Kuvuleke ikhasi elisha kuKomphela



USihle Ndlovu ungumbhali wezemidlalo osesebenze njengentatheli iminyaka eli-17. Uke waba…
USteve “Mphathi” Komphela osanda kushiya iLamontville Golden Arrows wajoyina iMamelodi Sundowns, ubonge usihlalo waBafana Bes’thende, uMato Madlala, ngokumnika ithuba lokuqeqesha iqembu.
NgeSonto kuvele izindaba zokuthi uKomphela usezocija amaBrazilians ngokubambisana noManqoba Mngqithi benoRulani Mokwena.
“Ngithanda ukudlulisa ukubonga kakhulu kuSihlalo weqembu uMato Madlala neGolden Arrows FC ngokungeseka kwabo nokungigqugquzela ngesikhathi ngingumqeqeshi weqembu. UMato Madlala neGolden Arrows babe nesandla kakhulu ekukhuleni kwami kunobhutshuzwayo futhi ngiyohlale ngikubonga kakhulu lokho.
“Nginikwe ithuba eliyingqayizivele lokujoyina iMamelodi Sundowns njengomqeqeshi lapho ngizosebenza khona noManqoba Mngqithi noRulani Mokwena. Ngikubheke ngabomvu ukwenza lo msebenzi futhi ngethemba ukuthi ngizofaka isandla empumelelweni yeSundowns eNingizimu Afrika nase-Afrika yonkana,” kubeka uKomphela esitatimendeni.
Ukuya kukaKomphela kuSundowns kuchaza ukuthi i-Arrows kumele izame ukuthola omunye umqeqeshi. Njengamanje umqeqeshi okhona uMandla Ncikazi obeyiphini likaKomphela. UNcikazi usebe yiphini isikhathi eside ku-Arrows kanti ngeke kumangaze uma enganikwa ithuba lokuqeqesha Abafana Bes’thende.
UKomphela uzovala isikhala esivuleke ngokushiya kukaPitso Mosimane oseqeqesha i-Al Ahly yase-Egypt.