Now Reading
Sebeyihlabe inxeba: UZuma usekwenze kwawuwafawafa kuZondo noMogoeng
Dark Light

Sebeyihlabe inxeba: UZuma usekwenze kwawuwafawafa kuZondo noMogoeng

Abameli bakaZuma basola ubuqiniso. UZondo uyiphunga ngezithebe isingene endlini


Umbiko owabe uhlanganiswe yiHhovisi loMvikeli WoMphakathi ngaleso sikhathi wabe usobala. Wawuthi akuphenywe lokho okungabizwa ngokuthi yizenzo zokugwamandwa kwamandla ombuso. Kuwo futhi umbiko kwaba sobala ukuthi ababhali bawo kabazithembi ezinye izinhlaka  zombuso ukuba zenze lolu phenyo. Umbiko waphakamisa ukuthi kube yiHhovisi likaMehluleli Omkhulu, uMogoeng  okumele lengamele uphenyo. Lokhu kwabe kungejwayelekile kepha kwenzeka njengoba uMehluleli Omkhulu aqoka isekela lakhe uMehluleli uZondo ukuba ahole uphenyo.

Kule minyaka ecela kwemithathu amagama abesematheni  uma kukhulunywa ngalolu phenyo, elabakwaGupta nelikaMnu uZuma owayenguMengameli. Sonke lesi sikhathi bekusobala ngisho kongawazi umthetho ukuthi obekubhekiwe nokulindelekile wukuthi la magama omabili atholakale enecala noma engenacala. Ofakazi bezile ngaphambili ukuzolekelela uMehluleli uZondo ukuba aphume nesinqumo. 

Nokho izinto seziguquke ngokuphazima kweso. Lokhu kulandela isethulo esenziwe nguZuma ngomlomo wommeli wakhe uAdv. uMuzi Sikhakhane. Esethulweni asenzile ngoMsombuluko, uMboma  ubukeka ephumelele ukudonsela uZondo neHhovisi likaMehluleli Omkhulu esizibeni esiyingozi.  Esethulweni sakamuva sikaSikhakhane lapho abephendula khona esikaZondo ngoLwesithathu ekuseni, uMboma uveze uMehluleli njengomuntu ongenalo iqiniso.  “Ngethula ukuthi iSitatimende (sikaSihlalo) sinakho ukuba singayihlabi esikhonkosini,” kusho amaphepha nabesola uZondo ngokungakhulumi iqiniso lonke ngalokho uZuma akuchaza njengobuhlobo. Abameli bakaZuma bazivezile izinhloso zalowo abammele nokuwukuthi njengoba uZondo engavumanga ukwehla nje basazodlulela phambili, baqale ohlakeni iJudicial Service Commission (JSC).

Inkinga wukuthi lolu hlaka liholwa ngumuntu owaqoka uZondo, uMehluleli Omkhulu. Khona lapho uma uZuma ekhetha ukwedlulisa udaba eNkantolo YoMthethosisekelo, nakhona uMogoeng uzobe ekhona. Okungahle kwenzeke uma kuhamba ngesethulo sabameli bakaZuma nokusobala ukuthi iqhingasu wukubeka uZondo neHhovisi likaMogoeng esitikini, bazothi akangahlali uMehluleli Omkhulu njengoSihlalo weJSC noma njengoMehluleli Omkhulu eNkantolo yakhe.

Unyaka omqoka

Umdlalo lapha usekuthenini unyaka ozayo ungomqoka kuZondo noMogoeng. Ngowezi-2021 uMogoeng uyashiya kuzofuneka kuqokwe umuntu omusha. Uma uZondo etheleka ngodaka noma evela njengomuntu ongenalo iqiniso  maningi amathuba okuthi angasitholi isikhundla. 

Uma bephumelela abameli bakaZuma ukuyomosa kuJSC okuyiyo ezobe ikhetha ozoba nguMehluleli Omkhulu bese idlulisela kuMengameli singase sibone esakubona kuMehluleli uMoseneke owathi eselinde ukuthi kube nguye ozothatha njengeSekela likaMehluleli uNgcobo kwaqokwa uMogoeng. Kanti vele sekukhona ukukhuluma okuthi mhlawumbe sekuyisikhathi sowesifazane ukuba athathe okungasho ukuphunyuka kweqatha kuMthiyane. 

See Also

Khona lapho ngokwesinqumo senkantolo umsebenzi weKhomishini kumele uphele ezinyangeni ezintathu zokuqala ngonyaka ozayo. Uma behubhana noZuma kungenzeka (uZuma)  kushaye leso sikhathi engakathuli bufakazi njengesifiso sikaZondo.

Kanti ngasohlangothini lukaMogoeng sekukhona ukumsola kwabanye njengoba uMengameli waBehluleli eWestern Cape , uMehluleli uHlophe eselibeke ngembaba emaphepheni afungelwe elokuthi uMogoeng akathembekile phakathi kokunye. 

Odabeni lukaZuma noZondo akukho ukungabaza ukuthi zihlabana amalunda. Futhi akukho ukungabaza ukuthi uZondo neKhomishini kanye neHhovisi likaMogoeng sebedonseleke odakeni njengoba izinkulumo nemibono ngabo nokusebenza kwabo kungeke kusalawula yimithetho yenkantolo kepha kuzobe sekunenhlese yepolitiki.  

Okusobala wukuthi isinqumo sikaZondo sokungehli esikhundleni besilindelwe ngabameli bakaZuma nokuthi kubo lokhu bekuwumzuliswano wokuqala. Zontathu sezinenxeba.

Scroll To Top