Now Reading
Isizoba sesithe inkulumompikiswano yabeDA
Dark Light

Isizoba sesithe inkulumompikiswano yabeDA

Oyilungu leDemocratic Alliance eSishayamthetho saKwaZulu-Natal neligaqele isikhundla sokuhola leli qembu kuzwelonke, uNks uMbali Ntuli, usegcine egobe uphondo ngokufuna eshashalazini imbangi yakhe, uMnu uJohn Steenhuisen ukuba babe nenkulumompikiswano esidlangalaleni njengoba sebevumelene ukuba yenziwe esithe ngaphakathi enhlanganweni.

UNks uMbali Ntuli ubephonsele inselelo uMnu uSteenhuisen inselelo yokuba babe nenkulumompikisano ngezinto abakholelwa kuzo nabangazenza uma sebehola iqembu odwa okaSteehuisen washaya phansi ngonyawo egoloza.

Kwenzeka lokhu nje selidumela emansumpeni ukuba kuhlale ingqungquthela yokukhetha yozoba ngumholi weDemocratic Allaince omusha njengoba ingqungquthela izoba ngoMgqibelo mhla zingama-31 kuMfumfu wezi-2020.

UMaNtuli utshele elaboHlanga izolo ngesikhathi enamalungiselelo okuphosa umkhankaso wakhe eNorthern Cape ukuthi iqembu linqume ukuba le nkulumompikiswano yakhe noSteenhuisen ingenziwa esidlangalaleni.

“Nakuba ngangicele ukuba siyenze bukhoma kodwa kuthathwe isinqumo sokuba siyenze ngaphakathi ngakho ayisezukuba sesidlangalaleni njengoba sasifisa. Ngaphandle kwalokho sekunzima kakhulu sonke sishaya imikhankaso yokuvala manje ngoba mhla zingama-31 ingqungqthela iyahlala. Ngikhuluma nawe nje ngilapha KwaZulu-Natal ngihambela abantu kodwa ngilungiselela nokuya eNorthern Cape bese kuthi ngoLwesithathu ngibe seCape Town. Khona kuyasetshenzwa kodwa okuthande ukuba nzima kube ukuthi amagatsha ethu amaningi awahlalanga ngenxa yokhuvethe,” kusho umaNtuli.

Lo mholi uke wahola uphiko lwentsha yeDA nokuyilapho azakhela khona igama ngezinto eziningi ayeqhamuka nazo ezazibukeka zidlisela ogageni i-ANCYL .

  Nokho eminye imibono yakhe yagcina isimqhatha nomholi weFedEx, uNkk uHelen Zille  nokwamakhela amazinyo abushelelezi waze wagcina esesula ekuholeni intsha.

Ngosuku asula ngalo wathatha indiza walibangisa eCape Town eyobikela okaZille ukuthi usezibeka phansi izintambo kodwa kuthiwa uNkk uZille akafunanga nokumbona.

Kunalokho wathumela umsizi wakhe ukuba amtshele elapho kwamukelwa khona abantu ukuthi kulungile uzwile ukuthi usulile, nokwenza uMaNtuli akangaqedi ngisho imizuzu  efikile wabuyela emuva engambonanga nokumbona uNkk uZille.

Okunye okwakumcasulile okaZille ukuthi uMaNtuli walwa bukhoma naye ephikisana nemashi eyayibhekiswe emahhovisi eCosatu yokukhalaza ngemisebenzi ngowezi-2012.

See Also

UNkk uZille wabiza umaNtuli ngeqhalaqhala esebenzisa igama elithi “uyiPrima Donna Fassie”.

Kumanje uMaNtuli ukholwa ukuthi sekuyisikhathi soguquko kuDA futhi uzobona kunguye olungele ukuthatha leli qembu aliyise lapho ekholwa ukuthi lizokwazi ukubasezingeni lepolitiki yaseNingizimu Afrika.

“Ngimatasa impela nemikhankaso yami kodwa phela ngibuye ngizibambe ngihloniphe imigomo yokhuvethe ngoba angifuni nje ukuthi abantu baqale bazibuze ukuthi umholi onjani lona obudedengu ongayihloniphi imiyalelo kaHulumeni. Yingakho ngibuye ngenze isiqiniseko sokuthi kwezinye izindawo ngikhuluma nabantu ngezincingo,” kuchaza uMaNtuli.

Ngaphandle kwalokho lo mholi uzishaya isifuba ngokuthi ukwazile ukukhulisa iDA eyifaka ezindaweni zasemakhaya ebezinganakiwe njengakoMkhanyakude lapho ayejutshwe khona owayenguMholi wayo KwaZulu-Natal, uMnu uSizwe Mchunu.

Phambilini kube namahlebezi okuthi uMaNtuli iqembu lifuna ukumyalela ukuba ahoxe ukuze adedele uSteenhuisen ukuba akhethwe ngaphandle kokuphikiswa ukuze yena okungenani agudluze uMnu uZwakele Mncwango ahole iKwaZulu-Natal.

Scroll To Top