Now Reading
Izinduna zisalila ngesethembiso sikaHulumeni samaholo seminyaka
Dark Light

Izinduna zisalila ngesethembiso sikaHulumeni samaholo seminyaka

Yize sekuphele iminyaka ebheke kwemihlanu owayenguMengameli wezwe, uMnu uJacob Zuma, asayina umthetho ogunyaza ukuba kuholelwe izinduna kodwa kuze kube manje ongqongqoshe basashayana ngamakhanda mayelana nokuthi bazozinikeza nini imali yazo esize yaba ngaphezulu kwesigidigidi esingu-R1.4 (R1.4bn) ukusuka ngowezi-2014.

UZuma kwathi ngowezi-2014 wamemezela ukuthi izinduna zizothola imiholo yazo nokwathi ngoMbasa wezi-2015 zili-13 wasayina kuGazzete imiholo yazo ihlangene neyabo bonke abaholi bendabuko nabezinhlaka zikaHulumeni nezomthetho.

Kafushane kuGazzete uZuma kulesi simemezelo esisayinwe ngoNdasa wezi-2015 wayegunyaza ukunyuswa kwemiholo yezimantshi, abehluleli, abaholi bezinhlaka ezahlukene zikaHulumeni nezabaHoli bomMdabu ngokuvunyelwa iCommision for Remuneration for Office Bearers. 

Yilapho izinduna zajabula khona zibona isithunzi sazo njengengxenye yohlaka lobuholi boMdabu nanjengesakhiwo esibalulekile kuHulumeni nasemphakathini sinikezwa okusifanele.

Kuthe uma kuqhubeka isikhathi uHulumeni waKwaZulu-Natal ngaphansi kowayenguNdunankulu uSenzo Mchunu wenza isethembiso naye sokuthi bazoqinisekisa ukuthi imiholo yezinduna njengokumemezela kukaMengameli ziyayithola.

Akudlulanga isikhathi eside kwaqala isililo kuHulumeni wakhona KwaZulu-Natal usubalisa ngokuthi le mali yezinduna awunayo futhi noHulumeni kazwelonke awuzange usho ukuthi izovelaphi uma isiqala ikhokhwa.

Nakuleli sonto iphinde yagqama leyo nkomba nkombane njengoba elaboHlanga likhulume noNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uMnu uJackson Mthembu noNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu kuzwelonke, uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma noMphathiswa Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu KwaZulu-Natal, uMnu uSipho Hlomuka, kodwa kwacaca ukuthi akekho ofuna ukuqhamuka nencazelo ecacile.

Laba bahlonishwa bebe bonke esifundeni iHarry Gwala emcimbini kaHulumeni nokuyilapho elaboHlanga lisebenzise ithuba ukuba baphendule ngalolu daba lwezinduna ngoba ziyakhala ukuthi aziyitholi incazelo ecacile ngalo.

UMthembu uthe udaba alusekho ezandleni zikaMengameli kodwa seludluliselwe eMnyangweni kaMaDlamini Zuma nokuyiwo osungachaza ngazo zonke izinhlelo eziqondene nalo.

UNgqongqoshe uMaDlamini Zuma yena uthe akazukukwazi ukuphawula ngoba akazele lolu daba kulo mcimbi abekuwo kodwa uhamba ngolunye uhlelo acela ukuba agxile kulo futhi nemibuzo iqondane nalo.

Kube sekubuzwa uMphathiswa uHlomuka yena okhomba uMaDlamini Zuma, wathi balinde uMnyango wakhe kuzwelonke ukuba ubanikeze imali ngoba bona abanayo imali lapha ezingeni lesifundazwe eyabelwe imiholo yezinduna.

“Thina silinde uMnyango kazwelonke ukuba usabele imali ezoqondana nemiholo yezinduna ngoba lapha ezingeni lesifundazwe asinayo. Okunye sifisa kucace ukuthi azikho izinduna esezikhokhelwe selokhu kwasayinwa lesi simemezelo,” kuchaza uHlomuka.

Izinduna eziningi zikhala ngokuthi abanye ozakwabo sebeze badlula emhlabeni bebalisa futhi belwa ukuba bakwazi ukuthola le mali.

UNkk uSebenzile Nhlebela oyinduna yaseMakhendle eNkandla, uthe sebehlela nemashi ukuze bazwakalise izikhalo zabo ngalolu daba ngoba bayabona ukuthi akekho kuHulumeni ozimisele ukubanaka.

“Sibuhlungu ukuthi sekuphela iminyaka engaka kodwa namanje imali yethu asikaze siyithole. Okubi kakhulu ukuthi ezinye izinduna esasinazo sezigcine zidlulile emhlabeni zingakaziboni izithukuthuku zazo. Impela siyakhala ake nisikhulumele nabakhulu ukuthi yini lena ebambe imali yethu. Nasekuqaleni kwaze kwasiza ukuba simashe kwase kungenelela owayenguNdunankulu uSenzo Mchunu wazokhuluma nathi. Yilapho imali yethu eyanyuka khona isuka emholweni owawufana nesibonelelo esiyi-R1 300 ngenyanga yayoshaya ezinkulungwaneni eziyisi-R8,” kusho uNkk uNhlebela.

Uthe abasazi ukuthi uHulumeni kungani engabanikezi le mali ngoba osopolitiki bakhushulelwa njalo eyabo kodwa bebe benza umsebenzi ofanayo wokubheka umphakathi.

Ziyizi-2 039 izinduna ezibheke le mali ezathenjiswa yona nezisemthethweni ezihlala eMikhandlwini yaMakhosi ehlukene.

Onyakeni wezimali wezi-2017/2018  isifundazwe kwadingeka ukuba sithathe emgodleni waso izi-R252 328 000 ukuze kubhekelelwe izinduna ngemiholo. Kwaphinda nangonyaka wezimali wezi- 2018/19 kwadingeka ukuthi kwenziwe okufanayo bazame izi-R266 206 000  kwathi ngowezi-2019/2020 kwazanywa izi-R280 847 000.

Le mali yayithathwa eMnyangweni Wezemfundo, oWezokuhlaliswa Kwabantu neminye ngoba uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana ungenayo imali oyinikezwe uzwelonke.

OwayenguNdunankulu KwaZulu-Natal, uMnu uWillies Mchunu, wakhala ngokuthi lolu hlelo lokuholelwa kwezinduna luwumthwalo kubo beyisifundazwe njengalolu lokuthuthwa kwabafundi ayekhala ngokuthi lubadla imali abangenayo eyizigidigidi ngonyaka.

See Also

Izinduna sezikezazama nokuphazamisa ukhetho loHulumeni beNdawo obelungowezi-2016 ngoba zithi sezilinde kwanele ngakho akukho lapho zizovumela khona izisebenzi ze-Independent Electoral Commission (IEC) ukuba ziyovotisa abantu  ngoba zifuna izwi lazo lizwakale kangcono.

Udaba lwale  mali yezinduna lugcine seluphenduka ibhola lezombusazwe kunqakiswana ngalo njengoba owayekhulumela iDemocratica Alliance (DA) ekomitini leziNdaba zoMdabu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNksz uMbali Ntuli, atshela uMphathiswa uHlomuka ngonyaka odlule ukuba ayeke ukucasha ngesithupha kodwa akabenesibindi aphumele obala ukuthi ngabe umiphi ngalolu daba ngoba sesiside isikhathi izinduna zilindile.

IDA yayikhala nangokuthi okubuhlungu ukuthi nazo izinduna azikujabuleli ukuthi ukuze ziholelwe sekudingeka kuthathwe emalini okufanele engabe yakhela izingane izikole nabantu abampofu izindlu.

Okunye okwakukhalwa ngakho ukuthi lesi simemezelo samane senziwa kungahlelwanga ukuthi imali izovelakuphi futhi ubani okumele ayikhokhe njengoba iKwaZulu-Natal izikhalela ngokuthi ibhekene nanomthwalo wemali yohlelo lokuthutha abafundi.

NgoMbasa wakulo nyaka kunezinduna ezithi zona zibone emiholweni yazo kwengezwa imali eyizinkulungwane ezingama-R20 umuntu ngamunye nezazicabanga ukuthi iyingxenye yale mali eyamenyezelwa uZuma ngowezi-2014.

Ezinye bezithi le mali akucaciswanga ukuthi kwabe kungeyani kodwa ingene njengoba sekukhona uHlomuka .

Nokho ukubalisa okokuthi kwayona le mali aziyitholanga zonke kodwa yakhetha iphela emasini.

UHlomuka uphike wama ngentaba wathi akayazi leyo mali futhi ayikho induna esike yakhokhelwa okungaphezulu komholo ogunyaziwe neziwuholayo manje oyizinkulungwane ezibalelwa kwezingama-R96  ngonyaka nezigunyazwe iCommission for Renumaration.

UNkk uNhlebela uthe yena wayithola leyo mali kodwa akubhaliwe kusiqinisekiso sakhe somholo ukuthi ingeyani.

“Ngingomunye owayihola leyo mali kodwa ngabe ngizitshela ukuthi yiyo lena kaZuma ayimemezela okumele sikhokhelwe yona. Nokho yangena inyanga eyodwa ngemuva kwalokho ayangabe isabuya. Kunezinduna esasinazo esezadlula emhlabeni esibona ukuthi imindeni yazo iyogcina isele ngaphandle bese kunikwa abavale izikhala zazo ekubeni kwaziwa ukuthi le mali ayizibali izinduna ezingene ngowezi-2016,” kusho uNkk uNhlebela.

Scroll To Top