Kusolwa ubuSulumane ezigamekweni zokuhlasela
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Oshayasibhamu abaningana badubule ezindaweni eziyisithupha maphakathi naleli lizwe kusukela ngasesontweni labenkolo yamaJuda ngesonto eledlule lapho kugcine kushone khona umuntu oyedwa abanye balimala. Lokhu kuhlasela uNgqongqoshe Wezangaphakathi, uKarl Nehammer (osesithombeni), ukubize ngokuthi okwabaphekuli.
Indawo enkulu enkabeni yedolobha iVienna yayivalwe ngentambo, lapho amaphoyisa ayesebikile ukuthi kuzosatshalaliswa iningi lawo kule ndawo futhi abika nokuthi asedubule abulala omunye wabasolwa ngesikhathi esenxusa izakhamuzi ukuba zihlale ezindlini.
UNehammer utshele abezindaba ukuthi bakholwa ngukuthi lokhu kuhlasela kwenziwe abantu abaningi nokuthi futhi zonke lezi zindawo okube nokudubula kuzo ziseduze nomgwaqo lapho kukhona isonto labenkolo yamaJuda.
“Okwamanje ngingakuqinisekisa ukuthi sikholwa ukuthi lokhu kuhlasela ngobokuphekula. Sikholwa futhi ukuthi baningi abenzi bokubi kulolu daba. Ngeshwa baningi abalimele ngenxa yalokhu kuhlasela kwagcina kushone oyedwa,” kusho uNgqongqoshe.
Enkundleni yokuxhumana uTwitter amaphoyisa abike ukuthi baningi abalimele kwabulawa oyedwa, okubalwa kubo nephoyisa. Ngokuputshuka kwezindaba kuvela ukuthi abantu abali-15 basesibhedlela bayalashwa kanti abayisikhombisa basesimweni esibucayi.
Iziphathimandla azivezanga izinkomba zokuthi ngobani laba abahlaselile noma isizathu sokuthi bahlasele.
UMengameli waseFrance u-Emmanuel Macron, ezweni lakhe ngeledlule kubikwe ukugwazwa kwabantu emadolobheni akhona iParis neNice, ukhiphe isitatimende ezwakalisa ukushaqeka nosizi.
“Leli yizwekazi lethu i-Europe, izitha zethu kumele zazi ukuthi zibhekene nobani. Ngeke sihlehle,” kusho isitatimende sikaMacron.
Iziphathimandla zaseFrance ziqinise ezokuphepha kuleli lizwe ngemuva kokuhlaselwa emadolobheni alo amabili, okusolakala izinhloso zobuSulumane khona.
UMengameli uMacron usethumele izinkulungwane zamasosha ukuvikela izindawo ezifana nezokukhonzela nezikole futhi nongqongqoshe sebexwayise ngokuthi kungenzeka kube khona okunye ukuhlasela okungenzeka okuholwa amasosha abenkolo yobuSulumane.
Umholi womphakathi wabenkolo yamaJuda, u-Oskar Deutsch, enkundleni yokuxhumana uTwitter uthe akukaveli kahle ukuthi lokhu kuhlasela bekuqonde ngqo isonto labo namahhovisi alo, waphinde wabika ukuthi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko bese bevalile.
Sekube nevidiyo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana eveza umuntu ophethe isibhamu ebaleka emgwaqeni ememeza edubula kepha le vidiyo ayikaqinisekiswa.
Umlando obuhlungu usikhumbuza ukuthi ngonyaka we-1981 abantu ababili babulawa kwathi abali-18 balimala ngesikhathi abahlaseli basePalestine behlasela lona leli sonto.
Kwathi futhi ngowe-1985 elinye iqembu lasePalestine lahlasela isikhumulo sezindiza sakuleli lizwe bephethe amabhomu nezibhamu zempi lapho kwabulawa khona izakhamuzi ezintathu.
Eminyakeni edlule leli lizwe lasinda ekuhlaselweni okukhulu obekwenzeka eParis, eBerlin naseLondon. Ngenyanga kaNcwaba abezomthetho babophe umbaleki waseSyria oneminyaka yobudala engama-31 obesolwa ngokuzama ukuhlasela umholi womphakathi wamaJuda edolobheni iGraz. Lo mholi akalimalanga kulokhu kuhlaselwa.