Umkhuzi wezempi eSudan uvikela isivumelwano ne-Israel
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umholi wamasosha omkhandlu obusayo kuleli lizwe uvikele isivumelwano esesekwa yi-United States of America (USA) sokuthi leli lizwe lilungise ubudlelwano ne-Israel wathi lesi sivumelwano besisazophothulwa futhi singazuzisa iSudan kakhulu njengoba ibhekene nezinkinga ezinkulu zomnotho.
Ephawula okokuqala esidlangalaleni mayelana nalesi sivumelwano uMnu u-Abdel Fattah al-Burhan, uthe uthintane noNdunankulu kanye nabanye abanamandla kwezepolitiki kuleli lizwe ngaphambi kokumenyezelwa kwesivumelwano ocingweni noMengameli wase-USA uDonald Trump kanye noNdunankulu wakwa-Israel uBenjamin Netanyahu.
Lesi senzo sithole noma sidale impikiswano enkulu kuleli lizwe, elake laba yisitha esiqinile se-Israel futhi lesi sivumelwano sesithole nokugxekwa ngamaqembu athile avelele ezepolitiki.
“Ngihlala ngincamela ukubiza lesi simo njengokuthi ukubuyisana esikhundleni sokuthi ukulungiswa okujwayelekilele, okwamanje asikabi nesivumelwano esiqondile, kuyothi uma kunjalo sisayine namanye amaqembu alesi sivumelwano okuyi-USA ne-Israel ngezinhlaka zokubambisana,” Kusho uBurhan ekhuluma nabezindaba enkulumweni evezwe kuthelevishini.
Umkhandlu wamasosha nezakhamuzi ozimele waqala ukuhola leli lizwe ngemuva kokukhishwa esikhundleni kowayenguMengameli u-Omar al-Bashir ngonyaka odlule kulandela imibhikisho eyaduma umhlaba wonke.
UHulumeni ulokhu uzama ukulwa nezinkinga zomnotho ezibhekene naleli lizwe, okubandakanya ukwehla kwamandla emali okusheshayo namandla emali abuthaka kanye nokwesweleka kwempahla ebalulekile.
Leli zwe lithole ukuphefumula emasontweni adlule ngesikhathi kuqhamuka izindaba zokuthi kukhona okuncane okuwuxhaso noma usizo oluzolithola ngesikhathi i-USA ikuqinisekisa ukuthi izokhipha leli lizwe ohlwini lwalo lwabaxhasi bamaphekula, okwaba yisenzo esanqanda ukuthi amazwe omhlaba alekelele leli zwe ngoxhaso lwezimali kanye nezikweleti.
Izakhamuzi eziningi zaseSudan zabona lesi senzo sivinjezelwe ngokungafanele isikhathi eside ngakho zafaka ingcindezi yokuthi uHulumeni uhambisane nesivumelwano phakathi kwawo ne-Israel.
“Asisatshiswanga noma sicendizelwe ngokuthize ukuze sihambisane nalesi sivumelwano esiholwa yi-USA, siyibekile intshisekelo yethu futhi kungenzeka ukuthi sizuze ngaphezu kwabanye kulesi sivumelwano” kusho uBurhan.
UBurhan uphinde wathi ubudlelwano obushubile phakathi kwamasosha nezakhamuzi eziyingxenye yalo mkhandlu sebungcono muva nje. Uphinde wakuveza ukuthi uvumelane nabaholi bezepolitiki zezakhamuzi ukuthi isivumelwano esenziwayo ne-Israel kufanele samukelwe umkhandlu wezomthetho osazokwakhiwa.
Kulo futhi leli sonto kuvele ukuthi iSudan ne-Israel asazobhunga kabanzi ngezivumelwano zokubambisana ezindabeni zezohwebo nezokufuduka emasontweni azayo ngokusho koMnyngango Wezangaphandle eSudan. Izithunywa zaseSudan nezakwa-Israel zizohlangana emasontweni azayo ukuzoxoxisana ngamadili ezolimo, ezokundiza, ezokuhweba kanye nezokufuduka kodwa akukho mininingwane eveziwe noma isikhathi esibekiwe ngalezi zingxoxo.
I-Israel eyikhaya labantu baseSudan abayizi-6 284 iningi labo ibaqoke ngokuthi abokufika bezomnotho abangekho emthethweni. Kodwa imizamo edlule yokubabuyisela emuva yabhuntsha ngenxa yokungazwani kwala mazwe kanye nezinselelo zomthetho ezinkantolo zakwa-Israel.