Now Reading
OlukaBushiri lungezokuphepha hhayi ngomgulukudu wekholwa
Dark Light

OlukaBushiri lungezokuphepha hhayi ngomgulukudu wekholwa

Umbuzo uthi bangaki abangena baphume njengoBushiri nokuthi elakuleli liphephe kangakanani?


Kule mpelasonto kuzophela isonto iNingizimu Afrika yembulwa izinqe ngumuntu obaziwa ngokuthi usondelene neqiniso njengomfundisi welinye lamabandla alandelwa ngabantu abaningi. NgoMgqibelo owedlule kuqinisekiswe izindaba zokuthi  owaziwa njengomPhrofethi uSheperd Bushiri nomkakhe beqe umngcele wakuleli balibangisa kwelakubo eMalawi. Esimweni esejwayelekile alikho iphutha ukuba umuntu aye kwelakubo kepha odabeni lukaBushuri kwehlukile. Ube ngaphandle ngebheyili ecaleni elibucayi lokukhwabanisa. Eminye yemibandela yebheyili bekuwukuthi abike emaphoyiseni njalo ngoLwesihlanu nokuthi angalokothi aphume kuleli.

Ukweqa kukaBushiri kubeke ichashazi ohambweni lukaMengameli waseMalawi uLazarus Chakwera kuleli nobekungolokuqala njengoba ebesanda kuqokwa kulesi sikhundla. Kepha okubukeka kuvevezelise iziphathimandla zakuleli kube yisitatimende esibhaliwe naleso asenze ngethelevishini lapho uBushiri abeqinisekisa ukuthi nembala weqile wabeka nezizathu zalokho. Khona lapho ube esebeka imibandela yokubuya kwakhe kuleli.  

Okunye okube sobala ukuthi lo mbhemu ubeyazi into ayenzayo wukuthi unezincwadi zemvume eziphathwa ngosomaqhinga nayithola eMalawi. Eminye yemigomo yale ncwadi wukuthi awuboshwa udluliselwe kwelinye izwe ngaphandle uma wenze izenzo zobuphekula noma ubulele umuntu. Kabulalanga muntu nxa sizwa uqole abantu okusho ukuthi kungenzeka angabuyi. Umbuzo uthi abameli bakhe bebazi yini ngalokhu?

 Abanye baze basole ukuthi uhambe nabakwabo njengoba uMengameli waseMalawi ubengapha. USihlalo weKomiti Lezasekhaya ,uMhlonishwa uBongani Bongo, ucashunwe ethi ufuna ukubona ividiyo yabantu abangena nabaphumayo eWaterkloof Airforce Base nayilapho kungene khona uMengameli uChakwera.

Konke lokhu kudale inkulumompikiswano kosopolitiki ePhalamdene nabebesola uMnyango Wezasekhaya ngokuvuza. Ephawula ngalokhu omele Inkatha Freedom Party, uMhlonushwa Liezl van der Merwe uthe: “Ngicabanga ukuthi udaba olwenzeke ngempelasonto nokuyisikhathi lapho uBushiri eshaye khona utshani futhi ememezela esitshela sonke eseMalawi ngaphandle kolwazi lwezikhulu zethu kungachazwa kuphela ngokuthi yichilo lezwe, senziwe izilima eqinisweni. Lokhu kweqa kukhombisa ukuthi uhlelo lokungena nokuphuma luyinto engekho futhi ebole phuhlu,” kusho yena.

Uqhubekile wathi: “Izinga imingcele yethu esengcupheni ngayo kuwubucayi kwezokuphepha ezweni, sesiphenduke inkundla yezemidlalo lapho kugiya khona imigulukudu mhlawumbe ngisho namaqembu abashokobezi.”

Ezokuphepha

Udaba lokuvuza kwemingcele yakuleli alulusha. Muva nje kuvele ihlazo lothango obekuthiwa umngcele noludle izigidi. Lolu thango beluziwela nje. 

Konke lokhu kuvusa imibuzo ekutheni ngabe elakuleli liphephile yini uma yonke imigulukudu izongena iphume njengoBushiri? 

Ubufakazi obuqhamukayo ngobuthi lo mlisa kungenzeka ukuthi ekweqeni kwakhe usebenzisane okokuqala nemiguluku eshushumbisayo izinto ezisuka kuleli ziye kwamanye amazwe. Noma usebenzisane nosebenzela  uMnyango ukuze akwazi ukuphuma.  Noma ngabe kwenzakaleni, okusobala wukuthi uxhumane nabantu abavamile ukukwenza lokhu futhi yiningi imali.

See Also

Okusabisayo ngalokhu wukuthi maningi amaqembu ezidlamlilo anenxa neNingizimu Afrika nokungenzeka ukuthi nawo asebenzisa intuba efanayo. Sikhuluma nje eMozambique impi isha phansi futhi nezihonga seziliphimisile ukuthi elakuleli lingayingeni ukuze lingathelwa ngamachaphazelo.  

Nakanjani lizoyingena ngenxa yesikhundla sethu ezinhlakeni zase-Afrika. Ngokwenza njalo ingalungisiwe eyemingcele kuyosho ukuzidonsela amanzi ngomsele.

Izinhloli zakuleli zehlulwa uBushiri nje kuningi okunye okuzehlulayo kubalwa ukungqongqiswa kwamaloli emizileni emqoka nesibalo sokungena kwemikhiqizo engekho emthethweni.

Uma ubuka lokhu uze ulingeke ukuzibuza ukuthi engabe aphi lawa maphoyisa ayevimba ababelwela inkululeko kuleli? Yebo kwakungelula kanje ukuwela umngcele abantu babeboshwa noma babulawe belana abafana bamaBhunu. 

Umbuzo uthi lo Hulumeni wona wehlulwa yini ukwenza imingcele yethu ingabi lula kuthi nocabanga ukugila imikhuba ngakuyo acabange kabili?

Scroll To Top