Now Reading
Umphakathi wakwaHlathikhulu ukhala ezimathonsi ngokuswela amanzi
Dark Light

Umphakathi wakwaHlathikhulu ukhala ezimathonsi ngokuswela amanzi

Amanzi awumgogodla wenhlanzeko. Kulesi sikhathi lapho ukhuvethe ludla lubi, ludinga kukhushulwe izinga lenhlanzeko ukuze abantu baphephe kepha kusenezindawo ezibanga amanzi nemfuyo. UHulumeni ugqugquzela ukuba izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zihlanze izandla ngamanzi anensipho uphinde ugqugquzele ukuthi kukhucululwe lapho kuthintwa khona njalo ukuze abantu bangatheleleki ngalolu bhubhane. 

Khona kunjalo, kepha umphakathi wakwaHlathikhulu esigodini sakwaMkhize e-Estcourt uzibona usengcupheni yokuba ugileke yilesi sifo. Izakhamuzi amanzi zisawakha emthonjeni abanye bathi isesiphethwini lapho nemfuyo iphuza khona. Uma umuntu efike kuqeda ukuphuza imfuyo kumele alinde isiphethu siqale sithi ukucweba ukuze akwazi ukukha amanzi angazitshela  ukuthi ahlanzekile. 

Kulesi sigodi cishe isiphethu ngasinye siphakela imizi ebalelwa ema-30. Bakhona ompompi abafakwe uHulumeni phakathi kwemizi okungathi uma amanzi ebakhona bangaphakela imizi cishe eli-12. Amalungu omphakathi acele iBAYEDE ingawavezi athe cishe kuthatha izinyanga ezimbili kuya kwezintathu ngaphambi kokuba bavulelwe amanzi kanti uma evuliwe akuthathi isikhathi esingaphezu kwamahora angama-24 bese ephinda evalwa aze abuyiswe emva kwezinyanga.

Lo mphakathi ongaphansi kukaMasipala iNkosi Langalibalele ngaphambi kokhetho loHulumeni Bendawo ngowezi-2016 wawungaphansi kukaMasipala iMbabazane. 

Ilungu lomphakathi lithe: “Ngisho sisengaphansi kukaMasipala omdala asikaze sayithola inkululeko yamanzi egcizelelwa uMthetho Wokuhlinzeka Ngamanzi uNombolo 108 we-1997. Sasithi kuzoba ngcono uma sesinobunye ubuholi kepha kusafana ngoba le nkululeko namanje sisayizwa ngendaba. Udaba lwamanzi kule ndawo luphethwe uMasipala Wesifunda uThukela, unophiko lwamanzi nokuthuthwa kwendle nawo esibona usiyekelela.”  

Lisole izikhulu zikaHulumeni ngokufaka unswinyo kwaHlathikhulu nokuthi zisebenzisa izikhundla zazo ukujezisa lo mphakathi. Lenaba ngalezi zinsolo lithe: “Uma siqhathanisa nezindawo esakhelene nazo okuyiseMdwebu naseShayamoya amanzi bawakha ebaleni nabo abakhokhi lutho kuMasipala bathenga ugesi wamakhadi nje kuphela njengathi, kepha intuthuko yakhona inakwe kakhulu uma kuqhathaniswa nathi.” 

Liqhube lathi: “Asazi noma sizothi kunenhlese yepolitiki njengoba ngonyaka wezi-2016 ngaphambilini kwaWadi 11 bekuphethe i-African National Congress (ANC) kepha ngokhetho loHulumeni Bendawo ngowezi-2016 kwanqoba Inkatha Freedom Party (IFP) asazi noma bangcweka umdlalo wepolitiki ukuthi kumele babuyise uKhongolose ngoba uMasipala wona uphethwe i-ANC.” 

Elinye ilungu lomphakathi lithe sekuyophela iminyaka engama-27 iNingizimu Afrika yathola idemokhrasi kepha kule ndawo basabona besadla ngoludala, akukho zinguquko ezisakhona. 

“Ugesi sawuthola-ke ngowezi-2009. Manje akuhambeki ngisho nangezimoto umgwaqo ugugulwa ungafakwa ngisho inkwali, izimoto sezihamba emhlabathini uma linile akuhambeki uze uncamele ukuba kungamoshwa imali kaHulumeni ngokuwugugula ngoba basuke bewona bewuqedela,” kusho leli lungu lomphakathi nalo elicele ukuthi lingavezwa. 

Amalungu alo mphakathi athe azobhalela uMvikeli Womphakathi u-Adv uBusisiwe Mkhwebane incwadi ephuthumayo mayelana namalungelo awo acekelelwa phansi ilabo Masipala. Athe mhla ziyisi-7 kuNhlolanja bazothumela incwadi kuKhomishini Yamalungelo Abantu ngesenzo soMasipala babo.

See Also

Lo Masipala ungaphansi kukamlawuli, wangena ngaphansi kweSigaba 139(1) (b) kusukela ngoZibandlela wezi-2017. Phakathi kwezizathu ezawenza wafakwa ngaphansi kukamlawuli ukwehluleka ukusebenzisa imali owawabelwe yona kungqalasizinda, ukwehluleka ukuqoka izikhulu ukuba zigcwalise izikhundla eziphezulu nokwehluleka ukujezisa izisebenzi uma kukhona lapho zone khona. 

Izakhamuzi zivezele leli phephandaba ukuthi isifiso sazo ukuthi kungenelele uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu kepha eqinisweni lo Mnyango usungenelele iminyaka emithathu njengoba umlawuli uqokwe yiwo ukuba alekelela. 

Okunye ElaboHlanga elikutholile ukuthi lomphakathi ufisa ukuthi uMasipala Wesifunda uThukela ungenelele kanti nawo uhluleka nje ukuwuhlinzeka ngamanzi ngoba ungaphansi kukamlawuli. 

Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela uMasipala iLangalibalele ungayiphendulanga imibuzo oyithunyelelwe ileli phephandaba ngesonto eledlule kwala ngisho sekulandelelwa ngezingcingo. Kanjalo nowesifunda awutholakalanga ukuba uphawule ngalolu daba.

Scroll To Top