Eyabaqeqeshi kuSundowns ingadala izinkinga ngomuso



USihle Ndlovu ungumbhali wezemidlalo osesebenze njengentatheli iminyaka eli-17. Uke waba…
UMotsepe kubukeka sengathi uthande ukuphambuka, ubukeka esaba ukutshela abaqeqeshi okunguye oyinhloko
Ngihlale ngikuhlonipha kakhulu okwenziwa uDkt uPatrice Motsepe ikakhulukazi kunobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika.
Ngingakusho nje ngingahlonizi ukuthi le njinga seyibe nesandla ekuguquleni impilo yabantu abaningi ikakhulukazi abadlali bakanobhutshuzwayo. Phela akekho umdlali ongafuni ukuyodlalela iMamelodi Sundowns ngoba sonke siyazi ikhiwa ngamafosholo imali kuleli qembu likaMotsepe.
Ngiyazi abaningi bahlale bekhala ngokuthi iSundowns ibulala abadlali ngoba ishaya ngenqwaba yabo nokwenza abanye balibuke nezihlwele ibhola. Nami ngiyakuvuma lokho ngoba baningi abadlali esize sikhohlwe nokuthi bakhona bebe beduve kumaBrazilians bengasitholi isikimu. Nokho angifuni ukuzifaka kakhulu ekutheni iSundowns ibulala abadlali ngoba ibathenga ngemali yayo iphinde ingehluleki ukubaholela noma kungathiwa abasitholi isikimu. Okunye okwenza ukuthi ngingayisoli kakhulu iSundowns ukuthi abadlali banemiqondo nabo futhi bayazi ukuthi yini eseyike yenzeka kwabanye abadlali abake basayina kuleli qembu. Ngaphandle kwalokho nje banabo abantu abaphethe izindaba zabo (agents) engikholwa ukuthi kumele babeluleke abadlali ngokusayina kuSundowns ngaphandle kokujabulela ukuhola imali eshisiwe.
Kona akubi kuhle ukubona umdlali obelithola njalo ijezi eqenjini abesuka kulona esewumquba nje obuka ibhola uhleli nezihlwele. Kodwa ngiyaphinda futhi, akunankinga ukuthi umuntu athenge inqwaba yokudla ngemali yakhe bese eyibeka kusiqandisi angayipheki kuze kudlule izinyanga eziyisithupha. Angithi phela usuke ekuthenge ngemali yakhe futhi esebenzisa isiqandisi sakhe ukukugcina kungonakele.
Angikho nokho lapho, ngifisa ukukhuluma ngokuqashwa kukaSteve “Mphathi” Komphela njengomqeqeshi omusha weSundowns. Labo abangijwayele bazi kahle ukuthi ngiyamhlonipha uKomphela futhi angiwabukeli neze phansi amava akhe kunobhutshuzwayo. Okudida kakhulu ukuthi kuthiwe uKomphela uzoba umqeqeshi omkhulu kodwa uzobe ebika konke akwenzayo kubaqeqeshi abayizinhloko abaficile uManqoba Mngqithi noRulani Mokwena.
Angazi-ke noma ulimi lwabamhlophe ludida mina yini. Kodwa esitatimendeni esikhishwe yiSundowns ngoMsombuluko ngizwe kushiwo kanjalo. Ungaba kanjani umqeqeshi omkhulu kodwa uphinde ube ngaphansi kwabaqeqeshi abayizinhloko? Yini kungashiwongo nje kuqondwe ukuthi uKomphela uzoba yiphini? Noma-ke kuthiwe uyena ozoba yinhloko yabaqeqeshi bese uMngqithi noMokwena babe amaphini akhe.
Lapha uMotsepe ngibona sengathi uthande ukuphambuka impela. Ubukeka esaba ukutshela laba baqeqeshi abathathu ukuthi ubani oyinhloko nokuthi obani abangamaphini. Angazi-ke ukuthi usabani ngoba phela uPitso Mosimane (osecija i-Al Ahly) ubeyinhloko bese kuthi uMngqithi noMokwena babe amaphini akhe.
Okwenziwa uMotsepe ngibona kungeke kube nesiphetho esihle nakancane. Kunalokho ngibona ezobaxabanisa laba baqeqeshi abakhona ngoba abaqondi kahle ukuthi ubani oyinhloko okunguyena okumele athathe isinqumo sokugcina. Angiboni kuzohamba kahle kuSundowns uma inabaqeqeshi abathathu abazi ukuthi banamandla alinganayo. Bazoxabana ngokukhulu ukushesha, hhayi ngoba bebanga ukuhlakanipha kodwa ngoba bebanga ukuthi ubani omkhulu kunomunye.
Kwesinye isikhathi kuhle ukuzicacisa izinto ukuze kungabi nokudideka ngokuhamba kwesikhathi. Yinto engeyinhle neze ukuthi umuntu angazazi ukuthi wenzani emsebenzini nokuthi lokho asuke ekwenza kumele ahambe agcine kuphi nakho.
Engikubona kuMotsepe ubuvaka nje kuphela bokuhluleka ukuthatha isinqumo ngoba nakhu abaqeqeshi abakhona eqenjini lakhe uyabahlonipha bobathathu. UKomphela bekumele azithathele yena isinqumo sokuthi uzoya yini kuSundowns njengephini uma kuyilokho abelandelwe kona. Asikho isidingo sokusaba ukutshela umuntu ukuthi ngizokuholela usheleni ngomsebenzi ozowenza hhayi isihlanu. Uma umtshele engakawenzi umsebenzi kumele ukushiyele kuyena ukuthi uyayivuma yini indaba kasheleni.
Ngiyakuhlonipha osekuzuzwe yiSundowns kule minyaka embalwa eyedlule. Ngiyayihlonipha futhi nendlela uMotsepe abeseka ngayo bonke abasebenza kuleli qembu. Kodwa kulokhu ngibona sengathi wonke umsebenzi omuhle awenze eqenjini uzowucekela phansi. Hhayi ngoba la madoda amathathu ngiweya ngokwamava awo kodwa ngoba yena uMotsepe akafuni ukuwacacisela ukuthi izikhundla zawo zimi kanjani.
Uma kungenzeka nje iSundowns ingenzi kahle ngesizini ezothwasa, yimuphi umqeqeshi okumele athwale icala kulaba abathathu abakhona? Ngabe uMotsepe uyobaxosha bonke uma ebona isidingo sokwenza lokho?
Abasazi kangcono isiZulu baye bathi iningi liyabona ububende. Kulokhu ngihambisana naso lesi siZulu sakithi. Iqembu kuba kuhle nje ukuthi libe nomqeqeshi oyedwa oyinhloko bese kuba namaphini akhe. Ukube bengisezicathulweni zikaMotsepe bengizokhuphula uMngqithi abe yinhloko yabaqeqeshi ngoba usebe kuSundowns isikhathi eside ngokwanele. Uma nginquma ukulanda uKomphela bengizomcacisela zisuka ukuthi uzoba yiphini bese kuba kuyena ukuzikhethela.
Ungahamba kuwo wonke amaligi emhlabeni ngeke usithole lesi simo esikhona njengamanje kuSundowns. Uma umqeqeshi umethemba kumele umnike ithuba lokucija iqembu ngaphandle kokungabaza. Njengamanje kubukeka sengathi uMotsepe akekho umqeqeshi amethembayo kulaba abathathu anabo njengoba efuna baqeqeshe bonke ngokulinganayo sengathi bacula ekwayeni. Nakhona ekwayeni kuba nomehluko omkhulu ngoba kuba khona ocula indlela yokuqala, eyesibili kuze kuyoshaya kule endondayo.
Ngethemba ukuthi ngeke azisole uMotsepe ngesinqumo sakhe uma sekuphela isizini.