Now Reading
Izitoyotoyi zithi ziphikelela ukuyovikela impahla eFree State
Dark Light

Izitoyotoyi zithi ziphikelela ukuyovikela impahla eFree State

Lesi yisithombe esathusa abaningi. Isithombe lapho iqulu lababezibiza ngabalimi befuna ukungena ngendlovu iyangena enkantolo ukuze lizibambele ngezandla abasolwa. Khona lapho isithombe lapho imoto yamaphoyisa yabhujiswa ngomlilo. 

Lapha kwabe kuseSenekal esifundazweni iFree State. Lapha umphakathi wabalimi oningi labo kungabamhlophe wabe ugane umwabu emuva kokubulawa kwesisebenzi esimhlophe uBrendin Horner. Babili asebeboshiwe ngalesi senzo. Abasolwa bazovela enkantolo ngoLwesihlanu (namuhla).  

Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnu uJulius Malema ukhombe ezakhe eFree State nayilapho kuzobe kuvele abasolwa khona. 

Lesi simemezelo senze kwanokwesaba ukuthi kungenzeka kuphakame imimoya nhlangothi zombili. Lokhu kwenze kwanokukhuluma kokuthi kuzoqiniswa ezokuphepha, elaboHlanga lilunywe indlebe ukuthi vele izinhloli kanye nabanye kwezokuphepha batshaliwe kuleya ndawo ukuze kugwenywe isibhicongo.

Ngokusho kukaMalema amalungu eqembu lakhe “ayovikela impahla” yombuso nathe kuyacaca ukuthi amaphoyisa akuleya ndawo awanawo amandla njengoba iqulu leli labalimi lazenzela nje kwaze kwaba khona nokudubula. Khona lapho ube eselimisa elokuthi ngokuya lapha kabayi koseka abasolwa.

“Asiyi lapha ukuyozwelana nemigulukudu. Kodwa siyovikela idemokhrasi yethu esebungozini bezigilamkhuba, abalimi abacwasayo. Kulo mbuso wamanje, sinesibopho sokuvikela izwe lethu ebudlwembeni.

See Also

“Sidlulisa umyalezo wokuzwelana nowenduduzo kuyo yonke imindeni, nasemenejeni yepulazi. Ayikho into ewukubulawa kwabasemapulazini. Ukubulala wukubulala nje futhi kufanele kuthathwe kanjalo.”

Isigameko saseSenekal sehlukanise izwe phakathi kakhulu ngobuhlanga njengoba bekukhona abathi abalimi (iningi lalaba ngabamhlophe) bekumele baveze imizwa yabo nokuthi okwenzeke lapha kube wukukapaka nje kwesimo esibahlukumeze kakhulu. Ngakolunye uhlangothi iningi laboHlanga lithi ukube bekungaboHlanga abenza lokhu ngabe badliwe yizinhlamvu zenjoloba nesisi esikhalisa unyembezi, bathi amaphoyisa ayenzelela. Kwenzeka lokhu nje iDA ivulele uMalema icala lokuphehla udlame ngombhalo awufake ezinkundleni zokuxhumana ngalolu daba.

Scroll To Top