Izakhamuzi zaseTunisia zihlabe inhlabaluhide zikhala ngamaphoyisa



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amakhulu abantu amashele enkabeni yedolobha iTunis ngeledlule elwela ukungalingani kwabantu kanye nokuhlukunyezwa ngamaphoyisa.
Lokhu bekuphikisana nesinqumo esithathiwe sokumisa imibhikisho ezweni lapho amaphoyisa nabezokuphepha bebezama ukuvala indawo enkulu enkabeni yaleli dolobha.
Ababhikishi bebememeza bethi: “Abantu bafuna ukuwa kombuso”. Leli temu laduma kakhulu ngesikhathi se-Arab Spring okwenzeka eminyakeni edlule.
Ababhikishi bebephethe amakhalibhothi aneziqubulo ezigxeka indlela amaphoyisa aziphathe ngayo ngesikhathi kunokungqubuzana phakathi kwawo nentsha okuthathe isikhathi esingangesonto emadolobheni aleli lizwe ngezikhathi zobusuku.
Lo mbhikisho owenzeka eminyakeni eyishumi ngemuva kokuvukelwa kombuso okwaduma kakhulu kwethula intando yeningi kuleli zwe, usube yimpi enkulu kunazo zonke yokungazinzi kwezepolitiki leli zwe elike labhekana nayo lapho amaphoyisa agcine esebopha khona amakhulu abantu ngenxa yale mibhikisho.
“Asikwazi ukwamukela umbuso ophethwe ngamaphoyisa kuleli zwe ngemuva kweminyaka eyishumi kwavukelwa umbuso, kuyihlazo elikhulu kabi,” kusho uMnu uMahmoud, osemncane osebenza endaweni yokudlela kodwa onqabile ukudalula isibongo sakhe.
Ngenkathi intsha ishayisana namaphoyisa abhekene nodlame ngezikhathi zobusuku ezifundeni ezihlwempu zamadolobha aleli lizwe izwakalisa izinhloso ezimbalwa ezicacile zayo zepolitiki, imibhikisho yasemini yona ibigxile kakhulu ekwentulekeni kwemisebenzi kanye nendlela amaphoyisa aphatha ngayo udaba lwentsha ebhikisha ebusuku.
Iqiniso lithi ukhuvethe lukhubaze kakhulu umnotho waleli zwe obuvele ungazinzile kahle ngale ndlela yokuthi iningi lentsha liyafuduka liye ezwenikazi i-Europe ngenxa yokwentuleka kwamathuba emisebenzi ezweni layo.
Endaweni iHabib Bourguiba Avenue, okuyindawo egcwele izihlahla enomgwaqo osuka olwandle uze ufike edolobheni elidala iTunis, amaphoyisa abeka izivimbelo emizamweni yawo yokumisa ababhikishi.
Kunalokho ababhikishi bagcwala ngaphandle kweCentral Bank baqhubeka bamasha kuleli dolobha, kepha amaphoyisa abengagqokile imfanekiso abehamba ezinhlangothini zababhikishi ezama ukulawula umbhikisho. Kuzokhumbuleka ukuthi uHulumeni waleli zwe wakumisa ukubhikisha kwabantu ngesonto eledlule emizamweni yawo yokulwa nokwanda kwabantu abatheleleka ngokhuvethe.
Yize ababhikishi bekwazile ukufinyelela endaweni yaseHabib Bourguiba, okuyindawo okwakugxilwe kuyona ukuvukela umbuso ngonyaka wezi-2011, kepha umzamo wokuvalela ababhikishi indlela kaHulumeni ukhombise okukhulu ukungakhululeki kwawo ngesikhathi sombhikisho.
Intsha yakuleli lizwe idele ubuthongo kanye nokuphepha kwayo iphikisana noHulumeni wezwe ngemithetho wawo hhayi ngoba ithanda kepha ngenxa yokuthi isimo kuleli zwe kasikho sihle futhi uma ithula kungagcina konakala kakhulu kepha lokhu kushiya umbuzo othi uHulumeni uzokwenzenjani ngalesi simo njengoba usangaphansi kwengcindezi yokhuvethe?