Uguquko lukaHulumeni lugcina luyizindleko ezichaphazela ibhizinisi



UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
Kucacile ngempela ukuthi izinguquko zesine emkhakheni wezimboni [4IR] ziphoqa izinguquko eziningi emikhakheni eyahlukene. Kulabo abasebhizinisini zibashiya nemibuzo yokuthi kumele baguqule izinto ezithile embonini noma baziyeke zinjalo. Isikhathi esiningi uma kunezinguquko ezenzekayo engxenyeni ethile yemboni, kuyamphoqa umnikazi webhizinisi ukuba naye enze ezakhe izinguquko kwelakhe ibhizinisi. Lokhu kuhambisana nezindleko, ezifika kwesinye isikhathi zingahlelelwanga, kodwa zingamniki isikhathi umnikazi webhizinisi sokuzikhethela. Ukufika kokhuvethe nakho kufike nezindleko eziningi ebezingalindelekile, njengokusebenzela emakhaya, okuyinto amabhizinisi abengayihlelile.
Ngakolunye uhlangothi noHulumeni akazibekile phansi eletha izinguquko, olunye phezu kolunye, kwesinye isikhathi kubonakale ukuthi ziza nezindleko emabhizinisini, emphakathini, nakuye uHulumeni uqobo. UMnyango Wezokuthutha uphezu kohlelo lwezinguquko ekubhalisweni kwezimoto, namanambapuleti, okuzophoqa wonke umuntu onemoto angene ephaketheni athenge izingqwembe ezintsha, ezizokube zinobuchwepheshe obuthile. Noma ngabe uthanda kangakanani ukuzigcina lezi zingqwembe onazo emotweni yakho, azisenamsebenzi, ngoba sekufanele uthole lezo ezisemthethweni. Kuyenzeka ezinye zalezi zinguquko kube ngezifundwe kwamanye amazwe asethuthukile kunaleli lethu, kuthi singakabi phi, kube sekumele kwenziwe izinguquko futhi. Kuzanywa okuthile kubuye kulahlwe. Nakhona ekubhalisweni kwezimoto zilandelane eduze izinguquko zize zidide nabanye abazisebenzayo.
UMqondisi Jikelele eMnyangweni Wezokuthutha, uMnu u-Alec Moemi umemezele izinhlelo uMnyango ophezu kwazo zokungenisa uhlobo olusha lwamanambapuleti ezimoto, oluyingxenye yemithetho emisha yokusetshenziswa komgwaqo. Echaza lolu hlobo olusha ngoLwesithathu kuleli sonto zili-13 kuMfumfu, uluchaze lolu guquko njengolubalulekile ekubaluleni izimoto ikakhulukazi uma kunengozi eyenzekile, kungasekho ongase achaze. Uthe lolu hlobo lwenambapuleti luzokuba namacashazi afihlekile, kodwa azokuba nomsebenzi othile ekuchazeni imoto. Ukuchaze lokhu waze wathi kuzokuba lula ukubamba labo abanamanambapuleti angekho emthethweni. Abanye bazokhumbula ukuthi nangenkathi kwethulwa lolu hlobo olukhona lwamanambapuleti kwashiwo okufanayo. La macashazi afihlekile azokuba nemininingwane yemoto okubalwa kuyo inombolo yokuhlonza isithuthi iVIN kanye nezinye izinombolo ezibalulekile.
Kuzokuba nomthelela omkhulu kulabo abakhiqiza izimpawu zomgwaqo, nalabo abakha amanambapuleti. Kusobala ukuthi kumele bakhuphule izinga lemishini yabo ukuze ikwazi ukukhipha lolu hlobo lwamanambapuleti anobuchwepheshe obungaphakathi kuwo. Kungena lolu hlelo olukhona njengamanje kwenzeka okufanayo, abanye abakhiqizi bazithola bengavunyelwe ukukhiqiza lolu hlobo lwamanambapuleti ngoba bengagunyaziwe ngokusemthethweni. Izimo ezifuze lezi zivamise ukubathola lapho bebancane khona aboHlanga. Kubalulekile ukuthi babe beqala belandelisisa abakulo mkhakha webhizinisi, ukuthi bazilungiselela kanjani ukuze lithi livuma iPhalamende babe sebemi ngomumo.
Amabhizinisi asebenza ngezimoto eziningi, njengalawo aqashisa ngazo azobhekana nezindleko zokuguqula zonke izimoto ezingaphezu kwenkulungwane. Ukuguquka kwenambapuleti yemoto eyodwa kusho ukuguqulwa kwamaphepha ayibalulayo kwesinye isikhathi. Wumsebenzi lo okumele amabhizinisi asebenza ngezimoto awulindele futhi awulungiselele. Lokhu kulindeke ekupheleni kwalo nyaka wezimali ophezulu.
Ekhuluma ngezingqwembe ayizincwadi zokushayela enyangeni kaNhlaba okhulumela uMnyango Wezokuthutha wathi kuzokuthi kuphela unyaka wezimali wezi-2021/22 uhlobo olusha oluwuqwembe lube selusebenza. Kusho ukuthi lezi zingqwembe ezikhona manje ziyokube sezingasasebenzi. Lokhu kuyimizamo yokwenza oluphucuzekile oluyolingana futhi lwamukelwe ngamazwe aphesheya. Luhambisana nobungcweti obuchazwa njenge-ISO18013.
Eminyakeni ebalelwa emashumini amathathu nginemoto, sengibhekane nezinguquko eziningana, eziphoqa umnikazi nomshayeli wemoto ukuba enze izinguquko. Njalo uma kwenziwa izinguquko kuba nencazelo ekwenza ukubone ukubaluleka kwalolo guquko olusuke luhlongozwa, futhi kucace ukuthi uma ungazenaneli lezo zinguquko uzohamba ngezinyawo. Okukhulu kunakho konke lezi zinguquko ziza nezindleko zikhokhelwa yibo abanikazi bezimoto.
Eminyakeni ethile eyedlule kwethulwa uhlobo lwezincwadi zokushayela eziwuqwembe oluncane, kwathiwa azisekho emthethweni lezo ezikumazisi. Lwaphuthunywa uqwembe ngoba nalo lwalunqunyelwe isikhathi esithile. UHulumeni wakuchaza lokhu njengenye yezindlela ezizoqeda umgunyathi wokuba nezincwadi zokushayela. Lokhu kulandelwe eduze wukwethulwa kukamazisi owuqwenjana oluncane, kodwa okumele umuntu alukhokhele imali esondela ekhulwini lamarandi. Uma ulalela emphakathini, baningi ababezabalaza ukuthatha lomazisi omusha, kodwa kwasho ukuthi akukho ukuzikhethela. Angikholwa ukuthi zonke izakhamuzi seziwuguqulile lomazisi oyibhuku oluhlaza. Ukuze umuntu amukeleke, nezicelo azenzayo ziphumelele, kuyamphoqa umuntu ukuba athathe umazisi owuhlobo olusha.
Akuminyaka emingaki kwaba nezinguquko kusukwa kumanambapuleti aphuzi ayebhalwe ngokumnyama, kwangeniswa lawa asebenza manje amhlophe abhalwe ngombala omnyama. Kwezinye izifundazwe, njengaseGauteng sezibe ziningana izinguquko kumanambapuleti, nakhona futhi kulwiwa nobugebengu, futhi kuphuthunywa ubuchwepheshe besimanje obusebenza ngekhompiyutha. Kwakhalwa kakhulu ngalezi zinguquko ngoba abanikazi zimoto babekhaliswa yinani elibizwa yilabo abakha lamanambapuleti amasha anobuchwepheshe obakhelwe ngaphakathi oqwembeni oluyinambapuleti.
Kumele sizilungele izinguquko, kodwa kungakuhle uHulumeni azihlolisise ngaphambi kokungena ezindlekweni ezizobuye ziguquke ngokushesha, zilimaze umnotho ovele untenga.