Umhlangano wokuqala wokucaba indlela yangowezi-2018
ISIGUNGU esiphezulu seKhabhinethi kaHulumeni waKwaZulu-Natal sibe nomhlangano wokuqala kulo nyaka ngoLwesithathu nalapho sidingide khona izinkinga nezingqinamba ezibhekene nokuphatha kukaHulumeni kulesi sifundazwe. Phakathi kwezinto ezidingidiwe kubhekwe umbiko okhuluma kabanzi ngamaholide kaZibandlela nalapho kugqame khona ukuthi kube nokwehla okukhulu ezingozini zomgwaqo kulesi sifundazwe, nakuba izivakashi bezandile uma kuqhathaniswa nangonyaka wezi- 2016. Kusuka lulunye kuZibandlela wezi-2017, kuya ziyi-15 kuMasingana nonyaka, kube nezingozi zomgwaqo ezingama-279 nalapho kushone khone abantu abangama-324.
Lokhu kusho ukuthi isibalo sehle ngamaphesenti ayi-10 njengoba ngowezi-2016 kwedlule emhlabeni abantu abangama-361. Isigungu sibe sesishayela ihlombe amaphoyisa kaHulumeni, awomgwaqo nakaMasipala iTheku ngokwenza umsebenzi oncomekayo. Okunye okuvelile kulo mhlangano ukuthi isiShayamthetho saKwaZulu- Natal sizovulwa zingama-27 kuNhlolanja nonyaka. Ukuvulwa kwesiShayamethetho kuzolandelwa inkulumo kaNdunankulu wesifundazwe uMnu uWillies Mchunu eyaziwa ngeState of the Province Address, azoyethulela ezindlini zesiShayamthetho eMgungundlovu. Udaba lokuhlangana kwesigungu esiphezulu sikaHulumeni esaziwa ngeLekotla nalo luthintiwe kulo mhlangano nokuvele ukuthi izoba ziyi-14 kuya ziyi-16 kuNhlolanja nonyaka.
Umkhankaso owaziwa nge- Operation Sukuma Sakhe (OSS), kuvele ukuthi uzobanjelwa eRichmond zingama-31 kuMasingana. Izolo ngoLwesine uNdunankulu uMchunu uhambele indawo yaseMuden, eGreytown, nalapho bekuneMbizo umphakathi wakuleya ndawo ujabulela ukubuyiswa komhlaba. Olunye udaba olugqamile kulo mhlangano wesigungu esiphezulu seKhabhinethi yaKwaZulu-Natal, kube udaba lwabaholi bomdabu. Lapha lesi sigungu besibheka kakhulu lapho kukhona ukungaboni ngaso linye kubaholi bomdabu, kwavela nokuthi kuzothathwa izinyathelo zicubungulisiswe kahle izinto nezigameko ezidala kungabi khona ukuthula. Udaba lwezinja ezinamarabi liwukhathaza kakhulu uHulumeni wesifundazwe. Kulo mhlangano kufundwe umbiko ngamarabi nalapho khona kugqame udaba lwengane yomfana elunywe yinja enamarabi yashona endaweni yakwaMaphumulo.
Kuqhamuke isixazululo sokuba kwandiswe imithi yokujova izinja ezinalesi sifo, nokuthi iMinyango emibili oweZempilo noweZolimo bambambisane balwe nalesi sifo ngokuqala umkhankaso obhekene ngqo namarabi. Ukuphoswa kwamatshe ezimotweni emabhulohweni amakhulu kulesi sifundazwe, kuzethuse kakhulu izakhamuzi zaKwaZulu-Natal kwazise kunemiphefumulo emibili edlulile emhlabeni ngenxa yalesi senzo sobunswelaboya. Kungakho lolu daba lungazange lusale kulo mhlangano. Lezi zehlakalo zokuphonsa izinguzunga zamatshe ezimotweni zenzeke kuN2 eBlackburn naseMvoti. Kuphinde kwenzeka nakuN3 kuSpaghetti Junction naseMarianhill Toll Plaza. Nokho sekukhishwe amaphoyisa enza uphenyo olunzulu ngalolu daba. IKhabinethi iveze ukuthi sekunamaphoyisa aqapha lezi zindawo amahora angama-24.
Ibe seyinxenxa amalungu omphakathi ukuba ayelekelele kololu daba njengoba lezi zinswelaboya zingamalungu omphakathi. Ukushona kwabantu kubangwa imizila yamatekisi, eLadysmith kuphoqe ukuthi ngasekupheleni konyaka amiswe amatekisi kuleya ndawo ngaphansi kobuholi bukaMphathiswa uMnu uMxolisi Kaunda. Selokhu kwangenelela uMnyango weZokuthutha kulolu daba akekho umuntu osashonile eLadysmith. Isigungu esiphezulu seKhabhinethi siveze ukuthi izingxoxo zokubuyisana zisaqhubeka phakathi kososeshini abathintekayo, nokuthi inhlansi yokubuyisana ikhona.
Amalungu esigungu seKhabhinethi ashayele ihlombe imiphumela yamatikuletsheni njengoba ikhuphukile yaba ngamaphesenti angama-72,9. Ngonyaka wezi-2016, abafundi bamatikuletsheni kulesi sifundazwe baphasa ngamaphesenti angama-66,4. Isifunda iLembe isona esenza kahle kakhulu njengoba kuyisona esaba nabafundi abaningi abaphasile kunazo zonke izifunda KwaZulu-Natal. Kuphinde kwaphuma isiphakamiso sokuthi izikole ezidonsa kanzima ezithola izibalo zokuphasa ezingaphansi kwamaphesenti angama-30, zizobukisiswa, kuhlinzekwe nangezinsiza ezifanele njengoba esinye sezifiso zesifundazwe kulo nyaka kuwukufinyelela ekuphaseni kwabafundi abangama-81 phesenti. UNdunankulu uphinde wagcizelela ukusebenzisana okuhle kothisha nothishanhloko. Unxenxe ukuba nezikole zibambisane zifunde kwezinye ngenhloso yokukhuphula amaphesenti okuphasa kwabafundi.