Now Reading
Igubezelwe ifu elimnyama inhlangano yekhilikithi kuleli
Dark Light

Igubezelwe ifu elimnyama inhlangano yekhilikithi kuleli

Inhlangano engamele ikhilikithi kuleli iCricket South Africa ivika imikhonto nxazonke. Lokhu kudalwa izigameko ebhekene nazo osekunesikhathi eside zaqala. Ukuxoshwa nokumiswa kwezikhulu, ukubhekana ngeziqu zamehlo nabadlali kanye nokulahlekelwa abaxhasi.

Mumva nje le nhlangano izithola ivikela iso layo emveni kokuthi uThami Tsolekile owayedlalela iProteas eyisola ngokungaliphathi ngendlela icala lakhe lokubandakanyeka ekudayisweni kwemidlalo yeRAM Slam yangowezi-2015.

UTsolekile ukhala ngobulungiswa nje uthi wabuhambisa bonke ubufakazi kubaphenyi kusuka kumakhalekhukhwini wakhe kuya emininingwaneni yakhe yasebhange futhi baze bafika bezopequlula umuzi wakhe. 

UTsolekile uthi kuze kuba inamhlanje abaphenyi abalikhulumi iqiniso. Uqhuba uthi watshelwa ukuthi wathatha isamba semali esiyizi-R400 000 eCasino eJohannesburg kanti yena akaze alubhade eCasino. Akugcinanga lapho njengoba uthi kuphinde kwathiwa wamukela isamba esiyizi-R300 000 egaraji likaphethroli eThekwini, esiyizi-R75 000 eThe Grand nathi kunamakhamera yonke indawo ayikho emkhombisa ethatha imali.

UTsolekile wamiswa iminyaka eli-12 engazibandakanyi nekhilikithi ngenxa yaleli cala lokudayiswa kwemidlalo. Abanye abatholakala benecala ayedlala nabo kuLions uGulam Body owayengubhongoza wagwetshwa iminyaka emihlanu ebhadla ejele waphinda wamiswa iminyaka engama-20 engazibandakanyi nekhilikithi, abanye uJean Symes, u-Ethy Mbhalati noPumelela Matshikwe.

UTsolekile uthi abadlali abamhlophe yize nabo uGulam Body abanxenxa ukuba badayise imidlalo bangaphumela obala ngalokhu okuyicala, abazange bathathelwe izinyathelo kunalokho abaphenyi babavikela kanye noMmeli uDavid Backer.

UTsolekile uqhuba uthi uVaughn Van Jaarsveld wazivumela yena ngokunxenxwa kuBhodi eNorth West kodwa wangenziwa lutho. Omunye umdlali ovezwa uTsolekile nguRobbie Frylinck nathi ngokusho kukaBody wathengisa umdlalo weDolphins idlala emqhudelwaneni iChampions League Twenty20 owawusingethwe i-India ngowezi-2014. Naye akazange athathelwe izinyathelo, kunalokho ngowezi-2017 nezi-2018 waqokelwa kuProteas.

ICSA ibe isikhipha isitatimende ivikela iso layo yathi kungamampunge ukuthi uTsolekile akanikwanga ubufakazi njengoba uMehluleli uBernard Ngoepe owayequla leli cala ethi bathulwa ubufakazi obuqanda ikhanda phambi kwakhe uTsolekile nommeli wakhe. ICSA iphinde yazihlangula ekutheni kwakhethwa iphela emasini kula macala. Le nhlangano ithi bonke abadlali aboHlanga nabamhlophe baphenywa ngendlela, nawuphiko lwamaHawks. UJaarsveld wabe esetholakala engenacala njengoba kuthiwa wakubika ukunxenxwa kwakhe kuSouth Africa Cricketer’s Association nakuCSA’s Anti Corruption Unit. ICSA iphethe ngokuthi uTsolekile akazange ayikhulume ekaRobbie nabaphenyi kodwa akekho umdlali oseke waletha ubufakazi obuthinta uRobbie ngokudayisa umdlalo.

Okunye okusabhekene neCSA ukumiswa kwesikhulu esiphezulu uMnu uThabang Moroe owamiswa ngoZibandlela ngezinsolo zokungaziphathi kahle. Wamiswa izinyanga eziyisi-6 ethola umholo wakhe ogcwele. Okumangazayo ukuthi kuze kube imanje akaze abizelwe esigungwini esiqondisa ubugwegwe. ICSA ithi isalinde ucwaningomabhuku lwale nhlangano ngaphambi kokuthatha isinqumo maduzane.

UJacques Faul okunguyena obambe isikhundla sikaMoroe naye uzoshiya ngoMandulo abuyele kuNortherns Cricket. Lokhu kushiya imibuzo ngekusasa ngozoqhubeka nalesi sikhundla. UFaul ukhala ngezisebenzi athi yizo ezifuna ukudala uqhekeko kule nhlangano ngokupotshozela abezindaba imibiko engemihle ngale nhlangano. UFaul uthe sekunethimba elibhekene nokuphenya lokhu.

See Also

Le nhlangano emavikini adlule iphinde yazithola kufanele izivikele emveni kokuqoka umqondisi wekhilikithi uGreame Smith nomqeqeshi uMark Boucher ngaphandle kokulandela imigudu efanele. Yabe isiba nomhlangano nabadlali abangama-40 boHlanga ababenganeme ngalokhu, Umengameli weCSA wasivikela lesi sinqumo sokuqoka kukaSmith noBoucher nathi kwasekwa yibhodi labaqondisi bale nhlangano.

Akukudala kuvela izindaba zokungaphathwa kahle kwabadlali boHlanga emaqenjini abo nakuProteas. Lokhu kuvele ngesikhathi uLungisani Ngidi eseka umkhankaso iBlack Lives Matter nalapho abadlali boHlanga bemsekile lo mdlali baphumela obala ngezimo ezingezinhle zokucwaswa ngokobuhlanga. Lokhu kwenze iCSA yasungula iTransformation Ombudsman ezobhekana nokucwasana ngokobuhlanga.

ICSA isabhekene nokungabi nabaxhasi bemidlalo yemiqhudelwano yasekhaya. Lokhu kuza emveni kokuba iSunfoil iyeke ukuxhasa imidlalo yezinsuku ezine nokuxhasa imidlalo yeProteas yasekhaya yobungqungqulu. Yaphinde yalahlekelwa iStandard Bank esasixhase iProteas kodwa uFaul uthe kukhona abaxhasi abaxoxisana nabo.

Okuyikho okuseqhulwini ukuthola abaxhasi bomqhudelwano iMzansi Super League osekuphele iminyaka emibili bengekho futhi iCSA iyehluleka ukuthengisa amalungelo okusakaza le midlalo. Lokhu kwenza iCSA kube iyona ekhipha izigidi zemali ekutheni ibe khona le midlalo.

Scroll To Top