Now Reading
Balandwe emazweni abo abasolwa ngokuhlasela emathaveni
Dark Light

Balandwe emazweni abo abasolwa ngokuhlasela emathaveni

Izigameko zakamuva zokuhlaselwa kwabantu ezindaweni zokuzithokozisa namathaveni ezingxenyeni ezihlukene zezwe kuphenywa izinsolo zokuthi akuhlangene yini nomsindo oqhubekayo kwabokufika kuleli nezakhamuzi. 

Lokhu kulandela ukuboshwa kwabantu abalishumi okuthiwa baqhamuka emazweni angaphansi kweSADC angomakhelwane beNingizimu Afrika ezigamekweni ezehlukene zokubulawa kwabantu emathaveni eGoli nasePitoli. 

Uphiko Olukhethekile Lwabaphenyi luthe lushaqe abantu abadabuka emazweni angaphandle abanye abalandwe emazweni abo sebeqe imingcele kula macala. Lokhu kufakazelwe nanguNdunankulu waseGauteng uMnu uDavid Makhura enkulumweni ayethule eSishayamthetho ngoLwesithathu.  

UMakhura uthe  bazosebenzisana namaphoyisa ukulwa nalesi sihlava ngoba abantu basuke benelungelo lokuzijabulisa futhi nezindawo abazijabulisa kuzo zisemthethweni. Sekuyinsakavukela ukuhlaselwa kwabantu emathaveni kuleli. 

See Also

Nakuba isibhicongo sokufa kwentsha eyayizijabulisa ethaveni eNyobeni e-East London kungabanga esokuhlasela, kepha naso kuthiwa siyingxenye yeziningi okuqondwe ngazo ukuhlasela abantu abasuke bekulezi zindawo. 

Ephendula imibuzo ePhalamende ngoLwesithathu uMengameli uRamaphosa uthe iNingizimu Afrika elinenkululeko elakhelwe phezu kwesisekelo  somthetho. Uthe ukungaziphathi kahle, ubudlwembe, ukusabisa nokwehlisa isithunzi okubhekwiswe kwabokufika okungaba ukuthi bakuleli ngokomthetho noma abekho emthethweni angeke kubekezelelwe.

Scroll To Top