Ingazuza inkolo kwezokuvakasha okuyimboni ebanzi



UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
Amabandla ezenkolo amaningi athembele eminikelweni ephuma emalungwini amanye awo adla imbuya ngothi. Ngithanda ukususa umsindo ngalolu daba kesibuke imboni eyodwa enezinhlelo eziningi ezixhantela kuyo esetshenziswa kwezinye izinkolo. Ibanzi kakhulu imboni yezokuvakasha futhi idinga ukubhekisiswa ngoba kuyo kungasizakala abaningi. Amanye amabandla ahambela izindawo ezikude kubanjwa imihlangano nezinkonzo kodwa kungabikho lutho olungena esikhwameni sebandla. Abanamabhizinisi bayasizakala ngale mihlangano nalezi zinkonzo.
Ngikhumbula ngivakashele kwelinye lamazwe aseYurophu. Uhambo lwethu salwehlukanisa ngezinsuku nezikhathi. Ngolunye lwezinsuku saya olwandle oluseduze, abathanda ukubhukuda bazitika. Kwenye yezindawo esayivakashela kunedamu elikhulu elibiyelwe kahle, kwakhiwa izinto eziheha abavakashile ukuba beze kule ndawo bafike bathenge.
Kule ndawo kunezitolo ezidayisa okungamagugu aleliya lizwe nezithombe ezinhlobonhlobo. Kuleli damu kunezikebhe eziwelisa abantu baye ngaphesheya zibabuyise. Ofuna ukugibela lesi sikebhe uyakhokha anikwe ithikithi neminye imibhalo enomlando waleya ndawo naleliya lizwe. Kuleya ndawo wawuthola imikhiqizo eminingi okuthi uma uyibheka ubone ukuthi ingenisa indathane yemali kulesiya sifunda, kanti futhi abanikazi bayo bayazuza ngobukhona kwezivakashi.
Okungavumi ukudlula kalula engqondweni yami yilanga esakhetha ukuqwala intaba siye esicongweni sayo lapho kukhona isithombe esikhulu esakhiwe ngokhonkolo, sahlotshiswa sabe sesibiyelelwa. Lesi sithombe ngesomholi wenye yezinkolo zabomdabu baseMpumalanga obizwa ngoBudha. Abantu abaqhamuka emazweni ahlukene baphambana endleleni bekhuphuka abanye behla, kubonwa lesi sithombe esikhulukazi. Kunezimoto ezithwala abantu zibayisa kobuka isithombe salo mholi. Uma sewuseduze nalesi sithombe kunezindawo othi uma ungena kuzo ushiye imali efuze umnikelo. Usuku nosuku izivakashi zenyukela entabeni ziye kobona lesi sithombe. Abanye ubabona sebeguqe eduze nalesi siquzi sesithombe bekhuleka bethula izicelo zabo kube sengathi bakhuluma nomuntu ophilayo. Kunemibhalo eminye ekhuthazayo, eminye exoxa ngokubaluleka kwalo mholi, kubalwe nabanye abadumile emhlabeni ukuthi bangaphansi kwayo le nkolo.
Ngenkathi ngibuka ngizungeza kule ndawo ngababaza ukuthi ithuba lebhizinisi liqhamuka obala ligcine lihehe abaningi abaqhamuka emazweni akude. Kubalulekile ukuveza enye yezindlela zokuheha izivakashi zifike endaweni zithenge izinto ezithile ezingamagugu ezizobakhumbuza ukuthi bake bavakashela kule ndawo. Uma ubhekisisa futhi ucabangisisa akukho lutho oluhehayo ngaleya ndawo uma singekho isithombe esikhulu esisegqumeni. Abanye lokhu bakuhlanganisa nethuba lokwenyuka intaba ngezinyawo. Ngenkathi benyuka intaba badinga amanzi, bese kuba nezindawo lapho bewathenga khona ukuze bacime ukoma. Engakuqaphela wukuthi ukuphepha kusemqoka kubantu abavakashile ngoba yikho okukhulula izivakashi ziye ezindaweni ngobuningi bazo.
Ngafikelwa wumcabango wamagquma, izintaba, izigodi namathafa ezindawo ezisemakhaya, ezinomlando omkhulu weminyaka okungaguqulwa kube wumnyombo womnotho waleyo ndawo kukhulise umnotho wezwe. Ngike ngacabanga ngabaholi abanohlonze bakuleli zwe emikhakheni eyehlukahlukene yempilo.
Abantu bayathanda ukuvakasha baye entabeni, bashiye izimoto baqwale intaba ngezinyawo, behamba bebuka imvelo, izihlahla ezingamagugu baze bayofinyelela esicongweni behamba bethatha izithombe. Kunezinto ezinhle eziyimisebenzi yezandla edayiswayo ezindaweni ezinje, lapho kusizakala khona umphakathi owakhele lezi zindawo onamakhono uzenzele imali kwabavakashile. Kuleli zwe sinazo izindawo ezivakashelwayo kodwa engikuqaphelayo kuncane ukwazisa kwabaseNingizimu Afrika ngezindawo abangazivakashela ezweni labo. Ngenxa yalokho iningi labaseNingizimu Afrika bavakashela izindawo ezikude bengazi ngezasekhaya. Kunezindawo ezinomlando omkhulu kuleli zwe ezijwayele ukuvakashelwa ngabaqhamuka kwamanye amazwe, bathathe izithombe, babhale imibhalo ngazo abanye baze benze nocwaningo. Kulesi sifundazwe kunesidingo esikhulu sokukhuthaza ukuvakashelwa kwezindawo zomlando, ikakhulukazi ezisenyakatho nesifundazwe. Lokhu kungenza omkhulu umehluko emnothweni wezwe kanti ngokunjalo ukukhuthazwa kwezivakashi kungabasiza abakhelene nalezi zindawo badayise imikhiqizo yabo, okugcina sekubabiza kakhulu uma beyiyisa emadolobheni, bagcine bedikibala.
Ngithanda ukuphetha ngokwenza isibonelo ngenye yezindawo ezisemqoka empilweni yezenkolo. Angiqondile ukugxeka noma ukwehlisa isithunzi sabenkolo yobuNazaretha, kodwa ngicabanga ukuthi kuningi okungazuzwa yileli bandla uma lingaba nemibhalo ethile elotshwe ngokufushane, ehehayo ngomsunguli waleli bandla. Intaba iNhlangakazi ebaluleke ngokwedlulele kwabenkolo yobuNazaretha, akukho okuyehlikanisa nezinye izintaba eziseduze kwayo. Enqubeni yamabhizinsi sifunde ukuthi ubunikazi busho ilungelo. Ngokuguquka kwezinto emhlabeni wonke, kuyaphoqa ukuthi ezinye zezinto esizenzayo ziphuculwe zilungelane nesikhathi samanje. Kumele kube nezindlu zokuhlala nokubhekela izinto ezithile kuleya ntaba engcwele. Abalangazelele ukuyoyibona le ntaba, bafunde okuthile, kumele babe nezinto abangase babuke kuzo umlando waleli bandla, baze balale bavuke. Lokhu kungawenza umehluko omkhulu empilweni yaleli bandla. Kuyenzeka, ikakhulukazi kwaboHlanga ukuthi okuphathelene nenkolo kwehlukaniswe nomnotho kanti kwezinye izinhlanga awukho umugqa owehlukanisa inkolo nomnotho. Ziningi ezinye izindawo ezingenza umehluko emnothweni, abanikazi bazo babe sebhizinisini lezokuvakasha.