Asilungise elembongi nelikasonkondlo
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Umbhali uthi ake kube nenkulumo eyakhayo ngamagama anomlando nasho ubuciko obuthile bomlomo
Kulezi zinsuku ngigxile kakhulu ekubuyekezeni imisebenzi yezimbongi zabeNguni. Kulokhu ngizama ukuxhumana nesimo ababephila futhi beqopha ngaphansi kwaso. Futhi uma ngijula ngiyamangala ubuchule laba bantu ababenza ngabo izinto. Kubo angiboni nje osomlando abaqopha umlando waleyo naleyo Nkosi kepha ngibabuka njengabaphrofethi bezikhathi ezizayo.
Emagameni abawaphimisayo, bayayala, bayasola, bayakhuleka njalo njalo. Konke lokhu abakwenzayo kuyasebenza ngoba kwenziwa ngokholo nobunono obumangazayo. Kunokuvumelana ngisho kulabo abathi bafundile ukuthi izimbongi noma ubumbongi buqukethe okukhulu nokuthi abathwese umthwalo wokuba zimbongi behlukile.
Yize ngingabanga nenhlanhla yokuphila ngezikhathi zenyosi uMagolwane kaMkhathini Jiyane okuvela ukuthi wayebonga kusuka ngezikhathi zeNkosi uMageba kwaze kwaba yisikhathi seNgonyama uMpande. Uma ngilalela ayekusho (engeyedwa) ngifunda umlando ojulile kaZulu.
Kanjalo nakuMxhamama KaSoshaya Sibisi okuthiwa wabe ekhonzwe kakhulu yiLembe ngifunda ngoNodumehlezi ngingamazi. Lawa ngamandla enyosi.
Iningi lethu liphile ngezikhathi zeNyosi endala ubaba uMathambo Gwala, ubaba uNtulizempi Dlamini, ubaba uBuzetsheni Mdletshe nobaba uMphatheleni Mncwango. Amagama alezi zinsizwa alunjaniswa kakhulu ngezikhathi zikaBhusha neSILO esibusayo. Nabo njengalabo abeza endulo umsebenzi wabo useqopheleni, empeleni kubo kwabe kuqhubeka indulo.
Kuwo wonke umlando wezinyosi kukhona okungangabazisi, ukuthi asikho isandla somlungu noma uthisha. Zonke (izinyosi) kazifundanga kwangqondonkulu ukuthi amagama lawa nezigameko kulandelana kanjani. Kakuna solwazi nje ongathi waba nesandla kunalokho izifundiswa kungamele zibe nonembeza zithokoze ngeguqa kuzo izinyosi ngoba sezize zagogoda ngomsebenzi wazo.
Angiyena umuntu okhoze ukuqhathanisa izinto ezingaqhathaniseki. Nokho kulokhu ngoba kuyanda ukukhuluma ngiyaphoqeleka ukuba ngenze njalo. Ukuqhathanisa kwami kukulabo esibazi njengezinyosi nalabo okuthiwa ‘yizimbongi’ zesimanje.
Ngiyaligcizelela leli lesimanje ngoba umbono wami uthi laba besimanje abafani nesizukulwane sababhali abafana noVilakazi, uKunene, uMade nesizukulwane sabo. Behluke kubo kokuningi kepha okumqoka yindlela yokubhala nezinto ababhala ngazo. Bahluke koMade nje kabasondeli koMdletshe noJiyane.
Umbuzo uthi yiliphi igama okumele bafakwe noma bethiwe ngalo. Ngokungangabazisi abazona izinyosi. Leli lezimbongi kuyomele sivumelane ngomsuka walo ukuthi lehlukile yini kwelenyosi.
Uma lehlukile okusho ukuthi laba besimanje ngeke sibagqokise lona. Abanye bathi asibagqokise elosonkondlo ngoba abakushoyo nabakwenzayo imvama kusankondlo. Kepha yini usonkondlo, yini inkondlo? Usonkondlo wase-Europe uyofana yini nowalapha kwaCeza? Ubani obukela komunye?
Inkondlo le eshiwo ngumlobokazi egana nayo sekungathiwa uMaCele lowo ngusonkondlo noma lokhu akwenzayo sekungaphasiswa njengayo inkondlo njengoba amaNgisi, amaNtaliyane nabanye besho?
Lena ngeminye yemibuzo mhlawumbe engenza ukubonisana ngegama sisheshe sifike kukho.