Impelasonto yeMTN8 izoqala ukuhlonza imiphumela engalindeleka



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ihlala ihlabahlosa futhi ilangazalelwa ngabantu abaningi imidlalo yeChiefs nePirates, kulokhu abalandeli ababonwa
Nakuba umdlalo wezinkunzi zaseSoweto kusengowomlenze wokuqala wowandulela owamanqamu weMTN8 kodwa ubukeka ungowamanqamu ngezizathu eziningi.
Lezi zinkunzi, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, zizotholana phezulu kusasa ngoMgqibelo ngelesithathu ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto.
Umlenze wesibili uzoba mhla ziyisi-8 kuLwezi eFNB Stadium. IChiefs kowamaQuarter-Final idlule kuMaritzburg United ngamabili kwelilodwa, iBucs yashaya iCape Town City ngelilodwa eqandeni.
Kuyiwa kulo mdlalo abaqeqeshi bala maqembu, uGavin Hunt waMaKhosi noJosef Zinnbauer wePirates, bakwenkulu ingcindezi yokuqeda indlala yeminyaka eyisi-6 la maqembu abawaqeqeshayo agcina ukuba aqukule indebe.
IChiefs yagcina ukunqoba isicoco ngeMTN8 ngowezi-2014. Okushubisa isimo ukuthi yashaya eZimnyama ngegoli elilodwa eqandeni kowamanqamu owawuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini. AmaKhosi anqoba ngegoli likaTefu Mashamaite.
Akubuzwa ukuthi abalandeli beChiefs bafuna umlando uziphinde, ekubeni ngakolunye uhlangothi abeZimnyama bafuna ukuziphindiselela.
EZimnyama zagcina ukunqoba inkomishi ngeNedbank Cup ngawo owezi-2014 zishaya iBidvest Wits ngo-3-1 kowawukhona eMoses Mabhida.
Lo mphumela ungomunye ononga umdlalo wakusasa. Phela iZitshudeni zashaywa ziqeqeshwa uHunt okungabuzwa ukuthi uzofuna ukuziphindiselela.
Okungeke kubalekelwe ukuthi liyoshona elangomhla ziyisi-8 kuLwezi kucacile ngeqembu eliqhubeka neshobolo lezicoco.
Kumele ukuba bahleka bodwa abalandeli beZimnyama njengoba iCourt of Arbitration for Sport (CAS) inqume ukungasisusi isinqumo seFederation International Football Association (FIFA), esivimba iChiefs ukusayinisa abadlali kumawindi amabili leli elivuliwe manje elizovalwa ngoLwezi nelizovulwa ngoMasingana.
Lokho kuphoqa uHunt ukuba asebenzise abadlali abafice kuleli qembu ngisho nalabo abebengekho ezinhlelweni zakhe.
Ohlangothini lwePirates khona kuminyene utshumo kubangwa isikimi kwazise phela ingene yagxila emakethe, itheza izinduku ezinjengoThulani “Tyson” Hlatshwayo, uTerrence Dzvukamanja, uThabang Monare, uDeon Hotto abebedlala kuWits edayiselwe iTshakhuma Tsha Madzivhandila FC. Abanye unozinti uRichard Offori obekuMaritzburg United, uWayde Jooste obegijima kuHighlands Park noCollins Makgaka obekuBaroka FC.
Esinye isinongo salo mdlalo, uHunt ozophenduka inkukhu nempaka noHotto, uMonare, uDzvukamanja noHlatshwayo abebengamasosha akhe kuZitshudeni.
UHlatshwayo noHunt banqobe isicoco seligi ngesizini yezi-2016/17 neMTN8. Ngowezi-2017 balandelise ngeTelkom Knockout. UMonare unqobe iMTN8 neTelkom. UDzvukamanja noHotto bakhombisa amava nakuba iZitshudeni zakhishwa yiBaroka kowandulela owamanqamu weTelkom ngowezi-2018 nakoweNedbank ngesizini edlule.
Bonke laba badlali bazophoqeleka ukukhaphela uHunt kwazise kabafuni umlando ubahlulele ngokubhacaza emdlalweni wokuqala wabo wezinkunzi zaseSoweto.
Ngenxa yesinqumo seCAS kuzoba kungokokuqala ukuthi AmaKhosi abeke amathemba awo aphelele kubadlali abancane ngeminyaka yobudala ngokuvamisile okusuke kungezwa ngabo.
Kubhekwe uNkosingiphile Ngcobo odlale ibhola elinenkosi phakathi ezakhe zishaya ngegoli elilodwa iChippa United koweDStv Premiership ngoLwesibili. Kukhona noNjabulo Bloom uHunt olokhu emncome njalo kube uHappy Mashiane ukusho abagqamille.
Bonke laba bazobe beqala ukuba yingxenye yowezinkunzi zaseSoweto. Nabo bafuna umlando ubahlulele njengamaqhawe.
Ngemuva koweChippa, uHunt uzwakalise okukhulu ukujabula ngebhola elidlalwe ngabafana bakhe.
“Akufananga nasemdlalweni esashaywa kuwo iMamelodi Sundowns, kulokhu besiyiqembu elihlelekile. Ngijatshuliswe nayindlela abadlali abancane abadlale ngayo. Banekusasa elihle. UBlom noNgcobo badlale into ecokeme kakhulu okungangokuthi isisu bavele basenza esabo,” kucashunwa uHunt.
Kudlala uNgcobo noBlom nje uHunt uhlalisa ngaphandle uWillard “Salt and Vinegar” Katsande. Lo mdlali odabuka eZimbabwe kuyaziwa ukuthi uyena obesephenduke insika kuMakhosi kodwa kubukeka izinto zimjikele. UHunt uthembise nokuthi uzomsebenzisa uSphelele “Starch” Ntshangase obewukudla kwebhensthi ngaphansi kuka-Enerst “Mazinyo” Middendorp obeqeqesha iChiefs.
UHunt uphinde wathi uyakholwa ukuthi isithenjwa esinguKhama Billiat sizovuka sizithathe njengoba besehluleka ukuvalela phakathi amagoli.
IPirates iya kulo mdlalo iphuma ekubambaneni ngegoli elilodwa neStellenbosch FC koweligi obungoLwesithathu. Igoli layo livalelwe phakathi uNtsikelelo Nyauza. Nakuba uZannbauer ezwakalise ukuphoxeka kodwa uthe uneqembu eliqinile.
Okunye okuzokwenza kuguge utshani kulo mdlalo walezi zinkunzi zaseSoweto ukuthi ngesizini edlule zitholane emidlalweni emithathu iChiefs yayinqoba yonke. IPirates kusho ukuthi ngeke ifune ukuphinde ishaywe induku eyodwa.
Koweligi emlenzeni wokuqala iChiefs yanqoba ngamagoli amathathu kwamabili, emlenzeni wesibili yanqoba ngegoli elilodwa eqandeni nelavalelwa phakathi uLebohang Manyama.
Omunye umdlalo kwaba oweQuarter-Final yeTelkom Knockout, owawuseMoses Mabhida waphela zibambene ngamagoli amabili nhlagothi zombili iChiefs yanqoba kumaphenathi ngamane kwamabili.
UHunt unomlando omuhle uma ebhekene nePirates, njengoba emidlalweni eli-10 wanqoba eyisi-7 wahlulwa kwemibili wadlala ngokulingana kowodwa lapho wayeqeqesha iWits.
UZinnbauer ecashunwa emva komdlalo neStellenbosch FC ukhombise ukungenami neze njengoba ezakhe zihlulekile ukuthola amaphuzu amathathu.
“Kumele sivuke sizithathe akuyona indlela yokudlala le ebesiyenza, bekungathi kuthiwe asingene enkundleni singalindele. Angeneme neze ngokuthi sithole iphuzu elilodwa, uma udlala ekhaya kumele nakanjani ulwele ukunqoba. Kodwa ibhola linjalo okumele sikwenze ukulungiselela umdlalo olandelayo,” kusho uZinnbauer.
Ebuzwa ngalo mdlalo olandelayo uthe: “Sizobheka isimo sikaGabadinho Mhango othole ukulimala, uma kuwukuthi uthinteke kakhulu sizosebenzisa uZakhele Lepasa ongene wenza kahle kakhulu noma uDzvukamanja.”
Abanye abadlali abathintekile uKabelo Dlamini noHotto, nabo kuzoya ngokuthi isimo sabo sihamba kanjani.
Okubuhlungu kakhulu ukuthi lo mdlalo uzodlalwa esimweni esingajwayeleki, sokungabikho kwabalandeli enkundleni ngenxa yemigomo yokhuvethe. Kunabalandeli okwaziwayo ukuthi bebezobe bekhona kulo mdlalo.
ElaboHlanga likhulume nomlandeli wokuqina wePirates uMama Joy nozwakalise ukuphatheka kabi kakhulu.
“Ubani owayazi ukuthi umdlalo wePirates neChiefs uyoke udlale ngaphandle kwabalandeli. Ngibuhlungu kakhulu ngokuthi lo mdlalo omkhulu kangaka sizowubuka sihlezi emakhaya. Kodwa angeke senza lutho ngoba kulandelwa umthetho kaHulumeni wokuvikela ukuthi singasabalali isifo ukhuvethe.” usho kanje.