Indidane yokwehlukanisa uphethroli nentela


Bambalwa abantu abathi uma bethenga babale behlukanise phakathi kwenani eliyilo lempahla nentela. Uma sizithengela nje sijwayele ukubala ukuthi yimalini ezophuma ephaketheni ukuze sithole leyo nto esiyithengayo. Asikuthathi njengomsebenzi wethu ukunconzulula sehlukanise inhloko nesixhanti. Abantu abaze bacubungulisise phakathi kwenani nentela yilabo abangosomabhizinisi. Nabo lokhu bakwenziswa wukuthi baphoqwa wumthetho ukuba baqoqele uHulumeni intela yentengo. Usomabhizinisi uphoqekile ukuba athi uma esebala ahlunge intela bese eyinikeza uHulumeni, yena bese esalelwa yileyo mali azibona kuyo ukuthi umi kanjani. Ngaphambi kokuba uNgqongqoshe Wezezimali uTito Mboweni ethule isabelomali salonyaka abaningi bebelindele ukuthi uzokwenyusa intela yentengo okumanje ingamaphesenti ali-15 kulelo nalelo randi, emikhiqizweni ebaluliwe.
Akazange abheke ngalapho bekulindele khona abaningi, kodwa uqhamuke ezintubeni eziningi ezingangenisa imali, enye yazo okuyintengo kaphethroli. UNgqongqoshe umemezele ukuthi intela ekhokhwa uma kuthengwa uphethroli izokwenyuka ngamasenti angama-25 kulelo nalelo litha likaphethroli. Akekho umuntu ofika egalaji athenge ilitha elilodwa likaphethroli elizofakwa emotweni. Ngamanye amazwi uma umuntu ethenga amalitha ayisihlanu kaphethroli, intela asezoyikhokha izokube seyenyuke ngo-R1,25, kulokho eyikho njengamanje. Into ethanda ukuba buhlungu wukuthi umuntu onemoto angeke akwazi ukuyivika le ntela ngoba iphakathi enanini likaphethroli. Amukho umuntu oqala phansi abale uma efika egalaji ethenga uphethroli ukuthi yimalini eyintela enanini likaphethroli.
Kula masenti angama-25 ezokwenyuka ngawo intela ekuphethroli, amasenti ali-16 azongena enteleni ejwayelekile kaphethroli kuyenze yenyuke ibe ngama-R3,63 kulelo nalelo litha likaphethroli, kanti amasenti ayisi-9 azokwengeza enteleni ekhokhelwa iRoad Accident Fund okuyikhuphula ibe ngama-R2,07 kulelo nalelo litha elithengiwe. Lokhu-ke kuchaza ukuthi imali engama-R5,70 elitheni likaphethroli iyimali eyintela ehlanganiswa nenani langempela likaphethroli. Ngamanye amazwi kulelo nalelo litha likaphethroli elithengwayo intela ingamaphesenti angama-35 kuya kwangama-40. Lolu hlobo lokukhokha, lapho umuntu ekhokhela into ajwayele ukuyikhokhela, kungabi sobala ukuthi usekhokha ngaphezulu kwalokho abekukhokha kuqala luyinkinga ngoba lumbulala buthule umuntu, angaboni ukuthi ulimale kuphi.
Lezi zinguquko ezenziwe nguNgqongqoshe zizoqala ukusebenza lulunye ngenyanga kaMbasa. Phela intengo kaphethroli ilawulwa yinani likawoyela othengwa ezimakethe ezisemazweni aphesheya. Abathenga uwoyela babheka imakethe engase ibe nenani elingcono elizokwenza kungabi yinkinga enanini okudayiselwa ngalo abathenga uphethroli lapha eNingizimu Afrika. Uma bewuthenga kulawo mazwe nabo basuke belindele ukwenza inzuzo ngoba kuyibhizinisi labo abaziphilisa ngalo. Kubalulekile-ke ukuthi bathenge lapho bewuthola khona ngenani eliphansi. Inganekwane eyayixoxwa ngisemncane, lapho kuthiwa amanzi mawacishe umlilo, ukuze umlilo ushise induku, induku yona ishaye inkomo, inkomo bese ingena esibayeni ngiyayibona kulesi simo. Uchungechunge lokwenyuka kwentengo kaphethroli lunomthelela ezintweni eziningi. Kubagibeli bezimoto zomphakathi kusho ukwenyuka kwemali abayikhokhayo uma begibela.
Ayikho indlela yokuhamba ngezinyawo, uvike ukugibela uma uya emsebenzini, uya esikoleni, noma uya edolobheni. Uma kuhamba kanje, kusho ukuthi kuzokwenyuka intela bese kusho ukwenyuka kwentengo kaphethroli, kube nomthelela emananini empahla ezitolo ngoba ilandwa ihanjiswe ngophethroli, kuze kwenyuke nemali yokugibela. Okhulumela abakwa-Automobile Association usichaze njengesinzima eNingizimu Afrika lesi simo, ngoba senzeka ngesikhathi izinkampani zidiliza izisebenzi, kunabaningi abavele behlezi emakhaya bengasebenzi. Kuzoshuba. Lokhu kwenyuka kwentela kuthumela imiyalezo edidayo kubantu bakuleli lizwe ngokuzinikela kukaHulumeni ekuthwalisaneni nabo engwadleni yobubha ababhekene nabo, ikakhulukazi uma kuyiwa ezintweni zokuhamba.
Uma sibheka ukwenyuka kwentela kuphethroli sisuka onyakeni wezi- 2016 kubukeka sekuyinto uHulumeni akhalela kuyo ukuze aqinise isikhwama sikaHulumeni. Intela ejwayelekile etholakala kuthengwa ilitha likaphethroli ingena esikhwameni sikaHulumeni, yenze izidingo zomphakathi. Ngakho- ke kumele noma ngubani osebenzisa izinto zokugibela akhokhe, nothengayo esitolo kumele ahlale azi ukuthi kukhona ingxenye naye ayifakile emalini ephilisa uHulumeni, yenze okuyizidingo zomphakathi. Ekuqaleni kwenyanga kaNdasa onyakeni wezi-2016 intela ejwayelekile ekhokhwa kuphethroli yenyuka isukela kuma-R2,55 yaya kuma-R2,85, okusho ukuthi yenyuka ngamasenti angamashumi amabili kungakangeni intela yokubhekela izingozi zomgwaqo. Ngonyaka olandelayo yaphinda yenyuka ngamasenti angamashumi amathathu yaba ngama-R3,15 kulelo nalelo litha elithengwayo.
Ngonyaka wezi-2018 yaphinda yenyuka ngamasenti angama-22 yase iba ngama-R3,37 kulelo nalelo litha elithengwayo. Kusobala ukuthi yinto yaminyaka yonke lena yokwenyuka kwentela, njengoba kulo nyaka intela ejwayelekile izofinyelela ema-R3,63 kulelo nalelo litha likaphethroli elithengwayo. Intela eyengeza esikhwameni esibhekele izingozi zasemgwaqweni yona ngonyaka wezi-2016 ayizange yenyuke, yema nje kuleyo yangonyaka wezi-2015, okungu-R1,54. Ngonyaka wezi-2017 yenyuka ngamasenti ayisishiyagalolunye yaba ngama-R1,63. Ngonyaka wezi- 2018 yenyuka ngamasenti angama-30 yafinyelela ema-R1,93. Njengoba kulo nyaka seyifinyelela ema-R2,07 kulelo nalelo litha elidayisiwe ngabanikazi bamagalaji. Abanikazi bamagalaji nezinkampani ezidayisa uphethroli kumele zihlale zazi ukuthi emalini abayiqoqe ngokudayisa uphethroli kunemali engama-R5,70 okungesiyo eyabo, kodwa abayiqoqela uHulumeni.
Ngakolunye uhlangothi uMnyango Wezimbiwa kanye neNhlangano iCentral Energy Fund banezabo izinhlelo zokubheka ukwenyuka nokwehla kwentengo kaphethroli, ziwehlukanisa nentela kaHulumeni. Bona babheka amanani kawoyela abawuthengayo, bese bebheka lapho bekwazi ukonga khona bese benquma ukwehlisa noma ukwenyusa inani likaphethroli. Kusho ukuthi kungenzeka yehle intengo kaphethroli kodwa ayehli eyentela ekhokhwa ngokuthenga uphethroli egalaji. Uma singasebenzisa isibonelo esisetshenziswe ngabakwa-AA, ngomuntu othenga uphethroli esezindaweni ezikude nogu lolwandle, egcwalisa ithangi lemoto yakhe elingamalitha angama-50 ngonyaka wezi-2018 singalinganisa ukuthi wayekhokha imali engama-R711,50 ehlukaniswa kanje: Intela eyejwayelekile engama-R3,37 elitheni seyihlangene ikhipha ama-R168,50.
Intela yeRoad Accident Fund engama-R1,93 ingamaR96,50; ezinye izindleko ezibhekene nalo msebenzi ezingama-R3,12 elitheni zibe ngama-R1,56. Imali umuntu ayikhokhela uphethroli ingama-R5, 81 ngelitha lilinye okukhipha ama-R290 50 ngamalitha angamashumi ayisihlanu. Kusobala ukuthi yincane ingaphansi kwengxenye imali ekhokelwa uphethroli ema-R711,50. Lezi zibalo ziyacacisa ukuthi yiningi imali esiyikhokhela intela kuleli lizwe, futhi yiyo eyenza kubonakale intengo kaphethroli iphezulu kakhulu uma siziqhathanisa namanye amazwe angomakhelwane.