Ukukhwabaniswa kwezimali kwa-UIF



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Ngesikhathi semvalelwakhaya ukhuvethe lubhilitile ezweni baningi abalahlekelwe imisebenzi kwalindeleka ukuthi izinkampani zithumele imininingwane yezisebenzi zazo eMnyangweni Wezabasebenzi ukuze zithole imali yokuphelelwa umsebenzi, i-Unemployment Insurance Fund (UIF). Uphenyo lukaMcwaningimabhuku Omkhulu osephuma, uMnu uKimi Makwetu (osesithombeni), luveza ukuthi kunezinkampani ezenze inkohlakalo zathumela imininingwane yezisebenzi ezingasasebenzi kwezinye izinkampani.
Okuthulwe uMcwaningimabhuku Omkhulu ukuthi ezinye izinkampani bezithumela nemininingwane yezisebenzi esezaboshwa noma ezaxoshwa lapho ezazisebenza khona izwe lingakavalwa. Okunye okuvelile okwabaqashi bezisebenzi zasezindlini abasebenzela uHulumeni abangazikhokhelanga izisebenzi zabo ngoba belindele ukuthi zithole imali kulesi sikhwama. Umbiko kaMcwaningi-mabhuku Omkhulu uyakugxeka lokhu kwazise laba baqashi uHulumeni ububaholela imali ephelele okusho ukuthi bebengakazwi ukuholela izisebenzi zabo imali egcwele.
UMqondisi Omkhulu kwa-UIF, uMnu uMakhoshonke Buthelezi, ephawula odabeni lokuthi kunezisebenzi esezize zabuyela emsebenzini zingazange ziyithola imali ye-UIF, uvumile ukuthi ngasohlangothini lwabo kukhona indlela abangenza ngayo efanele. “Kukhona lapho esingaqinisanga khona, lokho kuvezwe umbiko kaMcwaningimabhuku Omkhulu. Akusikho ukuthi siyazithethelela kodwa bekumele senze izinhlelo ngesikhathi esincane, kuvamile-ke ngoba uma wenza izinhlelo zokukhokha kumele ulokhu wenza iziqeshana uhlola ukuthi ngabe ngempela lolo hlelo luyasebenza yini, okuyilona thuba esingabanga nalo siqinisekise ukuthi lolu hlelo alunazikhala yini.”
Uqhube wathi bayavuma ukuthi kube nezinkinga ezinjengokungakwazi ukuhlonza ukuthi ngabe umuntu ofakelwe isicelo ukufanele yini ukuthola le mali.
“Elinye igebe esibe nalo ukuthi sikwazi ukubheka ukuthi umuntu umqashi amufakela isicelo usaphila ngempela yini. Lolu hlelo belungakwazi ukusebenzisana neminye iminyango njengoWezasekhaya noWokuhlunyeleliswa Kwezimilo. Kusisizile kakhulu ukuthi uMcwaningi-mabhuku ahlonze zonke lezo zikhala ngoba manje sesikuqaphile lokho, ngaphambi kokuthi sikhokhe omazisi babantu abafakelwe izicelo sibayisa eMnyangweni Wezasekhaya, uphiko olukhokhela isibonelelo sikaHulumeni uSASSA, noMnyango Wezabasebenzi bakaHulumeni ukuze singakhokheli abantu abangafanele,” kusho uButhelezi.