Now Reading
Kubhekwaphi uma kusukwa enkulumweni kaMengameli?
Dark Light

Kubhekwaphi uma kusukwa enkulumweni kaMengameli?

 

NJALO uma uMengameli ezokwethula inkulumo yesimo sezwe izindlebe ziyavuleka zilindele okusha angase akuveze okuzokuba yingqayizivele kulelizwe. Esekhulumile kuyaye kube nokuphawula okwehlukahlukene okwenza olalele azihlungele ukuthi yikuphi isizwe esingasizakala kukho kulowo nyaka wezimali. Namanje ngiyazi ukuthi baningi abasafuna ukuthi yikuphi abangase bakhele kukho ukuze ikusasa labo likhanye.

OSomabhizinisi bahlala bagqolozele umabonakude, noma balalele umsakazo uma bengekho ephalamende, ngethemba lokuthi kukhona okuzoxhumana namabhizinisi abo enkulumweni kaMengameli. Kwesinye isikhathi iyaye ize iphele inkulumo umuntu engayitholanga into angase abambelele kuyo, imnike ithemba lekusasa. Nakulo nyaka uMengameli wethule inkulumo yakhe waqeda, aphawula amaqembu epolitiki nezinyunyana, sekuyadlula kulelo zinga lokuphawula nokukhuluma okwehlukene, sekumele kuqale umsebenzi.

Kwabanye abantu inkulumo kaMengameli iyaye ifane nenkondlo ngoba isuke inomqondo ocashile odinga ukuhlaziywa kuphume umqondo okuzosetshenzwa ngawo.

Kumele kusicacele ukuthi noma seyethuliwe inkulumo, kuningi okungashintshile. Uma uqashiwe kusamele uvuke uye emsebenzini. Uma unebhizinisi lesitolo kumele uvuke ekuseni uyovula isitolo udayisele abantu, bakukhokhele, impilo iqhubeke. Kungakuhle inkulumo kaMengameli siyithathe njengombhalo esizobuka kuwo esingakuzuza, sithathe lokho okuzosiqhubela phambili ekusebenzeni kwethu. Le nkulumo ikhuluma ngokudephile ibuka kuzwelonke, kodwa ngokunomthelela kwizinhlobo ezehlukene zamabhizinisi.

Kungasisiza ukuya kuzithangami ezihlaziya inkulumo kaMengameli ukuze siyibuke ngeso elibanzi. Akulula ukuqonda zonke izinto uma uyihlaziya wedwa. Kuyiqiniso ukuthi ukuphumelela kwezomnotho akwenzeki ngokuphelele uma uhamba ngawedwana. Kuyadinga ukuhlangana nokuhlanganyela sibuke ukuthi singabambisana kuphi ukuze sibe nesiqiniseko sokuzinza emnothweni. Usuke ungakaphumeleli uma uzithola usesicongweni somnotho wedwa. Kuletha isizungu ukuzithola usendaweni lapho ungenabo abantu ongaxoxa nabo nicebisane ngomnotho osezingeni lenu nobabili. Ngakolunye uhlangothi akusizi ukulinda abantu ongabazi ukuthi bazimisele ukusukuma nini, okanye bayathanda yini ukuhambisana nawe. Kungakuphoqa-ke lokho ukuthi uhambe wedwa, kodwa ngeke ufike kude njengoba kwenzeka uma isizwe sihambisana. Kwenye inkathi kungakwenza uthathe lowo oseduze kwezinga lakho ukhohlwe wukuthi uzalwa kuphi.

Simelwe ukwakhela kulokho esinakho nesikwaziyo. Ngithanda kesibuke ezizindeni ezithile zomnotho, sibuke ukuthi sikuphi njengesizwe, futhi iqhaza silibambe kuyiphi ingxenye. Uma sibuka umnotho kuhle sibuke le nto abayibiza ngevalue chain. Uma umnotho unezingxenye ezintathu, eyokuhlela; eyokutshala neyokuvuna, ngifisa sifune ukuthi thina sikuphi. Uma singakaqali kukuphi lapho singangena khona kuvalue chain.

UMengameli uCyril Ramaphosa ethula inkulumo yobume besizwe. Isithombe: GCIS

Kungakuhle uma sihlaziya inkulumo kaMengameli sicabange sijule ngemikhakha engakangenelwa ngaboHlanga, sifunde kabanzi ngayo. Kukhona lapho inkulumo ithinta amathuba emisebenzi ibuye ithinte ezolimo njengomkhakha obalulekile ekuvuseni umnotho ofadalele. Lokhu ubuye wakuxhumanisa neminyaka eyishumi esele ohlelweni lweNDP. Kungasiza ukubuka isithombe esiphelele sanoma yimuphi umkhiqizo, sakhe uhlelo olungase lusebenze luveze amathuba emisebenzi, kanti futhi lusimamise umnotho.

Esinye sezibonelo kungaba ukubuka umshini ogaya ushukela. Lapha kumele sibuke ukuthi ushukela uvela kuphi. Siwubuke ngezigaba ezehlukene kusuka ensimini kuze kufinyelele lapho ushukela sewusesitolo. Kungenzeka kusungulwe uhlelo oluwuchungechunge lapho abantu basemakhaya bekhuthazwa ukuba batshale umoba noma olunye uhlobo lomkhiqizo ofanayo eziqeshini zomhlaba abanazo ezabelweni. Kungasiza ukuba kube nezimali ezingafakwa ukwelekelela ukuqala lolu hlelo.

See Also

Uhlelo olunjengalolu ngalubona lusebenza futhi luthela izithelo eminyakeni eminingi eyedlule lapho abantu babetshalelwa umoba ezindaweni zabo. Lokhu kwakusiza ngoba umhlaba omncane abanawo wawubakhiqizela futhi bazizwe befunda ukuzibhekela isivuno sabo. Bebehlahlelwa umoba kuze kube kathathu bese kuthiwa abazibonele. Bekuba yimali ebukeka iyinhle uma ifika iyisamba, ngoba beyifika umnikazi wendawo engazange enze umsebenzi otheni ukukhulisa umoba. Kwathi uma selufadalala lolu hlelo sekuphele isikhathi esinqunyiwe, kwaya ngokuya kuphela ukuchuma kwezimoba zabantu endaweni.

Uma kunohlelo lokufundisa olujonge ukwakha isisekelo somnotho lungenza abantu bakhule ngolwazi baze babe nomshini wokugaya umoba okungowabo. Lolu hlelo engiluchazayo lungasebenza ezinhlotsheni ezinye zemikhiqizo, eminye yayo engase ibe lula kunomoba noshukela.

Iningi laboHlanga alikabi sezingeni lobunikazi bomshini wokugaya ushukela, kodwa yinto engeke yehluleke uma yenziwa ngokusophiwe, kube nohlelo lokufundisa nokuphatha umshini.

Ubunikazi bomshini bubalulekile, ngoba umnikazi womshini uzinqumela yena ukuthi uyasigaya noma uyasinqaba isivuno. Uma esithatha isivuno, umnikazi wesivuno usemseni womnikazi womshini uma sekunqunywa imali eyinzuzo. Yizo lezinhlelo okumele sizibuke ngeso elibanzi singagcini ngokubuka izinhlelo eziphelela eduze, ezingenayo ivalue chain ecacile.

Scroll To Top