Amagama ezizinda zokufunda anomthelela emiplweni yengane


Ezinye izikole ezaduma zaziqanjwa ngamagama abantu ababebambe iqhaza elikhulu emphakathini nababehlonishwa
Kunezikole ezaqanjwa ngezizathu ezahlukahlukene ezweni kanti ezinye ziyaziwa ngokwenza kahle kumiphumela kamatikuletsheni kusukela zaqala ukubakhona. Asingazifeli umona kodwa asizichome uphaphe lwegwalagwala izikole esizaziyo ukuthi zihlale zinabafundi abahloniphayo, abazimiselayo nabenza kahle ezifundweni. Nokho akulula ukuziqeda zonke ngizothi jwaphu emlandweni wezinye yize ezinye zazakhiwe ezindaweni ezazingathenjwa futhi ezazingatshazwa.
Kwakunesikole esasunguleka ngabafundi ababekade befunda e-Isibonelo High School KwaMashu ngowe-1974. Batshelwa ngothisha emakilasini abebahlungwa mhlazane zingamashumi amabili nesihlanu ngenyanga uMasingana osukwini lwangoLwesihlanu onyakeni ofanayo ukuthi abafundi ababehlala ezigcemeni zaKwaMash uM, uH, uG nabakwaF ngaseMakhehleni babezofunda esikoleni esisha esikwa-L kusukela ngoMsombuluko mhla zingamashumi amabili nesishiyagalombili enyangeni efanayo.
Babebaningi ababengasethembi futhi besingabaza lesi sikole esasakhiwe kwa-L ukuthi kwakuzofundeka yini, senze kahle nasemiphumelweni kwazise isigceme esakhiwe kuso sasidume kabi. Kwakuyisikole iZakhe Secondary, eyayenza kahle kusukela ngowe-1975 kuya kowe-1979. Wayengezi umfundi owayengahloniphi, owayengazimiseli ngoba sasinendlela yokuqondisa ubugwegwe. Sazikhiqizela abafundi bakwaForm-3 ngowe-1975. Abafundi babevamise ukuphasa bonke. Kwakuthukeka kuba khona owayengaphumeleli ngale minyaka ebalulwe ngenhla. Manje sekwaba yiZakhe High School kusukela ngowe-1980.
Abafundi boHlanga bakwaForm-3 babezuza izitifikethi zokuyosebenza nokwakuyimfundo yobandlululo ezweni okwakungenzeki kwezinye izinhlanga. Waphakamisa uMhlonishwa u-Angie Motshekga Wemfundo Yamazinga Aphansi ngowezi-2019.
Uthishanhloko wokuqala uMnu uW.C. Mzoneli owagcina esengumhloli wezikole wayegcizelela ngenhlosongqangi yokuba abafundi bazakhe, bakheke futhi bakhiwe yinhlonipho empilweni okwakuyobagqamisa ngokuhle emphakathini nasezweni. Abazali babeqinisekisa nasemakhaya ngokuzakha kahle izingane. Sasinomlayezo obhalwe ngolimi lwesilathini ohumusheka kanje ngesiZulu: “Izenzo hhayi amazwi”. Isikole sazama ukubanephephandaba laso elaqanjwa ngumfundi uTerence Maphumulo wakwaK ngokuthi Isibuko, okungenzekanga ngowe-1975. Abafundi babezobhala izindatshana ezazihambisana nezifundo.
Uthisha u-Innocent Sithole owayengumfundi waseZakhe ngowe-1975 kuya kowe-1977, usenguthisha khona, wabalula ukuthi izikole zamabanga aphezulu uMzuvele, iVuyiswa Mtolo, iNqabakazulu, iKwesethu neJG Zuma yizona esezifundisa umatikuletsheni ngendlela yaseZakhe yangowe-1975 kuya kowe-1979.
Lapho ibanga likaForm -3, waseZakhe, laliba nezivivinyo zesifundo ngasinye emva kwesonto zivuliwe izikole. Uform-3 wayeqala ukufunda kusasele imizuzu engamashumi amathathu ngaphambi kokuba kuqale sonke isikole. Wayefunda nangeMigqibelo nangamaholidi. Uhlelo lwezifundo lwaluqedwa ngenyanga uNcwaba bese kuba nezivivinyo okwakungathi ezokugcina zonyaka kuze kuyolamula ukuqala kokubhalwa kwezivivinyo zangempela zokugcina zonyaka.
Abafundi babenomkhuba wokuqamba othisha amagama. Kwakunothisha uMkhize isekela, uWellington “Chippa” Khoza wodumo oSuthwini ngowe-1976, uNgcobo ababethi uZehla ngohologo, uMthembu ababethi uTsotsi waseMbali, uMthembu ababethi uNcencezi wakwaL maqondana neZakhe, uButhelezi ababethi uTaan Moller Dit’s goed genoeg, uManqele ababethi uNight Watcher, uNzuza ababethi uWamba umngani wezingane, uFano Zungu ababethi uMaths, u-Allen Mkhize, uDingila ababethi uGovuzumphefumulo, uSantimbori, uSikhosana ababethi uHosana kweliphezulu. Kube uSam Dlamini nosenencwadi ebizwa “Indaba yami”.
Kwabesifazane kwakungowakwaMadondo, owakwaDuma, owakwaShangase, owakwaZondi, owakwaZulu, owakwaBophela, owakwaMakhanya, owakwaMathe, owakwaMcineka owagcina eseganele kwaMpama nabanye.
Sithole iHP Ngwenya Public Primary School ese-Extention 1 ngaseChesterville neyaqala ukusebenza ngowezi-2000 manje seyabanebanga likaGrade-R, eliphakelwa inkulisa kaNkk uMhlongo nezinye. Santongeliswa ngowayenguthishanhloko uMnu uMaishe ngomlando wesikole emhlanganweni womphakathi futhi ezokwethula nothisha nabanye ababesebenza khona ngowezi-2000.
Uthi isikole sasingenandawo, sasiqashile esontweni lamaRoma ngasemathuneni eZinkawini, kucinene, kungahlanzekile, kungaphephile. Sasiqanjwe ngoMnu uNgwenya owayebambe elikhulu iqhaza emphakathini nasesikoleni owadlula emhlabeni ngokushayiswa yimoto. Kwaqanjwa nomgwaqo kwathiwa uNgwenya obizwa ngokuthi uRoad 3 ephetha.
Kunomlando ngamaqhaza kaNgwenya osencwadini eyabhalwa nguDee Shirley Deano ngowe-1978 ebizwa ngeBlack South Africans, Who’s who 57 Profile of Natal Leading Blacks.
Sekwaba umlando ngomdonsiswano owawuphakathi komphakathi wase-Extension 1 nowaseChesterville ngegama lesikole okwakufanele siqanjwe ngalo. Abase-Extension 1 babephakamise amagama amaningi njengelithi Sukuma, elaliphakanyiswe nguMnu uPatrick “Sifayni” uNcwancwa Mhlongo ngowe-1999 kanti abaseChesterville babemile kwelikaNgwenya.
Yagcagcela esokeni ngenkathi isikole esasiyiChesterville Secondary nesavulwa ngowezi-2001 eduzane neHP Ngwenya siqanjwa kabusha kuthiwa uMkhumbane High emva kowezi-2016. Kwabekukhunjuzwa aboHlanga ukuthi kwakuyiseMkhumbane lapho bekhona, umfula oseduzane uMkhumbane.
Wasikhisa ngenkezo uMnu uMathaphuyise Enoch Qwabe, umdayisi ozimele ngaseWorkshop erenke yamabhasi aseMlaza. UngowakwaNongoma, eManzozwane ngaphansi kwentaba iMpakaneni, baphuza umfula iMfolozi Emnyama.
Uthi ukufunda kwabo ngaphansi kwesihlahla kwaholela ekwakhiweni kwesikole iMpakaneni Primary okwakuyiqhaza likababa uPoto Mbongwa owayengafundile kanti ababesekhaleni kwakungobaba uNtombela noZuma nezithukuthuku zomphakathi.