Izisebenzi zesibhedlela iNorthdale zithi azigudluki



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Kumiswe abamele izisebenzi abayisishiyagalombili esibhedlela iNorthdale eMgungundlovu kulandela isiteleka sangesonto eledlule samalungu eNational, Education and Health Allied Workers’ Union (Nehawu) alimaza amahhovisi aphinde aphoqa iSikhulu Esiphezulu sesibhedlela ukuba siphume ehhovisi laso asikhomba indlela.
Izisebenzi zaziveza ukungenami kwazo ngobuholi balesi sikhulu uMnu u-Edward Manyokole kanye nesakwandabazabantu uMnu uSifiso Cele. Okunye izisebenzi ebezikhala ngakho ukungazitholi izivikeli njengoba kuhlasele ukhuvethe nenkinga yezidumbu zabantu ababulawe ukhuvethe ezigcinwa kulesi sibhedlela isikhathi eside kunaleso esibekiwe. Zithi bezethemba ukuthi uManyokole uzokwenza umehluko emva kokumiswa kweSikhulu, uNkk uKholeka Makhathini, kulandela isigameko sokwedlula emhlabeni kukaMnu uSibusiso Khumalo owashonela etendeni elisetshenziselwa ukuhlolela ukhuvethe ngaphambi kokuba isiguli singene ngaphakathi sinyangwe.
Leli qeqebana lamalungu eNehawu ayebalelwa kwangama-50 labhixa ngopende izindonga zesibhedlela ngaphambi kokuba liphoqe uManyokole ukuba aphume aphele emagcekeni esibhedlela.
Ngeledlule elaboHlanga libikile ngodaba lwamalungu ale nyunyana angene esibhedlela nezingqwembe ezibhaliwe aqonda ehhovisi likaManyokole efuna ukuba aphume ngaleso sikhathi. Uma eseya ehhovisi likaCele afike engekho abe esebhala ezindongeni emthuka.
Ababhikishi baqhuba uManyokele bamusa emotweni yakhe nemithwalo yakhe waze waphuma ngesango.
NgoLwesibili kuboshwe uNobhala wesifunda weNehawu, uMnu uMazwi Ngubane, ngecala lokudala uthuthuva emphakathini kodwa wabuye wadedelwa. Esezikhulumela uNgubane uthe inyunyana ayeneme ngesinqumo soMnyango Wezempilo sokumisa lezi zisebenzi. Uthe izisebenzi ezimisiwe zazingeyona ingxenye yamalungu eNehawu axosha uManyokole.
“Lawo malungu ayengekho ngisho ukuba khona ngosuku lwesigameko. Sekuyisikhathi eside izisebenzi kanye nomphakathi bekhononda ngobudedengu besibhedlela. Kuyacaca ukuthi umyalezo ufika ezindlebeni ezivalekile kubuholi besibhedlela iNorthdale,” kusho uNgubane.
Isisebenzi esingathandanga ukuba igama laso livezwe, sithe ukumiswa kwalezi zisebenzi ngeke kubaqede amandla okuthi balwele okungcono kulesi sibhedlela.
“Sekujwayelekile ukuthi isibhedlela sithathe izinyathelo ezinqala uma izisebenzi zilwela amalungelo azo. Izisebenzi azeneme ezibhedlela eziningi kulesi sifundazwe. Uma zikhuluma ziveza kungenami kwazo zithathelwa izinyathelo, ziyasongelwa. Lokhu kusesabisa kwabo akusasethusi,” kusho lesi sisebenzi.
UMphathiswa woMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal, uNkk uNomagugu MaSimelane Zulu, uthe izisebenzi ezibe yingxenye yokukhipha isikhulu salesi sibhedlela zizoyikhotha imbenge yomile. Uthe bayazi ukuthi iningi lalabo ababeyingxenye yesiteleka abazona izisebenzi zoMnyango kodwa bakwazile ukuhlonza izisebenzi besebenzisa amakhamera.
“Okwenzekile ngeke sikuvumele. Akuvumelekile ukususa isikhulu ngaleya ndlela. Inkampani yonogada eqapha isibhedlela nayo kuzomele ichaze ukuthi kwenzeke kanjani lokhu ikhona,” kusho uMaSimelane Zulu.