Imihlangano yaboHlanga ivama ukungabi nanzuzo


Kujwayelekile kulezi zinsuku ukuthi uthi uzama ukuthola umuntu akutshele ukuthi usemhlanganweni. Kwesinye isikhathi umuntu kuyaye kuze kuphele isonto engatholakali, uthi uma sewumthola athi ubenemihlangano eminingi ngalelo sonto. Isimanga esikhulu ngesokuthi umhlangano uholela komunye. Umhlangano sewuyimpilo futhi sekuyiwona msebenzi. Angiqondile ukujivaza ukuhlangana kodwa ngiyathanda ukuthi sike sibuke ukubaluleka nomphumela womhlangano. Ngabe uwumshonisalanga noma uyisidingo? Ngabe yonke ibalulekile? Ngabe iyinto yabesizwe noma ifike nabamhlophe? OwaboHlanga umhlangano wehluke ngani kowezizwe? Ukhona yini umehluko phakathi kowaboHlanga nowabamhlophe? Uma ukhona, ukuphi? Anginazo izimpendulo, kodwa wena uzokuba nazo, ikakhulukazi uma ungumuntu onemihlangano okuyona eyahlukahlukene.
Ngingajabula uma ungake uzinike isikhathi ubale imihlangano osewuke waba kuyo kusukela ekuqaleni konyaka; sisabala izinyanga ezimbili. Abanye banomhlangano owodwa ngenyanga, abanye mibili, abanye banemihlangano njalo ngesonto, abanye banemihlangano eyisihlanu ngelanga. Kusho ukuthi ubalulekile umhlangano. Uma sewuyibalile kungakuhle uzibuze ukuthi mingaki othi uma uyibheka ubone ukuthi beyifanele?
Kwabanye abantu umhlangano uyisithikamezo sohlelo abasuke benalo lokwenza umsebenzi othile ophambi kwabo. Laba bayaye bathi umhlangano yindlela nje yokulibazisa ukuze kubhalwe phansi ukuthi kukhona umsebenzi owenziwe. Phela kwabanye umhlangano yiwona msebenzi abahola ngawo. Kubona akubalulekile ukuthi kuhlanganwe kwathiwani, kodwa bajabulela ukuthi ube khona umhlangano ukuze babale usuku bahole. Kwabanye umhlangano unikeza isithombe sokuthi basezintweni. Laba kuba mnandi uma betshela abanye ukuthi banomhlangano. Bayaye bazizwe bekhuphuka ngezinga uma sebehamba imihlangano. Bathi uma sebexoxa kuveze isithombe sokuthi banomsebenzi omningi.
Kanti ngokwempela umhlangano uyini? Okubalulekile wumphumela womhlangano. Kuyenzeka ukuthi umuntu abe nemihlangano elandelanayo ethatha usuku lonke. Kungenzeka ukuthi alukho udaba oluxhumana nolunye. Lishona ilanga umuntu ekhathele ekade esemihlanganweni. Komunye umhlangano unguSihlalo, komunye unguNobhala, komunye ulilunga nje. Kuyo yonke kulindeleke ukuba asho okuthile okuzokwenza abonakale njengomuntu obalulekile emhlanganweni futhi kuvele nasemaminithini ukuthi naye ubekhona.
Ngike ngezwa abantu bekhuluma ngemihlangano yabamhlophe beyiqhathanisa neyaboHlanga. Bathi imihlangano yaboHlanga ivamise ukuba khona uma sekunezinkinga ezidinga ukuxazululwa. Baqhubeka bathi kwaboHlanga ayijwayelekile imihlangano yokuhlela, eyenziwa kungonakele lutho. Babuye bathi ezinye zezinto eziye zigqame emihlanganweni yaboHlanga wukuphikisana okungenayo inqubekelaphambili; lowo nalowo evikela akuthandayo, kugcine izinhloso zomhlangano sebezikhohliwe. Lokhu uma ngikuzwa kwaletha imicabango yokuthi kungabe lokho abakushoyo kuyiqiniso yini ngaboHlanga! Ngingajabula nawe uzihlaziyele, ikakhulukazi uma ungomunye wabantu bemihlangano. Baqhubeka bexoxa baze bathi asigcinwa isikhathi emihlanganweni yaboHlanga. Akulula ukwazi isikhathi okuzoqalwa ngaso nokuzoqedwa ngaso. Lokhu kwenza abanye abahlelekile babe manqikanqika ukuba semhlanganweni obukeka ungahlelekile. Umhlangano kumele uveze isithombe sokwethembeka ngalabo abawuhlelile. Kuyaye kwenzeke ukuthi abanye baqale babheke ukuthi ngubani obize umhlangano ngaphambi kokuzinqumela ukuthi bayaya yini emhlanganweni. Uma lukhona uhlelo lwezinto ezizokhululunywa, luyaye lube nomthelela omkhulu ekutheni bayaya noma abayi kulowo mhlangano.
Baqhubeka bathi aboHlanga abayi ngobuningi emhlanganweni uma kuyoxoxwa nje kodwa baya uma kukhona okuzokwamukeliswa. Baze babuze abanye ukuthi kutholakalani ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuthi bayaya yini. Uma kuthiwa kuyokwamukeliswa izijumbana zokudla abantu beza ngobuningi. Wathi omunye, uyaye abone osopolitiki bebiza abaculi abadumile bezama ukuheha abantu ukuthi beze emhlanganweni okhuluma ngentuthuko noma ngezinto zenqubekela phambili. Kanti inhloso yomhlangano yini? Phela kuyenzeka ukuthi umuntu abe khona ngomzimba kodwa ingqondo ayishiye ekhaya. Uma kuzobalwa inani labantu abebekhona kuyacaca ukuthi lowo mhlangano awunanzuzo kakhulu kulabo ababizwe kuwo. Ziningi-ke izinhlobo zemihlangano.
Baqhubeka bathi uma kungavunyelwana ngodaba oluthile umhlangano waboHlanga uguquka ube yingxabano; kuze kubanjwane ngezandla. Benza isibonelo sokuthi aboHlanga abayi emihlanganweni ebabizela esikoleni lapho kufunda khona izingane zabo, kodwa baya ngobuningi babo uma bebizwa ezikoleni ezenganyelwe ngabamhlophe. Namuhla uma sikhuluma ngamaqembu epolitiki aneningi labesizwe, sibona ukuxabana okuze kubhalwe emaphephandabeni, kukhulunywe ngako nasezindabeni. Lokhu kuvaze lena ibanjwa ebusuku noma ngesikhathi abanye bejabula, kube kunomhlangano engxenye. luxoxwa kuhleziwe kuphuzwa iziphuzo ezithile kuphunyulwe. Kuhlanganiswe izinqumo ezizolawula ikusasa labaningi. Uma sekuyiwa emhlanganweni ohlanganisa iningi abathile basuke sebevumelene ngamasu udaba abazolufaka ngawo. Imvamisa aboHlanga basalela ngemuva kulokhu.
– UMnu uLindani Dhlomo unguMqondisi kwaMind Tunes (Pty) Ltd