Amakomiti eSishayamthetho aletha ithemba kubantu



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Emizamweni yaso yokuqinisekisa ukuthi uHulumeni waKwaZulu-Natal usebenza kahle, iSishayamthetho salesi sifundazwe sesisungule amakomiti azoqapha uma kuphenywa amacala abucayi ahlobene nokusebenza kukaHulumeni kanye nezindaba zomhlaba.
Lokhu kutshelwe elaboHlanga uSomlomo weSishayamthetho, uNks uNontembeko Boyce othe kuvunyelwene ngokuthi kusungulwe la makomiti, elizoqapha uphenyo oluqhubeka kuHulumeni wesifundazwe kanye nasemabhizinisi kaHulumeni nelizobhekana ngqo nemithetho ethinta ukwabelana ngomhlaba kanye nokubuyiselwa kwawo kubantu noma kube nesinxephezelo kulabo abalahlekelwa umhlaba ngesikhathi sobandlululo.
“Ikomiti eliphenya amacala liholwa ilungu elimkhantshubovu. Lizobheka kabanzi uphenyo oluphezulu oluhlanganisa nokuthengwa kwezivikeli (PPE’s) ngesikhathi sokhuvethe,” kusho yena.
USomlomo uthe leli komiti lizonika izakhamuzi zaKwaZulu-Natal isiqiniseko sokuthi labo abathintekayo bayajeza.
“Lo mnyakazo onamandla uzoqinisekisa ukuhola kweSishayamthetho njengoba ikomiti lizobe libuyekeza, liphenya, liphinde lihlole bese lethula umbiko ngophenyo lwalo. Lizophinde libheke izizathu zokubambezeleka nezinyathelo ezizothathwa ukulungisa lokho nokuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukuphothula lokho okuzobe kuphenywa,” kusho yena.
USomlomo uBoyce uveze ukuthi leli komiti liqale ukusebenza ngoLwesibili kanti uSihlalo walo uNkk uMaggie Govender. Uqhube wathi lizophinde liqaphe ukuthi sekukuphi ngamacala noma ngophenyo oluqhubekayo oluthinta izisebenzi zikahulumeni nokuthi sebaqondiswa yini izigwegwe labo abatholwa benecala namacala avulwa.
Amalungu aleli komiti uNkk uGovender, uMnu uSipho Nkosi, uMnu uSipho Sonjica, uMnu uSibonelo Mtshali, uNks uBridget Ntshangase noNks uMakhosazane Zungu abaphuma ku-African National Congress (ANC). Abamele iqembu i-Inkatha Freedom Party uMnu uBonginkosi Kunene noMnu uMntomuhle Khawula, oweDemocratic Alliance (DA) uMnu uFrancois Rodgers, owe-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnu uMongezi Twala noNkk uShameen Thakur-Rajbansi weMinority Front (MF).
USomlomo uthe kuphindwe kwasungulwa elizobhekana nezindaba zomhlaba ngoba bathole izikhalo eziningi ezihlobene nomhlaba emakomitini ahlukene eSishayamthetho. Nalo leli uthe liqale ukusebenza ngoLwesibili liholwa uMhlonishwa uNtombikayise Sabhidla-Saphetha amchaze njengosemkantshubovu njengoba evele enguSihlalo wekomiti Lezolimo Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya.
USomlomo uthe iSishayamthetho sizimisele ukuqinisekisa ukuthi bonke abagilwa kwezomhlaba bathola ubulungiswa. “Udaba lokubuyiswa komhlaba kubaniniwo lumqoka kakhulu lapha eNingizimu Afrika oludinga ukucutshungulwa kabanzi. Saziswa ukuthi kukhona abebehla emhlabeni ngenkathi abalimi abamhlophe bewuthatha ababe sebephenduka izisebenzi zakhona emapulazini,” kusho uSomlomo uBoyce.
Ikomiti lakhiwe uNkk uSabhidla-Saphetha, uMnu uSiboniso Duma, uNks uVuyiswa Caluza, uMnu uSthembiso Mshengu, uNks uMbalenhle Frazer, uMnu uMondli Chiliza noMnu uMuzi Gwala be-ANC. Kube omele i-IFP uMnu uPetros Msimango, oweDA uMnu uChristopher Pappas, owe-EFF uMnu uLinda Seja noMnu uMxolisi Phakathi wembu azimele uMhloniswa uPhakathi we-African Transformation Movement (ATM).
Uphethe ngokuthi leli komiti kulindeleke ukuba liphothule ukudingida izindaba eziphathelene nomhlaba ngaphambi kokuthi kuphele ihlandla lesi-6 lalesi Sishayamthetho. Bazobika eSishayamthetho kanye nasekomitini Lezolimo Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya.