Iningi labasebenzi basezindlini lisalithwele ijoka



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Isimo somnotho esinzima siholela ekwandeni kobungozi abasebenzi basezindlini abazithola bengaphansi kwabo . Izindleko eziphakeme zokuphila, ukukhuphuka kwamazinga okuntuleka kwemisebenzi kanye nezindaba ezinjengokucinywa kukagesi kwengeze ezinselele abasebenzi basezindlini ababhekana nazo.
Izinhlangano ezibamele zithi abaningi balahlekelwa yimisebenzi kungafanele kanti abanye ngaphandle kokwaziswa ngaphambili kokuthi baxoshwe. Abanye baholelwa kancane futhi bancishiselwe amahora okusebenza. Ukubambelela emikhubeni yabasebenzi enobulungiswa kanye nokuphoqelelwa kweziphathimandla nakho kungezinye zezinselelo kulo mkhakha.
Isimo sezomnotho esinzima, esibonakala ngezindleko eziphakeme zokuphila, inzalo ephakeme kanye namazinga aphakeme okuntuleka kwemisebenzi, kuye kwabangela ukuba amakhaya acindezeleke ukuba aziphilise. Imizamo yokunciphisa izindleko ngemizi, kwesinye isikhathi, isho ukudedela abasizi basekhaya. Imininingwane evela kwabe-Statistics South Africa ikhombisa ukuthi imindeni ezimele ichithe imisebenzi eyizi-30 000 kwikota yesibili uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Izinhlangano ezimele abasebenzi basezindlinizithi abanye abasebenzi badedelwe ngaphandle kwesaziso sangaphambili noma iphakethe lokuyekiswa( severance package). Abanye bancishiselwe amahora abo, okusho ukuthi iholo elincane kubo.
Owe-United Domestic Workers of South Africa, uPinky Mashiane, uthe nakuba abanye abaqashi bedonsa kanzima ukuze bakhokhe iholo elilinganiselwe likazwelonke, abanye bavele benqabe ukuthobela umthetho.
“Kunabaqashi abaholela abasebenzi basezindlini ngendlela efanele, abanye i-minimum wage kazwelonke, abanye baze bakhokhe ngaphezu kwenani elilinganiselwe likazwelonke esikujabulela kakhulu. Siyazi futhi ukuthi kukhona abaqashi abangenawo amandla okukhokhela abasebenzi basezindlini, bona abasezindlini bazothi hlasimpe umqashi wabo usehlukanisile ( divorce) , udonsa kanzima noma udayise imoto yakhe, bayasibona isimo sokuthi nabo abaqashi babo badonsa kanzima kodwa. kukhona nabaqashi abaxhaphaza lesi simo bashaye sengathi abakwazi ukukhokhela abasebenzi basezindlini imali eyisilinganiso kazwelonke, bazoholela abasebenzi babo imali encane kakhulu kepha bebe bekwazi ukuthengela izinja zabo ukudla okumba eqolo kodwa umsebenzi wasendlini nguyena ozogcina eholelwa ushintshi osele.” Kuchaza owe-United Domestic Workers of South Africa
Le nhlangano ithi imindeni engakwazi ukukhokhela amaholo amancane kufanele inciphise amahora asetshenzwa abasebenzi basezindlini ukuze bathole isikhathi sokwenza eminye imisebenzi ukuze bakhulise iholo labo. Amanani aphezulu okudla okuyisisekelo asho ukuthi abahola kancane yibona abathinteka kakhulu ekuzameni ukuziphilisa.
Umkhakha othintwa kakhulu ukuthambekela kwezomnotho
IZWI Domestic Workers Alliance ithe lo mkhakha uthikamezeke kakhulu ngenxa yesimo somnotho, njengoba imindeni ishesha ukudiliza noma ukunciphisa amahora asetshenzwa ngabasebenzi basezindlini uma ihlangabezana nokushaqeka. Futhi ngamaholo aphansi atholwa abasebenzi basezindlini, kuba nzima kubo ukongela izinsuku ezinzima, okubenza bangabi namali uma behlangabezana nobunzima.
“Lemboni nemisebenzi ehlinzekwa ngabasebenzi basezindlini igxile kakhulu emphakathini waseNingizimu Afrika, ngakho-ke uma nje izinto seziphindelela abantu bavamise ukuqasha umuntu kodwa kubaphazamisa kakhulu nabasebenzi uma kwenzeka lawo magagasi ngoba okwamanje basuke sebelahlekelwe wumsebenzi wabo. imisebenzi futhi abaholi ngokwanele ukuthi bagcine noma iyiphi imali, ngakho-ke awukho umcamelo, futhi ingxenye enkulu, abantu baxosha umsebenzi wabo wasendlini, bangahambi ngendlela yomthetho, bavele bathi angabuyi kusasa akukho nkokhelo, akukho sixwayiso, isikhathi sesaziso njll.”
Izinhlangano ezimele abasebenzi basezindlinizithi cishe amaphesenti ama-3 abasebenzi basezindlini angamalungu ezinyunyana. Lokhu kubenza bahlale bebodwa ezindaweni zabo zokusebenza futhi kubashiye besengozini, okwenza kube nzima ukulwela amalungelo abo.