Now Reading
Sezethuliwe izimbali eziyoqhakaza kuCOSAFA
Dark Light

Sezethuliwe izimbali eziyoqhakaza kuCOSAFA

Libukeka liqinile iqembu lesizwe lakuleli labesifazane iBanyana Banyana elimenyezelwe umqeqeshi walo uDesiree Ellis.

NgoLwesithathu lo mqeqeshi umemezele iqembu labadlali abangama-20 abazomela elakuleli emqhudelwaneni iCouncil of Southern Africa Football Association (Cosafa) Women’s Championship.

Eqenjini lakhe lo mqeqeshi ufake u-Andile Dlamini osebe seqenjini lesizwe isikhathi eside, uKaylin Swart owaqala ukumela elakuleli ngonyaka wezi-2016, uBongeka Gamede odlale emaqenjini amancane esizwe.

Abanye uSibulele Holweni obengukaputeni eqenjini labaneminyaka yobudala engaphansi kweli-17 kanti nyakenye ubeyingxenye yeqembu elidlale iNdebe YoMhlaba kuyo iBanyana Banyana. Kube uRobyn Moodaly owadlala iNdebe YoMhlaba yabaneminyaka engaphansi kweli-17 ngowezi-2010, wadlala umqhudelwano wamaSummer Olympics ngonyaka wezi-2012.

Lo mqhudelwano uzoqala mhla zintathu kuLwezi usongwe zili-14 kuwo uLwezi, uzobanjelwa ePort Elizabeth.

Sekungokwesi-8 lo mqhudelwano uba khona kanti iBanyana Banyana isiwunqobe amahlandla ayisi-6. Elinye iqembu eselake lawunqoba elaseZimbabwe nelawudla  ngonyaka wezi-2011.

“ICosafa umqhudelwano wabadlali abadlalela amaqembu adlala kuleli, kuhlezi kukuhle ukunikeza abadlali abasha nabancane ithuba. Ingihlabe umxhwele indlela abasebenza ngayo ukuzilungiselela lo mqhudelwano” kusho u-Ellis.

IBanyana Banyana iseqoqweni A lapho izotholana phezulu ne-Eswatini, iComoros kanye ne-Angola.

Leli qembu lika-Ellis liqale izolo ukuzilungiselela lo mqhudelwano.

Ngesonto eliphelile u-Ellis uvumelane nenhlangano ephethe unobhutshuzwayo kuleli, iSouth Africa Football Association (SAFA), ukuthi uyaqhubeka nokuba ngumqeqeshi. Wathatha izintambo kuVera Pauw ngonyaka wezi-2016 njengebamba lo mqeqeshi, kwathi ngonyaka wezi-2018 wabe eseqashwa ngokusemthethweni njengomqeqeshi.

Nomqeqeshi weqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kweli-17, uSiphiwe Dludlu, wenze esifanayo ebiza iqembu eliqinile nalo elidlala umqhudlewano weCosafa kodwa ezingeni labo. 

ICosafa U/17 Women’s Championship yona izoqala mhla zizine kuLwezi isongwe mhla zili-14 kuwo uLwezi. Nawo lo mqhudelwano uzobanjelwa kuleli eNelson Mandela Bay, ePort Elizabeth.

Eqenjini lakhe labadlali abangama-20 uDludlu ubize onozinti ababili, izitobha eziyisi-7, abadlala esiswini abayisi-6 nabagadli abahlanu. 

EzikaDludlu zihlule iBanyana Banyana ngegoli elilodwa eqandeni emdlaweni wobungani. Lo mqeqeshi ukholwa wukuthi iqembu lakhe lisesimweni esihle ekutheni lingawunqoba lo mqhudelwano.

See Also

“Uma uya kuCosafa uthola abadlali abahlukahlukene, lapho kusuke kukhona abancane nabanamava. Emdlalweni wethu neBanyana Banyana kukhona abadlali abakufundile kuwona. Inhloso bekuwukthi sibabone ukuthi abasabi yini ukubhekana nabadlali abakhulile. Muningi umsebenzi osasihlalele kodwa ngijabule ngeqembu engiliqokile,” kusho uDludlu.

EzikaDludlu ziseqoqweni elilodwa neTanzania, iZambia, iZimbabwe neComoros.


Selilonke iqembu elimenyezelwe u-Ellis lithakwe kanje: 

Onozinti: uKaylin Christen Swart ongenaqembu no-Andile Dlamini weMamelodi Sundowns FC.

Izitobha: uKarabo Makhurubetshi weMamelodi Sundowns FC, uKoketso Mmathabo Tlailane weTUT-Pretoria, uBongeka Gamede  noSibulele Cecilia Holweni  be-University of Western Cape, uXiluva Tshabalala weMa-Indies FC, u-Ongeziwe Ndlangisa weSunflower FC noKaylyn Octavia Jordaan weSpurs W.FC.

Abasesiswini: uMamello Makhabane, uGabriela de Jesus Thomas Salgado, uRobyn Moodaly beJVW FC, uMapule Nomvula Kgoale weTUT-Pretoria, uNonhlanhla Mthandi, u-Oratile Dikgosi Mokwena noKarabo Angel Dhlamini beMamelodi Sundowns kube uLonathemba Mhlongo weDurban Ladies FC.

Abagadli: uNeliswa Luthuli weSunflower FC, uHildah Magaia noPride Nthite beTUT-Pretoria.

Scroll To Top