Now Reading
Umzuzu wokuthula kukhunjulwa uthisha owabulawa eFrance
Dark Light

Umzuzu wokuthula kukhunjulwa uthisha owabulawa eFrance

Izikole ezweni lonke zithathe isinqumo sokuthula umzuzu ngesonto eledlule zikhumbula uMnu uSamuel Paty (osesithombeni) owanqunywa ikhanda ngumfana owayefuna ukuphindiselela ukusebenzisa kwakhe amakhathuni ahlekisa ngoMphrofethi uMohammad ngesikhathi sekilasi elaligxile ekukhulumeni ngenkululeko. 

Njengoba leli lizwe lisezingeni eliphezulu kwezokuphepha kulandela okunye ukuhlaselwa okwenzekile selokhu kwabulawa uPaty, abafundi  abangaba yizigidi eziyishumi nambili babuyele ezikoleni okokuqala ngqa selokhu uPaty owayeneminyaka yobudala engama-47 wabulawa ilanga libalele ngosuku olwandulela iholidi lamasonto amabili ezikole.

UNdunankulu uJean Castex ubungaze lolu suku nezisebenzi zekolishi iLe Bois d’Aulne lapho uPaty ayefundisa khona. Amaphoyisa abeqaphe amasango alesi sikole samabanga aphakeme esivaliwe.

UMengameli waseFrance u-Emmanuel Macron uchaze uPaty njenge “qhawe elithule” elalizinikela ekufakeni izimiso zezwe kubafundi bakhe kanye nasekwenzeni “isifiso sezwe sokuphula intando yamaphekula.”

Othisha ezweni lonke bafunde incwadi eyayibhalelwe isisebenzi sabo uJean Jaures lapho lo sopolitiki ebeka khona iqhaza lothisha ekukhuliseni izakhamuzi ezisencane.

“Bazoba yizakhamuzi futhi kumele bazi ukuthi iyini intando yeningi ekhululekile, amalungelo abaphiwa wona, yini futhi ebabophezelayo ekubusweni kwesizwe,” kufundeka incwadi.

UMengameli uMacron usethumele izinkulungwane zamasosha ukuvikela izindawo ezinjengezindawo zokukhonzela nezikole  ngemuva kokuhlaselwa okwenzeka  esontweni eNice kanye nokuqondiswe kuMfundisi eLyon ngemuva kokubulawa kukaPaty.

See Also

Ukubulawa kukaPaty kwanyakazisa iFrance lapho ukuhlukaniswa kombuso nenkolo kuvikelwa kanzima ngabantu.  Lesi sigameko saphinde saveza isithombe esikhona sokuthi abenkolo yamaSulumane begxeka uHulumeni wezwe ngokucindezela inkolo yabo ngemithetho.

UMengameli uMacron uphinde wadina kakhulu abenkolo yamaSulumane ngokuchaza le nkolo “njengenkolo esenkingeni emhlabeni wonke” nevimba ukukhuluma ngokukhululeka ngenxa yokuthi abanye bakubona lokhu okushiwoyo kuwukuhlambalaza.

Ngalo futhi isonto eledlule ababhikishi babuthanele ngaphandle kwezindlu zamanxusa aseFrance eJakarta bephethe amaphepha abhalwe ukuthi “UMacron uyena phekula langempela”. Kuphinde kwaba neminye imibhikisho ePakistan, eBangladesh kanye nakwezinye izindawo ezingaphansi kwePalestine ebibhekiswe eFrance.  

Scroll To Top