nezibhekelele ukuguquguquka kwesimo sezulu emva kokuthi lihoxile ngaphansi kobuholi balowo obenguMengameli uDonald Trump.
UBiden kulindeleke ukuthi abambe ingqungquthela yesimo sezulu ngenyanga ezayo njengengxenye yemizamo yokulungiselela umhlangano omkhulu weNhlangano Yezizwe wesimo sezulu ozobe useGlasgow, eScotland.