Now Reading
Kade aliqala ibhizinisi lokuthengisa imishanelo uNokhwela
Dark Light

Kade aliqala ibhizinisi lokuthengisa imishanelo uNokhwela

Uyaziwa ngephimbo lakhe ekuseni njengoba abanye sebevuswa uyena uma ethi; “Mshaneeeelo!!”. Ungacabanga ukuthi kukhala imbuzi kanti sekuyileso sikhathi sokuthi abangenayo imishanelo yokushanela amagceke bavuke bayithenge. 

UMnu uThengilizwe Nokhwela waseLambase, eLusikisiki, esifundazweni i-Eastern Cape wagcina kuSigaba-B esikoleni kodwa imali ayenza ngebhizinisi lakhe lokudayisa imishanelo yamagceke yedlula ngisho eyezifundiswa ezifunde zagogoda. 

Uyaziwa ngephimbo lakhe ngisho nakoMawoti eNanda lapho edayisa khona njengoba abanye abantu begcina sebemshayela izingcingo bedinga imishanelo. 

Ekhuluma nelaboHlanga uthe ukhule elusa izinkomo yingakho engakwazanga ukufunda ngoba ubeya esikoleni kodwa ngenxa yokuthi bekunguye omdala kwabo okwakubhekeke ukuthi anakekele nabazali, wagcina esishiya isikole wenza umsebenzi wokwelusa izinkomo ngesinye isikhathi ekhokhelwa ngemfuyo. 

“Kodwa-ke ayingivumanga imfuyo ngoba ibithi isiningi iphinde ife noma enye intshontshwe kwesinye isikhathi ishaywe izulu,” kusho uNokhwela. 

Uthe ukwenza lo msebenzi wakuqala ngonyaka we-1999 kanti uyakwazi ukwenza imali ebalelwa e-R1 000 ngosuku uma kusebenzeke kahle. 

Ngalo msebenzi wakhe ufundisa izingane zakhe ezimbili ezifunda amabanga aphansi eThekwini kanti naye usezithengele umhlaba wokwakha umuzi eKokstad ngoba yilapho ibhizinisi lakhe lindlondlobala khona.  “Emuva kokuthi ngibe nezinkinga kweminye imizi ebengilusa kuyona lapho bengiye ngingakhokhelwa ngokwesivumelwano, ngahlala phansi ngacabanga ukuthi yiliphi ibhizinisi elizongigcina ngimatasa ngizenzele imali,” usho kanje. 

Uthe wabona ukuthi abantu bayathanda ukuthi amagceke abo ahlale ehlanzekile nokuthi abesilisa abavamile ukusebenza ngezinto ezisetshenziswa ikakhulukazi abesifazane ezifana nemishanelo. 

“Yilapho ngabona khona ukuthi angiqale ibhizinisi lemishanelo ngiyakhe bese ngiyidayisa njengoba sekuphele iminyaka engaphezulu kwengama-21 ngilenza,” kuchaza uNokhwela. 

Uthe wahlala wabheka ibhizinisi azokwazi ukuliqhuba ngale kokusebenzisa imali eningi njengoba akwenzayo ukuthenga utshani kuphela. “Yize sebeyinyusa intengo yabo ngenxa yokuthi bayabona ukuthi ithengwa kakhulu futhi isifuna utshani njalo,” usho kanje. 

Udalule ukuthi banendawo yabo lapho bakha khona imishanelo. 

Inkinga ngeleli bhizinisi lakhe ukuthi alibhalisiwe futhi aliyikhokhi intela ukuze kube ngelihlelekile akwazi ukuboleka imali kuHulumeni nasemabhange. 

See Also

Ibamba likaSihlalo weNational African Federation Chamber (Nafcoc) KwaZulu-Natal, uMnu uPaul Mkhwanazi, uthe yimali eningi kakhulu eyenziwa uNokhwela esikhathini lapho izwe libhekene nokuntenga komnotho. 

“Kufanele alibhalise ibhizinisi lakhe akhokhe intela ukuze ezokwazi ukuthola usizo lokukhula nemali yoxhaso kaHulumeni ephuma njalo ngonyaka ebalelwa esigidini esingu-R1.5,” kusho uMkhwanazi. 

Uthe sebesiza osomabhizinisi abasafufusa abaningi eMpangeni nakwezinye izindawo ikakhulukazi njengoba sebesebenza ngokubambisana neTransnet. 

“Siyabathatha osomabhizinisi sibaqeqeshe kuqala nalapho siye sibaxhumanise nabantu bethu abazobenzela izinhlaka zamabhizinisi aye abe ukhiye wamabhizinisi abo ngisho noma sebefuna ukwenzani,” kusho uMkhwanazi. 

Uthe lokho kwenza ukuthi kube lula ukuthi inkampani ikhule kuvuleke namathuba emisebenzi iqashe izisebenzi zayo ngoba isiyathenjwa nangamabhange, imali inzuzo yayo iyifake ebhange okuzokuba ubufakazi bokuthi yenza kanjani kwezezimali.

UMkhwanazi ugqugquzele abantu ukuba basondele emahhovisi abo ukuze bathole usizo ngamabhizinisi abo bangalokhu besebenzela imali abayidla bayiqede ngaleso sikhathi kepha kube nokuhleleka ngokwezezimali lapho nabaphathi bezinkampani kufanele bazifundise ukonga imali nabo babe namaholo ukuze ibonakale inzuzo abayenzayo. Uthe bayasebenza nakwezinye izindawo ezifana neShowe lapho sekunamabhizinisi abawasizayo asezimele. INafcoc ikwenza lokhu ibambisene nabakwaTransnet ukuzama ukulekelela uHulumeni ekukhandeni amathuba emisebenzi.

Scroll To Top